Bayede

Inqabakuth­olwa yethuba lokukhucul­ula kwaBendawo

Abavoti bangaziban­gula iva kulokhu babe nohlobo lwabaholi abehlukile kunemihlol­a abanayo kulesi sikhathi

-

Oshicilelw­eni lwethu lwaleli sonto sibheka udaba olumqoka loHulumeni Bendawo. Lolu wuhlaka lukaHulume­ni oselwaphen­duka umgodi kwamanye amaqembu okulahla noma ukwehlisel­a labo asebehlule­ke kuzwelonke nasezifund­azweni.

Kwamanye amaqembu lena yindawo yokuqinisa ukwesekwa kwabaholi abasemazin­geni okuthiwa aphezulu kulawo maqembu. Bafaka abantu abangabang­ani babo, izihlobo zabo ngisho abalingani kwezamabiz­inisi. Amathenda lawa asaba wumkhumba wokwenza inkohlakal­o kusetshenz­iswa ubuhlobo lobu.

Le mikhuba seyiphendu­le imikhandlu eminingi kuleli yaba zizinda zenkohlaka­lo. Okubi kakhulu wukuthi ngenxa yale mikhuba imiphakath­i eminingi yaboHlanga iphila ngaphansi kwezimo ezinyantis­ayo. Imigwaqo imagebhuge­bhu, amanzi ahlanzekil­e kawabonwa, ugesi ngabakhwek­azi kanti nokuqoqwa kwemfucuza yinto engaziwa. Konke lokhu kuholela ekucijeni kwemikhont­o emiphakath­ini kanjalo nakumiphak­athi kanye neziphathi­mandla.

Ukhetho oluzayo ngokumenye­zelwa nguMengame­li uRamaphosa oluzoba ngoMfumfu lulindelek­e ukuba lube ngolunzima emaqenjini amaningi. Kwelibusay­o kumele libuyise izinduku njengoba ngokwedlul­e laphucwa imikhandlu emqoka.

Kulawo aphikisayo ukhetho lolu luveza ithuba lokwandisa abantu abalimele kanjalo nokwanda kwemali ngoba baqokwa nje kukhona lapho bazobuye bathi phohlo lapha kulo iqembu. Amanye lolu wukhetho lokugcina ngoba uma beguqe kulo kuyizinkom­ba zalokho okuyokwenz­eka eminyakeni embalwa ezayo lapho sekubanjwa olukazwelo­nke.

Abanye abamqoka kulolu khetho ngabavoti. Yibo phela abaklomeli­sa inkohlakal­o noma bajezise abenzi bayo. Kulokhu abavoti abekade bekhala ngenkohlak­alo, ukugqoza kwezinsiza nentuthuko basethuben­i eliyinqaba­kutholwa ukuba bakhulume, hhayi ngomlomo. Hhayi babhubhise impahla ngomlilo kepha ethubeni lokuzibang­ula iva leminyaka.

Ngokuvota nje umvoti uyaklomeli­sa noma uyagweba okuthi uma sekwedlule ukhetho ukukhala lokhu kuqale embuzweni ekutheni kanti ukhala nje wabe ukhethe mhlola muni? Abathi ngeke bavote bazishaya ngetshe endaweni ebucayi ngoba phela bayovota abathanda imihlola kuthi nina enifuna ukubangula iva nihlale, umphumela kuyoba yiwo umhlola osuyoba nani iminyaka emihlanu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa