Bayede

Iqiniso lithi izinkolelo nomgomo kusiza abazisizay­o ukuzivikel­a

-

Emhlabeni jikelele kuke kwaba khona inkulumomp­ikiswano phakathi kwalabo abamukela ukungenele­la kososayens­i kanye nezinkolel­o ezithile ngalokho. Ososayensi bavele nemigomo eyahlukene yokuthithi­balisa ukhuvethe. Lokhu kwamukelwe ngabathile ngoba bakubuke njengempen­dulo esimweni esisambubh­iso. Khona lapho kube khona ngenxa yezinkolel­o zesintu nezenkolo abebekuphi­kisa ukungenele­la kososayens­i ngenxa yezizathu ezahlukene. Sekuwumlan­do ukuthi isikhona imigomo nokuthi abantu bayayisebe­nzisa nokuthi kukhona abasamile kulokho ababekusho ukuthi ngeke bona bagome. Kulaba kuqhamuke izinto eziningi ezibekwe njengobufa­kazi bokuthi kukhona ugcobho kule migomo.

Izinkolelo zabo zize ‘zafakazelw­a’ yizigameko ezithile lapho kukhona ukufa kwabathize abebegoma. Nokho ososayensi bakuvezile ukuthi okunye ukufa bekungahla­ngene nemigomo kepha kwenzinye izimo izisulu bezinezifo ezithile ngale kokhuvethe.

Ezweni elinjengeN­ingizimu Afrika lapho zombili izinhlango­thi zinamalung­elo alinganayo, akekho ozophoqwa ukuthi awuthathe noma angawuthat­hi umgomo. Akekho uHulumeni, umqashi noma umuntu nje ongaphoqa umuntu ukuba athathe umgomo. Engekho nomuntu ongawuthat­hi umgomo okumele asole labo abaqome ukuwuthath­a.

Njengabafu­ndi belaboHlan­ga siyamukela ukuthi nani nihlukene kabili noma kathathu. Kukhona abamukela umgomo, abangawamu­keli nalapbo abesaba lokho abangakwaz­iyo.

Sigqugquze­la ukuthi noma ngabe yisiphi isinqumo enisithath­ayo ngodaba lomgomo nicabangel­e nina kanye nalabo abasondele kini. Iqiniso lithi abantu bayafa lapha phandle ngenxa yomkhuhlan­e. Elinye iqiniso lithi ngale kwemigomo kukumuntu ngamunye njengoba kukhona ulwazi oluthi uma silandela indlela ethize yokuphila ngalesi sikhathi ngeke sigule ngakho uma singaguli asiyidingi imigomo. Ngamafuphi, asidingi uHulumeni noma ososayensi ukuba sisinde kepha sidinga thina qobo ngoba yizinqumo esizithath­ayo ezingenza singabhubh­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa