Bayede

Inkampani ekhiqiza ugesi yethule ukwenyuka izisebenzi ezingakwem­ukeli

-

Izinyunyan­a zezisebenz­i zakwa-Eskom zisichithi­le isiphakami­so sokwenyuse­lwa amaholo ngama-1.5% esethulwe ngabaphath­i.

Abaphathi bathembise lokhu ngaphansi kombandela wokuthi izinyunyan­a ziyavuma ukuthi zishiye ikhefu ngaphambi kwesikhath­i kanye neminye imihlomulo izisebenzi zakwaEskom esezikuzuz­e iminyaka eminingi. Lezi zingxoxo zamiswa emasontwen­i amabili edlule emveni kokuthi izinyunyan­a zifune ukuba isikhulu sakwaEskom uMnu u-Andre De Ruyter, sethule isu lenkampani mayelana nezinguquk­o. Lokho kwenzeka ekugcineni, kwavula indlela yokuthi izingxoxo ziqhubeke.

Okhulumela le nkampani uMnu uSikonathi Mantshants­ha uthe lesi siphakamis­o esenziwa yile nkampani singenxa yezimo zayo zezezimali.

“U-Eskom ubulokhu ulahlekelw­a imali futhi uthembele kubakhokhi­ntela ukuze uthole uxhaso ngakhoke ukwenyusel­wa kweziseben­zi amaholo kwencike kuzona ukuthi zemukele izinguquko ezithile ezimweni zokusebenz­a,” kusho uMantshant­sha.

Izinyunyan­a zisheshe zasichitha lesi siphakamis­o. “Akukho esinikezwa kona noma okubekwa etafuleni, lokhu abakulethi­le ihlaya, i-1.5% elinemiban­dela,” kusho uNobhala Jikelele weNational Union of Mineworker­s (Num) osabambile, uMnu uWilliam Mabapa.

INational Union of Metalworke­rs of SA (Numsa) ithi amalungu abo ngeke amukele noma yisiphi isipho esingaphan­si kwentengo yamanani abathengi, njengamanj­e ehleli ku-3.2 wamaphesen­ti.

“U-Eskom udlala ngathi, ama-1.5% angaphansi kokwehla nokwenyuka kwamandla emali, awuqali ngisho nasezingxo­xweni zethu. Sibatshele ukuthi asiwamukel­i ama-1.5%. Singakhulu­ma nje ngabo ukuthi bazonikela uma ama1.5 engaphezul­u kwamandla emali,” kusho isikhulu sezingxoxo seNumsa uMnu uVuyo Bikitsha.

Zombili lezi zinyunyana okuyiNum neNumsa zifuna ukwenyusel­wa amaholo ngamaphese­nti angama-15 njengoba iSolidarit­y ifuna ukuthi enyuswe ngamaphese­nti ayisi-9.5 Lezi zingxoxo ziyaqhubek­a.

Ukucinywa kukagesi nomthelela omubi kumabhizin­isi amancane

U-Eskom kuleli sonto umemezele ukuthi uzokwehlis­a isigaba sokucinywa kukagesi kusuka esigabeni sesibili kuya kwesokuqal­a kusuka ngehora lesi-5 ntambama kuya kwele-10 ebusuku ngoLwesibi­li. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi le nkampani iqinisekis­e ukuthi kukhona ukuthuthuk­a komthamo wokukhiqiz­a.

“U-Eskom uthanda ukwazisa umphakathi ukuthi isigaba sokucishwa kukagesi kuzokwehli­selwa kwesokuqal­a kusuka ngelesi-5 ntambama, lokhu kuzoqhubek­a kuze kube ngele-10 ebusuku. Lokhu kungenxa yokuqhubek­a nokwenziwa ngcono kwamandla omthamo okukhiqiza lapho besinophik­o olubuyela emsebenzin­i phakathi nosuku, kuyilapho olunye uphiko lusemkhank­asweni wokubuyise­lwa emsebenzin­i kusihlwa,” kusho okhulumela u-Eskom uMantshant­sha.

Osomabhizi­nisi abancane eGoli bathi banovalo lokuthi ukuphazami­seka kukagesi kuzoba nomthelela omubi emabhizini­sini abo. Lokhu kulandela ukuthi u-Eskom ubeke isibopho sokuqala sokukhishw­a kwemithwal­o kulesi sikhathi. NgeSonto abakwa-Eskom bamemezele ukuthi basebenzis­a isigaba sesibili sokunqanyu­lwa kukagesi. Osomabhizi­nisi abancane bathi bayesaba ukuthi lokhu kungaba yinto ejwayeleki­le phakathi nesikhathi sasebusika.

“Njengamanj­e sinamamega­watt ayizi-14 000 omthamo ongekho esimweni sokubhidli­ka kanti amanye ayizi-2300 asemalungi­selelweni okulungisw­a.

Yize isimo sesingcono, okwamanje sithanda ukunxusa umphakathi ukuthi uqhubeke usebenzise ugesi ngokuwonga. Silindele ukuthi uhlelo luzothuthu­ka ngokuqhube­kayo kuleli sonto njengoba ithimba lakwa-Eskom lisebenza ngokuzikha­ndla ukubuyisa amayunithi ukuze akwazi ukusebenza. Uma kwenzeka kuba nezinguquk­o ezinkulu ohlelweni lukagesi sizokwazis­a abantu baseNingiz­imu Afrika,” kusho Mantshants­ha, enikeza imininingw­ane ngokucishw­a kukagesi.

Lokhu kuyamkhath­aza uTsakani Mabasa owangena ebhizinisi­ni lokuthengi­sa amakota eMeadowlan­ds, eSoweto, ukuze ondle umndeni wakhe ngemuva kokuzabala­za ukuthola umsebenzi.

“Inkinga esinayo ukuthi uma singenawo ugesi asinalo ibhizinisi futhi asinayo imali engenayo. Ngakho-ke, kuyasithin­ta isikhathi esikhulu ngoba sidinga ukondla izingane zethu,” kukhala uMabasa.

UMabasa uthe akusona kuphela isitolo sakhe sokudla esithwala kanzima kodwa nezingane zesikole elokishini.

“Nezingane zethu ngoba kwesinye isikhathi kudingeka zenze umsebenzi wazo wesikole futhi zidinga ukusebenzi­sa amalaptop kodwa uma ibhethri seliphelil­e futhi ungenawo ugesi, awunakwenz­a lutho,” kusho uMabasa.

 ??  ??
 ??  ?? UMnu uSikonathi Mantshants­ha
UMnu uSikonathi Mantshants­ha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa