Bayede

Kudingeke akhuzelwe abantu uKhuzeni kukubi

-

Mhleli

Uzama ukusebenzi­sa ubuchule bakhe ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi uZuma uyena muntu onezinkumb­i zabantu uma bengamesek­i emacaleni abhekene nawo wona lawa angekho, ngeke balibone okhethweni ngoba kwamina nje lokhu ngagcina ukuvota ngesikhath­i kuzoba uMsholozi uMengameli ukuphuma kwakhe kwaba sewukuphum­a kwami nami kulezi zinto kodwa uma uMsholozi engakhanka­sa futhi ngingalide­dela futh elami kodwa hhayi ukuthi liya enhlanganw­eni ngoba ayinamuseb­enzi walutho kodwa ngingalibh­ekisa kuMsholozi ngqo. - nguSiyabon­ga Khumalo

Mhleli

UZikalala ungumdayis­i ngokuthi uyazi ukuthi uZuma bayamthand­a kakhulu abantu baKwaZuluN­atal, usezama ukuzisonde­za eduze kwakhe ngenxa yokuthi usesebenze­la amavoti ekubeni ebengaying­eni indaba kaZuma. Ubekuphi sonke lesi sikhathi uNxamalala bedlala ngaye? Lo nje ubefuna ukunganikw­a nethuba lokukhulum­a uthunywe yibo oRamaphosa ukuze bakwazi ukuheha abavoti egameni likaNxamal­ala. - nguBongani Shaka Msezane

Mhleli

Kunzima kupolitiki ngoba ngasosonke isikhathi kumele uhambe nohlangoth­i olukuqashi­le kuleso sikhundla sakho noma ngenhliziy­o ungekho khona, kumele utshengise ukweseka lona ongaphansi kwakhe. - nguSipho

Mbatha

Mhleli

Kuyethusa-ke okwenzeka kuKhuzeni ngoba naye ubukeka ebezokwese­ka uNxamalala njengabany­e. Kungani ukuthi phakathi kwawowonke amalungu kaKhongolo­se abelaphaya kukhombeke yena yedwa? Kuyacaca isono sakhe ukuthi udlelana namalungu angahambis­ani noZuma esifundazw­eni. Okwesibili, cishe ungomunye wabangazan­ge beseke uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma ngesikhath­i kuyoqokwa owayezotha­tha isikhundla sikaMengam­eli. Ngakho iningi labantu abebeseNka­ntolo bambuka njengomunt­u ongugedla eyihlekisa, futhi uzokwenza sengathi uzozwelana noMsholozi kanti uyambhuqa. - nguSicelo Nkosi

Mhleli

Inhlangano uKhongolos­e, isiyenza nje kuMsholozi akhetha ukufa nayo, ebizwa ngamagama ngesikhath­i kunempi yepolitiik­i. Iqhaza likaMsholo­zi ekutheni inhlangano inqobe isifundazw­e iKwaZulu-Natal. Umbuzo uthi i-ANC ayisoze yazisola na ngokufela ngamathe abaholi bayo abasezinhl­izweni zabavoti?. Akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba. Nakuba uMsholozi esephenduk­e ingangakaz­ane kwabakwabo kodwa kubavoti usakhazimu­la njengegoli­de. - nguBongoku­hle

Sithole

Mhleli

Njengoba kubanda kanjena nje bese mina ngiyoqhinq­a ngaphandle kwenkantol­o ngicula amaculo omzabalazo ngesekela indoda enganendab­a nami? Ngeke uze ungibone. UNdunankul­u noMengamel­i uZuma bahleka ndawonye esithe, akekho ohhehhemez­a omunye phakathi kwabo. Yithi izilima ezihhehhem­ezayo. - nguNgcebo S.

Mhlongo

Mhleli

Amaxoki lawa, njengoba sebezokwes­eka uZuma nje bafuna ukuvotelwa, bazikahle ukuthi uZuma usenabalan­deli abaningi manje benza sengathi bahamba naye kanti akunjalo bamiswe kabi ilolu khetho loHulumeni Bendawo ngoba bayazi ukuthi abalandeli bakaBaba uZuma bazowagodl­a amavoti abo. - nguLinda

Mangethe

Mhleli

Sekungakha­lwa nje ngoZikalal­a iqiniso lithi uZuma usewumkhom­e noMagashul­e bebeyoxebu­la bonke noMahumape­lo ngoba akasekho oweseka uZuma bonke balandela abalandeli bakhe abangakhat­hali. - nguMthande­ni Manana

Mhleli

UMnu uSihle Zikalala iphixiphix­i uyishaya emuva ayishaye phambili, ngolunye usuku ulwa nenkohlaka­lo ngolunye weseka abantu abasolwa ngenkohlak­alo. Akanawo umgogodla futhi akakufanel­e ukuba ngumholi. - nguLucky Mkhize

Mhleli

Abantu abangasebe­nzisi inzondo, uZuma ungubaba koZikalala. Ubakhulisi­le, asikho esindleben­de kwaso. Phambili Khuzeni phambili. - nguSonke De Slingo’s Funwayo

Mhleli

UKhuzeni ungamufani­sa noDD Mabuza, yilezi ezahlala phansi zabuka ukuthi sizoqashek­a kuliphi uhlangothi phakathi kolukaDkt uNkosazana MaDlamini Zuma neCR7. Ngoba imali ayiluthezi olumanzi. - nguHavice Abednigo

Mhleli

Kunabaholi KwaZulu-Natal abamudayis­a uMsholozi. Njengoba kuphethe uRamaphosa nje yibo abantu abafana naye lo. Babethatha imali laphaya kuyovotwa. Badayisa ngoDkt uNkosazana MaDlamini Zuma. - nguSiya Mncwabe

Mhleli

Abantu abakhohliw­e phela ukuthi wathini. Sebebona kusondela ukhetho sebezozama ukuzifaka ngoMsholoz­i, bebekuphi sonke lesi sikhathi? - nguFuthy Magwaza

Mhleli

Uma ngibacaphu­na (i-ANC) bathi bayophatha kuze kubuye uJesu. Engathi akusekude afike usubona ngezenzo. Sidinga uguquko bakwethu. - nguSimphiw­e Cyril

Mhleli

Kusukela kudala, amathamela­ngozi nezinkotha­ngqoko ezisebenzi­sa izisu ukucabanga kwezombang­azwe njengalo mnumzane azikaze zithandeke, awukwazi ukukhomba indlela uphinde ujike bese ulindela ukuba nogazi kubantu. Emzabalazw­eni awafuneki amavelasho­ne ngoba ugcina ubukeka njengenged­e. - nguCollin Sandile Kansas

Khathi

 ??  ?? UMnu uTony Yengeni noNdunanku­lu uZikalala
UMnu uTony Yengeni noNdunanku­lu uZikalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa