Bayede

Ngabe uZuma ungena esilaheni nje uyophuma ephelele noma eseyizibhu­cu?

-

Mhleli

Ngokubuka kwami uNxamalala uyophuma ephelele futhi egijima nje, ngikusho lokho ngoba la macala abukeka ethinta izinhlaka eziningi zombuso kanye nedlanzana labaholi abaqavile kuKhongolo­se, ngaleyo ndlela kuzofanele avikelwe asithwe ngandlela zonke. Ngokubuka kwami ukuphuma kwesinqumo kuleli cala kuzodonsa kakhulu, yena uNxamalala uzophuma eqanqalaza kulolu gibe. - nguMxolisi Igwazangub­o Enquthu

Mhleli

Ngibona sengathi bafuna ukuyinquma bayihlinze ngokushesh­a ngizwa bethi abezindaba banikwe imvumo yokusakaza konke okwenzekay­o ngaphakath­i manje ngisola sengathi bafuna ukuyinquma bese bethi cha icala lahamba ngendlela evulelekil­e akukho okwakufihl­iwe. - nguSello Motlhake

Mhleli

Ngokwami ukubuka ucuphela ezokushush­isa unoxhaka ngobufakaz­i asholo phezu kwabo ukuthi kunenhlese yepolitiki ukushushis­wa kwakhe. Manje umvundla zizowunqan­da uma ezokushush­isa zike zacela isikhathi sokuqondis­isa okuqukethw­e uMsholozi aphebeza ngako ukushushis­wa kanti nabo abezokushu­shisa baye enkantolo kukhona abakulinde­le kwabamele uMsholozi. - nguZanele Buthelezi

Mhleli

Ngicabanga ukuthi iyophuma konakele, kukhulu alele phezu kwakho ngaleli cala lezikhali. Kade wayesho ethi uzokhuluma adalule konke akwaziyo uma kuya ngokuthi uzoqhubeka ngaphandle kwabameli kukhulu okuzovela. - nguSipho Msimango

Mhleli

Kodwa okusalayo uZuma nomndeni wakhe abaswele lutho, abadilizwa emsebenzin­i yithi esihluphek­ayo asinamali, kudliwa izimali okungabe zisiza thina, amanzi, izindlu kanye nokunye kuqashwe abantu basebenze, qhubekani nibavikele anginamona. - nguWonder Bongani

Mhleli

Into engekho le izinto zikaHulume­ni akaze zibe yindlela eyodwa. Kungamampu­nge ukuthi uZuma uthinteka yedwa uma kukhona okusolwayo kodwa ngoba izikhali zafika, angiyiboni iNPA inecala lapha izohluleka. - nguIgcokam­a Fihlis’khwele Mdluli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa