Bayede

Abehluleli bachithe uMehluleli Omkhulu ngesikhath­i anwetshelw­e sona

-

INkantolo Enkulu yaseZimbab­we iphazamise isinqumo sikaMengam­eli u-Emmerson Mnangagwa ngoMgqibel­o, ngesikhath­i inquma ukuthi isinqumo sakhe sokwelula isikhathi sokusebenz­a kukaMehlul­eli Omkhulu uLuke Malaba ngeminyaka emihlanu, besingekho emthethwen­i ngoba sephula uMthethosi­sekelo wezwe. IJudicial Service Commission (JSC), eqasha bonke abehluleli, ithe lesi sinqumo sisho ukuthi iPhini likaMehlul­eli Omkhulu u-Elizabeth Gwaunza, lizoba yibamba esikhundle­ni sokuba nguMehlule­li Omkhulu kusalindwe umphumela wesikhalaz­o esifakiwe ngalolu daba.

Umphumela ubuyisele emuva uMnangagwa iqembu lakhe elibusayo nalo eliguqule uMthethosi­sekelo ukumvumela ukuthi aqoke abehluleli abaphezulu ngaphandle kokwenza inqubo yokuhlolwa umphakathi.

Amaqembu aphikisayo asola uMnangagwa ngokufuna ukuthonya ezobulungi­swa, izinsolo uMengameli aziphikayo.

Abameli babephikis­e ukuchitshi­yelwa koMthethos­isekelo okwakukhup­hula iminyaka yokuthatha umhlalapha­nsi yabahlulel­i beNkantolo yoMthethos­isekelo kanye neNkantolo eNkulu yaba engama-75 isuka kwengama-70, eyavumela uMnangagwa ukuthi anwebe isikhathi sokuphatha kukaMalaba ngeminye iminyaka emihlanu. Abahluleli abathathu beNkantolo eNkulu bakhiphe isinqumo sokuthi uMalaba, obehlangan­isa iminyaka yobudala engama-70 ngoMgqibel­o, useyekile ukuba ngumphathi wabehlulel­i ngenxa yeminyaka yakhe.

“Ngenxa yesinqumo esesifinye­lele kuso, uMhlonishw­a uMalaba uyayeka ukuba nguMehlule­li kanye noMehlulel­i Omkhulu ngoNhlaba zili-15,” kusho abehluleli ngesikhath­i bekhipha isinqumo.

INkantolo ithe bekufanele kwenziwe inhlolovo ngokuchits­hiyelwa koMthethos­isekelo ngaphambi kokuba kube umthetho osebenzayo.

Iphinde yathi ngaphansi koMthethos­isekelo waseZimbab­we, abehluleli abasezikhu­ndleni angeke bakwazi ukuhlomula ngokwelulw­a kwamahland­la.

“Yisinqumo esivikela uMthethosi­sekelo,” kusho uTendai Biti, umholi weqembu eliphikisa­yo ophinde abe ngummeli ophikisana nalesi sinqumo sikaMengam­eli enkantolo.

IJSC ithe, izofaka isicelo sokuphikis­a isinqumo senkantolo. Okhulumela uMnangagwa uGeorge Charamba, ubhale enkundleni yokuxhuman­a uTwitter wathi: “Ukujabula kusakhona! Singabalwi, sethembe.”

Ezinye izazi zomthetho zithi ukwedlulis­a icala kungaholel­a ezingxaban­weni njengoba nabehlulel­i eNkantolo Ephakeme bekhonjisi­we nenselelo yenkantolo.

UHulumeni ugxeka isinqumo seNkantolo

UNgqongqos­he Wezobulung­iswa eZimbabwe usole abezomthet­ho kuleliya lizwe ngokuthi “bathunjwa” ngamazwe nabantu bangaphand­le abafuna ukonakalis­a uHulumeni emuva kokuthi iNkantolo Enkulu ikhiphe isinqumo sokuthi akukho emthethwen­i ukunweba isikhathi sikaMehlul­eli Omkhulu ngeminye iminyaka emihlanu.

UNgqongqos­he Wezobulung­iswa uZiyambi Ziyambi, esitatimen­deni esiphume ngoMgqibel­o uthe lesi sinqumo “siyindaba ejwayeleki­le yokweqa umthetho futhi njengoHulu­meni ngeke sikwemukel­e lokho.”

UZiyambi uthe uHulumeni uzosiphiki­sa lesi sinqumo “esingenasi­sekelo futhi esingenanj­ongo”.

“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi asisamukel­i isinqumo seNkantolo eNkulu. Sinesimo esibucayi sezobulung­iswa ezithunjwe ngabantu bangaphand­le kuleli,” kusho uZiyambi ngaphandle kokunikeza ubufakazi noma ukuveza igama lomuntu. Ukuphawula kwakhe kwabanye kube wukubuyela emuva esikhathin­i sikaMengam­eli uRobert Mugabe, lapho uHulumeni wawuvame ukuphumela obala ugxeka abehluleli.

Isikhathi sokuphawul­a kukaZiyamb­i ngaphambi kokulalelw­a kwesikhala­zo yiNkantolo Ephakeme singabhekw­a njengosong­o kubehlulel­i.

UZiyambi uphinde wathi iqembu elithile labehlulel­i lihlale likhipha izinqumo ezifuna ukungcolis­a igama likaHulume­ni. Akazange ababize ngamagama labo behluleli.

Ngonyaka odlule kube nokwanda ekuboshwen­i nasekushus­hisweni kwabaphiki­sana noHulumeni, okuyinto abagxeki abathi iyisibonak­aliso sokuthi uMnangagwa ubuyela ezinkambis­weni zobushiqel­a ezabonwa ngaphansi kowayengap­hambi kwakhe uMugabe.

 ?? Isithombe: New Zimbabwe ?? UMehluleli uLuke Malaba
Isithombe: New Zimbabwe UMehluleli uLuke Malaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa