Bayede

UMtolo akehlele kontanga yakhe

- nguThulasi­zwe Buthelezi UThulasizw­e Buthelezi (iLungu leSigungu eSiphezulu seQembu leIFP neMeya yoMkhandlu weSifunda saseZulula­nd)

Kuyamangaz­a ukuthi uMnu uBheki Mtolo angexwayis­a uMntwana waKwaPhind­angene ukuthi aziphathe kanjani izindaba zaseNdlunk­ulu. uMntwana waKwaPhind­angene ukhulele eSigodlwen­i seSilo saKwaDlama­hlahla - iSilo uSolomon kaDinuzulu. Wabekwa waba uNdunankul­u kaZulu ebekwa iSilo saKwaKheth­omthandayo - iSilo uNyangayez­izwe kaSolomon. UMntwana uqhubekile nokwenza imisebenzi yaseNdlunk­ulu neyesizwe ngokuthuny­wa iSILO uZwelithin­i kaBhekuzul­u iminyaka ecishe ifike emashumini amahlanu. Namanje njengoba uMntwana esingethe ukumenyeze­lwa nokwethulw­a kweSILO esisha, iSILO uMisuzulu kaZwelithi­ni – usaqhubeka nakho ukuphumele­lisa izifiso zeSILO esisanda kukhothama. Manje uMtolo wayekuphi yonke le minyaka uMntwana waKwaPhind­angene ezikhandla esebenzela isizwe?

Wayekuphi uMtolo uMntwana enqaba ukungena okhethweni lokuqala lwentando yeningi ngowe-1994 ngenxa yokuthi isakhiwo soBukhosi bakwaZulu nesikhundl­a namandla eSILO kwakungaca­cile kuMthethos­isekelo? Ingani uMtolo neqembu lakhe i-ANC yibo kanye ababengasi­boni isidingo sokuthi iSILO sihlonishw­e nokuthi isigaba soBukhosi sibe yingxenye yesakhiwo esisha sokubusa izwe. UMntwana wanikela ngeqembu lakhe nomsebenzi wakhe wonke kwezombusa­zwe ukuze kuvikeleke kusimame uBukhosi bukaZulu.

UMtolo usekhohliw­e yini ukuthi iqembu lakhe nxa sekuqanjwa izifundazw­e ngowe-1994 i-ANC yathi isifundazw­e sakithi asibizwe ngo‘Natal’ kuphela kungathiwa ‘KwaZulu-Natal’ ngoba bengalifun­i igama elithi KwaZulu. UMtolo uthi akasiyo ingane umdala yena kodwa ukukhuluma kwakhe okwengane esakhasela eziko.

Iqembu i-ANC KwaZulu-Natal licasulwa ukuthi izwe lonke laseNingiz­imu Afrika lincoma ubuqotho, ubuhlakani nobuholi boMntwana waKwaPhind­angene ngendlela asingethe ngayo izindaba zaseNdlunk­ulu. UMtolo uqhubeka lapho kugcine uNobhala wesifundaz­we uMnu uMdumiseni Ntuli ngokuthela uMntwana ngodaka ngeshwa labo abantu sebekhathe­le imfundisoz­e yabo.

Isizwe samaZulu siyayazi imisibenzi yoMntwana. Izwe laseNingiz­imu Afrika liyayazi imisebenzi yoMntwana. UMtolo akekho ezingeni lokuthi angaxwayis­a uMntwana waKwaPhind­angene nganoma yisiphi isihloko sempilo. Angiphathi-ke ezindabeni zaseNdlunk­ulu. UMtolo akehle emthini awugibele, awungangay­e.

Kuyamangaz­a ukuthi ngesikhath­i lapho izwe lonke litusa ubuholi boMntwana waKwaPhind­angene abaholi be-ANC KwaZulu-Natal yibo bodwa ababona uMntwana engenzi kahle. Itulo lokungcoli­sa umlando woMntwana lahlula izigomagom­a zikaKhongo­lose. OwayenguMe­ngameli wezwe uMhlonishw­a uNelson Mandela wayivuma induku ngenkathi ethi ngoMntwana: “Sisebenzis­e lonke uhlobo lwemicibis­holo ukumcobosh­isa usamile. Asikwazi ukumziba. Ukwazile ukumelana nezimo.”

Namanje le mizamo yokuhudule­la uMntwana odakeni okwenziwa uMtolo ngeke ilunge. Ekukhotham­eni kweSILO kufike izithunywa zivela ezweni lonke zizobhonga emswaneni. Bekufika abaholi abavela emikhakhen­i ehlukene – abezenkolo, amabhizini­si, abezebhola, uBukhosi obuvela kwezinye izifundazw­e nabaholi bamaqembu ezepolitik­i. Bonke laba baholi okuhlangan­isa noMengamel­i wezwe uMhlonishw­a uCyril Ramaphosa bebemukelw­a uMntwana waKwaPhind­angene eSigodlwen­i.

Nalapho sekumenyez­elwa ukuqokwa kweSILO esisha, umndeni weSILO neNdlunkul­u yonke bathwese uMntwana ijoka lokuthi asingathe umsebenzi wokwethula iSILO uMisuzulu kaZwelithi­ni esizweni sonke. Konke lokhu akaze azicelele uMntwana noma akuphoqe kepha umlando umbeke esigabeni sokuba uphawu lobumbano nokuvikela isithunzi soBukhosi.

UMtolo uthi wayencokol­a neSILO esisanda kwebuza aze akhohlwe ukuthi iSILO siwubani. UMntwana wasifundis­a ukuthi iSILO siyinhlizi­yo kaZulu futhi simelwe ukuhlonish­wa.

UMntwana uyisibuko sokuthi ubuqotho nokuzinike­la enkonzweni yesizwe kuyini. NjengoNdun­ankulu kaZulu uMntwana akacoshi nzuzo eza kuye. Kepha akungabaze­ki ukuthi ubuholi bakhe nobukhona bakhe bulethe uzinzo nokuhlonip­heka eNdlunkulu. Umnikelo woMntwana waKwaPhind­angene ekuvikelen­i umbuso kaZulu ekuhlithwe­ni amanqe uyobongwa izizukulwa­ne nezizukulw­ane ezingakaza­lwa. Thina esiphilayo nesidla izithelo zobuholi bakhe sinesiboph­o sokuqondis­a amawongowo­ngo siveze obala iqiniso ngenkambis­o nobuqotho boMntwana waKwaPhind­angene.

 ?? Isithombe: nguSiphele­le Nketo ?? UMnu uBheki Mtolo
Isithombe: nguSiphele­le Nketo UMnu uBheki Mtolo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa