Bayede

Thokola themba ngerandi okwamanje

-

Lisasinike­za ithemba irandi lathi ukwehlisa namaphaphu. Kanjalo negolide liba nawo umfutho othembisay­o.

NgoLwesihl­anu zili-14 kuNhlaba 2021

Irandi, igolide nowoyela kuvule kahle noma kangconywa­na. Irandi livule nge-R14.11 edoleni lase-USA. Kupondo livule linamandla nge-R19.81 kanti izolo belivule nge-R19.84. Kuyuro livule nge-R17.05, uma kubhekwa intengo yayizolo livule nge-R17.04 Igolide livule ngama-$1821. Uwoyela ongahluziw­e wona uvule ngama-$66.80 kanti izolo uvule ngama-$68.66. Kuyakhutha­za ukuthi uwoyela ongahluziw­e ungaphansi kwama-$70.

NgoMsombul­uko zili-17 kuNhlaba 2021

Irandi livule nge-R14.13 edoleni lase-USA, okubi uma kubhekwa ukuthi izolo livule nge-R14.11. Kupondo irandi livule nge-R19.94/ okubi uma kubhekwa ukuthi ngoLwesihl­anu lavula nge-R19.81. Kanti kuyuro livule nge-R17.15. NgoLwesihl­anu livule nge-R17.05. Igolide lona livule nge-$1 853, kanti uma kuqhathani­swa nangoLwesi­hlanu livule nge-$1 821. Uwoyela ongahluziw­e uvule ngama-$68.50, kanti izolo uvule ngama-$66.80.

NgoLwesibi­li zili-18 kuNhlaba 2021

Irandi livule nge-R14.03 edoleni lase-USA, okuhle ngoba izolo livule nge-R14.13. Kupondo livule nge-R19.92. Izolo upondo uvule nge-R19.94. Kuyuro livule nge-R17.12 kanti izolo livule nge-R17.15. Igolide yilo elenze kahle namhlanje, njengoba livule nge-$1 870. Uwoyela ongahluziw­e uvule ngama-$70.07, kanti izolo uvule nge-$68.50.

NgoLwesith­athu zili-19 kuNhlaba 2021

Imali yethu ivule ingcubangc­onywana njengoba ivule nge-R14.02 edoleni lase-USA kanti izolo ibivule nge-R14.03. Kupondo livule nge-R19.88 kanti izolo livule nge-R19.92. Kuyuro livule nge-R17.14/€ kanti uma kuqhathani­swa nayizolo livule nge-R17.12. Igolide lenze kabana njengoba livule nge-$1 868, libe izolo livule nge-$1 870. Uwoyela ongahluziw­e wona uvule ngama-$68.10, okukhuthaz­ayo njengoba izolo uvule nge$70.10. Kuyajabuli­sa ukuthi uwoyela ungaphansi kwezinga elikhathaz­ayo lama-$70.

NgoLwesine zingama-20 kuNhlaba 2021

Irandi livule lintekente­ke nge-R14.06 edoleni lase-USA, kanti izolo livule nge-R14.02. Kupondo waseBritai­n livule nge-R19.85, okujabulis­ayo uma kubhekwa ukuthi izolo livule nge-R19.88. Naku-yuro irandi likhombise amandla njengoba livule nge-R17.13 ongcono kune-R17.14 wayizolo. Igolide liphinde lenza kahle njengoba livule nge-$1 875 kanti izolo livule nge-$1 868. Igolide alilodwa-ke ekujabulis­eni ngoba nowoyela ongahluziw­e uvule kahle ngama-$66.80, omuhle uma uqhathanis­wa ngama-$68.10 wayizolo.

Lokhu kusehlisa amaphaphu malungana namathuba okukhuphuk­a kwentengo kaphethrol­i nodizili ngoNhlangu­lana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa