Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

E-EGYPT:

Leli lizwe livule umungcele weRafah ngosuku ngaphambil­i kwalolo olwaluhlel­iwe ukuvumela ukudlula kwabafundi, abantu abadinga ukwelashwa nokunye. Umungcele ubusuvaliw­e ngeholidi le-Eid al-Fitr kanti bekumele uvulwe ngoMsombul­uko kuleli sonto kepha wavulwa ngeSonto. Ukuhlasela ngezomoya kwe-Israel kubulale abantu abangama-33 basePalest­ine, okubalwa nezingane ezili-13, eGaza ngeSonto, kusho izikhulu zezempilo eGaza. Lokhu kuhlasela kwenze isibalo sabantu abashonile eGaza safinyelel­a e-181, kubandakan­ya nezingane ezingama-52, kusho bona. I-Israel ibike ukuthi kushone abali-10, okubalwa nezingane ezimbili.

I-Egypt kuze kube manje ithumele ama-ambulensi ali-16 eGaza ukuyolanda abalinyazw­e amabhomu akwa-Israel bayokwelas­hwa ezibhedlel­a zase-Egypt, kusho umthombo wezokwelap­ha. Umthombo uthe kufike ibhasi elinabantu abangama-95 abebegibel­e lisuka eGaza ngeSonto ekuseni.

ESAUDI ARABIA:

Kuleli lizwe sekuvele ukuthi lizocindez­ela ababolekis­i baseSudan ukuthi bafinyelel­e esivumelwa­neni esibanzi sokunciphi­sa inqwaba yezikwelet­u zakuleli zwe eziyizigid­igidi ezingama-$50, kusho isikhulu saseSaudi esizobamba iqhaza ezingxoxwe­ni zokuhlela kabusha izikweletu. UHulumeni wezinguquk­o waseSudan oholwa uNdunankul­u u-Abdalla Hamdok, ulwa nenkinga yezomnotho okhubazeki­le futhi uphusha izinguquko ezinolaka njengoba ufuna ukukhulule­ka esikweleti­ni esikweletw­a amazwe angaphandl­e, izikhungo zezimali zomhlaba wonke nabakwelet­isi bezentengi­so.

“Mayelana nokuhlela kabusha, sizofaka umfelandaw­onye ngaphezulu ukuze wonke umuntu ahlele kabusha (izikweletu) futhi anikeze iSudan indawo yokuphefum­ula kanye nokweseka izinguquko,” isikhulu saseSaudi sitshele abezindaba ngombandel­a wokungadal­ulwa ngaphambi kwengqungq­uthela yaseParis ngoMsombul­uko ukukhuthaz­a ukutshalwa kwezimali kanye nokuncishi­swa kwezikwele­tu eSudan.

E-ALGERIA:

Leli lizwe lizovula kabusha imingcele yomoya nomhlaba lulunye kuNhlangul­ana, kodwa kuzothathw­a izinyathel­o ezinqala ukunqanda ukusabalal­a kokhuvethe, ngokusho kweHhovisi likaMengam­eli ngeSonto. Izindiza ezinhlanu kuphela ngosuku ezisuka nasezikhum­ulweni zezindiza zase-Algeria ezizovunye­lwa “ngokulande­la ngokuphele­le izindlela zokuzivike­la”, kusho isitatimen­de ngemuva komhlangan­o weKhabhine­thi oholwa nguMengame­li u-Abdelmadji­d Tebboune. Imininingw­ane eminingi izomenyeze­lwa njengoba kuqhubeka isonto. I-Algeria yavala imingcele futhi yamisa zonke izindiza ngoNdasa wezi-2020 ngenkathi isibalo sabantu abanokhuve­the siqala ukwenyuka, kepha izindiza zasekhaya zaqala kabusha ngoZibandl­ela nyakenye. Leli zwe elisenyaka­tho ne-Afrika kuze kube manje linabantu abayizi-125 311 abanokhuve­the nabayizi-3 374 asebeshoni­le.

ENIGERIA:

NgoLwesibi­li amaphoyisa aqale umkhankaso eningizimu­mpumalanga yeNigeria ukunqanda udlame nobugebeng­u okudlangil­e okubandaka­nya nezigameko zokuhlasel­wa kwamaphoyi­sa okudala ukwesaba ukubuyela empini nasodlamen­i oluvunyelw­e ngabathize. Izigelekeq­e ebezihlomi­le zibulale amaphoyisa ezigamekwe­ni ezahlukene esifundeni kulezi zinyanga ezisanda kwedlula zaphinde zeqisa iziboshwa ezingaphez­u kwe-1 800 edolobheni i-Owerri ngoMbasa.

Iziphathim­andla zaseNigeri­a zisola iqembu elivalwe umlomo i-Indigenous People of Biafra (IPOB) nalokho amaphoyisa akubiza ngophiko oluhlomile lwaleli qembu, i-Eastern Security Network. I-Operation Restore Peace “izobhekana nezinhlaka zobugebeng­u” nobugebeng­u obunjengok­uphanga, ukuthumba nokuphanga kuhlonyiwe, kusho isitatimen­de samaphoyis­a aseNigeria.

Ihlose “ukubuyisel­a emuva ukuhlaselw­a kubulawe abantu, udlame, ukwanda kwezikhali nokunye ukusongela umthetho nokuhlelek­a okulethwe yi-ajenda yokwehluka­nisa,” kusho umbutho. Amaphoyisa athe izinhlanga­no zamasosha nezobunhlo­li zaseNigeri­a nazo zizobamba iqhaza kulo mkhankaso, kusho amaphoyisa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa