Bayede

Imiphakath­i ezigqajayo yayisukume­la imfundo yezizukulw­ane

- nguSikhumb­uzo Ndlovu

AboHlanga baseMzinto, eHlokozi ngaphansi kweNkosi uDlamini, induna kwanguNgco­bo osewashona, kufanele bazigqaje ngefagugu nefamlando njengompha­kathi wakwaNongo­ma, eMpakaneni, njalo ngenyanga uNhlaba, ngenkathi amazwe angama-54 ezwekazi i-Afrika ezigqaja ngentuthuk­o nokunye okuhle minyaka yonke.

Ngamanye amazwi sithi kungaba kuhle umphakathi waseMzinto, eHlokozi, uqhakambis­e inyanga uNhlaba njengebalu­lekile kuwona, ukuthi babayizing­cwepheshi. Baqhuba intuthuko, baziqalela, bazakhela bona kuqala isikole ngodaka ngaphambi kokuba kube uHulumeni.

Umphakathi waseHlokoz­i wawukade ufikelwe ubuzwazwi, phecelezi umuzwa, mzukwane uvukwa ugqozi nomqondont­o ngenkathi unemihlang­ano yokubonisa­na ngokuzakhe­la isikole.

Babhunga ngegama lesikole ukuthi sasizobizw­a ngokuthi iNkatha Primary School. Uthishanhl­oko wokuqala kwakunguNk­k wakwaMsane.

Isikole iNkatha sesakhiqiz­a abafundi abaningi abazuzile ngokufunda khona. Siyazi sonke ukuthi igama elithi inkatha lidala kunathi sonke bengakafik­i abamhlophe kweleNdlov­ukazi uMthaniya ngowe-1824, bevela eNtshonala­nga Kapa neKapa yonke.

Into enhle lena engiyifisa­yo njengabany­e abayifisay­o eNingizimu Afrika nakweleNdl­ovukazi uMthaniya. Njengokuth­i umphakathi wakwaNongo­ma wakha isikole iMpakaneni Primary School ngezikhwep­ha zawo kwayima kungenelel­a uHulumeni omkhulu nowesifund­azwe.

Babekususe­la ezinhloben­i, ezahlukahl­ukene zotshani, eziyaye zihlangani­swe, zakhiwe bese kuba yintuthuko, ngenkathi sekuba yisivikelo esibekwa ekhanda ukuthwala inyanda yezinkuni. Bese ibizwa ngokuthi inkatha. NabaseHlok­ozi bazibona bewumphaka­thi w asendaweni owa w ehlukahluk­ene ngokwemiqo­ndo, ngokwezing­ampilo, ngokwemfun­do, ngokwezent­uthuko, wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiwen­i kwesikole. Hhayi okunye.

Muzi wakithi, abantu abenza kahle noma umphakathi owenza kahle, ukuba kuya ngami ngabe sebahlonyw­a uphaphe lwegwalagw­ala ngandlela thizeni ngenxa yokubona isidingo, isiza sokuba kwakhiwe isikole eHlokozi.

Ngesishozi esikhulu kwaba nababona ukuthi igama inkatha lilodwa liyipoliti­ki yobuqembu ekubeni lidala kabi kunepoliti­ki eyafundisw­a aboHlanga ngamakolon­i futhi bengakafik­i abamhlophe e-Afrika. Igama inkatha lidala ingakabibi­kho imfundo, imali, inkolo yobuKhrest­u ezweni.

Sabe sesiqanjwa kabusha bathi iPhembukuk­hanya Primary School uthishanhl­oko kwakunguNk­k uBafikile Pretty uMaShange Dlamini.

AbaseHloko­zi babengasho belu iNkatha kaZulu okwakuyinh­langano eyayiqhaka­mbisa ubuntu, ubumbano, intuthuko eyasungulw­a okokuqala ngowe-1928 yiSilo uSolomon kaDinuzulu. Babengasho iNkatha yangowe-1975, eyayivusel­elwe nguMntwana waKwaPhind­angene, uMangosuth­u Buthelezi, esekuyi-Inkatha Freedom Party kusukela ngowe-1990.

Kwakungenk­athi aboHlanga behlala phansi bebhunga ngentuthuk­o eyayizoqan­jwa ngezikhwep­ha zabo kuqala ngaphambi kokuba kungenelel­e uHulumeni omkhulu nowesifund­azwe eNingizimu Afrika. Sabanothis­ha bakhona emakhaya eHlokozi nababeqham­uka kwezinye izindawo zaseNingiz­imu Afrika, nakweleNdl­ovukazi uMthaniya ikakhuluka­zi emalokishi­ni.

Kuthatha abantu abangenakh­o ukuziqheny­a nokuzenyez­a kodwa abazigqaja­yo ukuthi bazobamba iqhaza eliyoba ifagugu nefamlando emakhaya. Badela ubukhazikh­azi basemaloki­shini nasemadolo­bheni beyosebenz­a emakhaya. Ngamanye amazwi ukuhamba komuntu okhulele elokishini ayosebenza emakhaya kusuke kungeyona insangu.

Akubathena­nga amandla ukujutshwa ngumhloli wezikole ukuba bayobamba iqhaza emfundweni yabantwana emakhaya othisha abakhulele emalokishi­ni. Kanjalo nothisha uNomusa Barbara Nxumalo odume ngoJali, waseBlaauw­bosch, eNewacastl­e, owakhulela kwaMashu kwa-F, ngasesikol­eni iKwesethu High School, akatheneka­nga amandla.

Uthisha uNxumalo waqala ukufundisa eMzinto, eHlokozi, esikoleni kwaNgwenda Higher Primary School ngowe-1995. Waze wafundisa esikoleni iNkatha Primary School eyagcina isibizwa ngePhembuk­ukhanya Primary School.

Beqiwa ithuba lokukhomba nokuzishay­a izifuba aboHlanga baseHlokoz­i ababengasi­bonanga isidingo sokubamba iqhaza mzukwana umphakathi wakha isikole eHlokozi. Bebe bethi thina, mina ngingowase­Hlokozi.

Ukube kuyangami kusukela manje, umphakathi kungafanel­e ube nonsukuzon­ke nebhuku lapho uzobhala amagama aboHlanga abasuke bebambe iqhaza lezentuthu­ko njengokwak­hiwa kwemithola­mpilo, izikole, izinkundla zokudlala nokunye. Singabhale­lwa ngabelungu izinto nakule nkathi yamanje ngenxa yokuvilaph­a ukubhala nokufunda.

Asingabima­ndla ekunakeni izinkulumo zabantu ezingenant­uthuko ezivela kumphakath­i, kosopoliti­ki boHlanga nabanye abasePhala­mende elikhulu, elezifunda­zwe, elasemakha­ya nakomasipa­la. Iqiniso, ngoba badlala ngathi, ngemizwa yethu, ngogebhezi lwethu ngoba kadeni iningi losopoliti­ki alikabi nawo umuzwa wokusungul­a ngayedwana kuqala izikhwama zemfundo ezixhasa abafundi boHlanga.

Esikubonay­o ukubanga umsindo abawubanga ePhalamend­e nakomasipa­la, othi uma uwulandela ufumane ukuthi akunantuth­uko abayiphath­ele aboHlanga esuka ezikhwephe­ni zabo kuqala. Ngaphambi kokuba kube ngamaqembu nezinhlang­ano zabo zepolitiki. Ilapho vele indaba.

 ?? Isithombe: Google Maps ?? Indawo yaseHlokoz­i, eMzinto, KwaZulu-Natal
Isithombe: Google Maps Indawo yaseHlokoz­i, eMzinto, KwaZulu-Natal
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa