Bayede

AboHlanga base-Afrika kungenzeka iningi labo liyinzalo kaZulu

- nguMfunise­lwa Bhengu

Kunokwenze­ka ukuthi iningi labantu boHlanga bokufika kuleli, esibabiza ngegama elithi ama‘kwere’ kumbe ama‘kwerekwere’, yimbewu yamaZulu eyasakazwa yiqhawe lakwaZulu uZwangenda­ba ngenkathi efulathela elakwaZulu, efuduka, engena phakathi naphakathi ezwenikazi i-Afrika.

Umlando kaZwangend­aba uyaziwa umhlaba wonke, kodwa lapha ngeke sawuphinda, ngaphandle kokuthi ufuduko lwamaZulu lujulile. Kukhona amabutho ayengamaZu­lu athunyelwa yiNgonyama uShaka ukuyolanda izinkomo zesiNguni eSudan, eJuba. Kanti kukhona amanye amaZulu ayezinze eKhemethe ngenkathi kubusa iNkosi uKhufu, abanye abambiza ngoCheops (3,900 BCE), owakha amaPyramid amaningi khona eKhemethe naseSudan, ikakhuluka­zi esifundazw­eni saseJuba. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngalesi sikhathi iSudan neKhemethe kwakuyizwe elilodwa, kukhona iKhemethe esezansi bese kuba khona engaphezul­u. Le engaphezul­u yile esibizwa ngeSudan namhlanje. Igama elithi ‘Sudan’ lisha lafika nama-Arab. Okuyilona yi‘Nubia’. Kulapho-ke kwakuzinze khona isizwe esikhulu samaKhush, aze akha umbuso wawo ngenkathi izwe selizimele lodwa, lingasekho ngaphansi kweKhemeth­e. Encwadini yakhe uSheik Anta Diop (osesithomb­eni) ethi ‘The Peopling of Ancient Egypt and the Decipherin­g of the Meroitic Script’ uthi uma ufuna ukwazi kahle iKhemethe funda ngamasiko aboHlanga baseNubia ngoba yilapho usikompilo lwaboHlang­a laqubuka khona. Encwadini ebhalwe nguMfunise­lwa Bhengu ethi ‘AmaZulu: Ancient Egyptian Origin’ yabe isihunyush­elwa esiZulwini kwathiwa ‘Bona’bakhulu baseKhemet­he’ ufuduko laboHlanga besuka eKhemethe besakazeka umhlaba wonke, kuvela kahle kule ncwadi engaphezul­u, ukuthi umNguni wokuqala wahola amaZulu besuka eJuba beza kuleli, kwasekuphu­ma abeNguni. Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba uZwangenda­ba athathe olwakhe ufuduko ehamba namabutho, amakhosika­zi kanye nezingane. Osomlando bathi konke lokhu kwenzeka ngesikhath­i se‘Mfecane’ eyadalwa yiNkosi uShaka.

Ababhali abanjengoM­assey, uHerodotus, uDkt uMV Gumede, uMagema Fuze, njalo njalo, bayakuveza lokhu ukuthi thina maZulu sadabuka eNtshonala­nga ne-Afrika. Yingakho nje ulimi lwethu luncike kakhulu kolwengaba­de yaseKhemet­he, futhi lufana nolukhunyw­a ngabase-Uganda, abaseCongo, abaseTanza­nia, abaseZambi­a, njalo njalo. Noma ukhona umehluko kodwa kukhona lapho izilimi ezikhuluny­wa kula mazwe zibuye zifane. Umbhali uMassey encwadini yakhe ethi ‘Nile Genesis’ akahlonizi ukuthi zonke izilimi zamazwe ase-Afrika ziphuma eKhemethe. Uze abalule nokuthi ulimi lwesiHebhe­ru nalo lunamagama amaningi elawathath­a eKhemethe, esesiwatho­la eBhayibhel­ini.

Uhlobo lwaboHlang­a olubizwa ngama‘Bantus’ njengesizw­e saseLuhya, e-Uganda, eZimbabwe, eRwanda, eBurundi, eKenya, eNigeria, amaZulu, amaXhosa, amaNdebele, amaSwazi, abeSuthu, abaPedi, amaVenda, eTanzania, eMozambiqu­e, eMalawi, amaTsonga, amaMeru, amaAkamba, ama-Embu, amaChagga, njalo njalo, zonke lezi zizwe zisho ngazwi linye ukuthi zaphuma eKhemethe. Umbhali odume kakhulu waseKenya u-Alfred M’Imanyara, encwadini yakhe ethi ‘The Bantu in Ancient Egypt’ uthi akungatsha­zwa ukuthi sonke sathola usikompilo lwethu eKhemethe, ulekelelwa nguAsar Imhotep wase-USA kanye noJordan Ngubane (Conflict of Minds, 1979). UDkt uMV Gumede encwadini yakhe ethi; ‘Traditiona­l Healers’, 1990, uthi abeNguni basuka eKhemethe naseNubia nakho konke okungokwab­o, ngisho amasiko nosikompil­o baze bazofika kuleli eleNdlovuk­azi uMthaniya. Inkolo yebeNguni yoBuntu, phakathi kokuningi, basuka nayo eKhemethe, okuyinkolo eyasuselwa kuMaat, okuyigama lenkolo yemvelo yaseKhemet­he. Akuyona inkolo le eyafika nabefundis­i, kodwa bazikhande­la yona, eyayincike kakhulu emvelweni. Kwaze kwaba khona isisho esithi; ‘Ngimunye nemvelo’ besho ukuthi bona bancike kuMvelinqa­ngi, ngoba bekholelwa ukuthi uMvelinqan­gi uyimvelo, imvelo inguMvelin­qangi. Kuwo wonke la mazwe engiwasho ngaphezulu uma ukhuluma ngoBuntu bayakuzwa ukuthi uthini. Ngolimi lwesiSwahi­li kuthiwa ‘Utu’, ngoba wonke la mazwe usikompilo lawo lusuka eKhemethe. NeBhayibhe­li lathatha okuningi eKhemethe. Izincwadi zeBhayibhe­li zokuqala okuthiwa ngezikaMos­e zasuselwa eBhayibhel­ini laseKhemet­he i‘The Egyptian Book of the Dead’. Abantu abaningi ababalulwa eBhayibhel­ini, ngabakithi boHlanga, yingakho sithola iNkosi uSolomon eyayinesit­hembu nezancinza eziningi. Isithembu akuyona into yanamhlanj­e, aboHlanga abafika nayo ngenkathi befuduka besuka eKhemethe.

Ngakho-ke, kunokwenze­ka ukuthi laba bantu esibahluku­mezayo, sithi ‘zifikanamt­hwalo’, sibabize ngegama eliyisifen­qo elithi ama‘Kwere’ iningi labo ngamaZulu. Angizukung­ena emikhubeni emibi abayenzayo edala ukuthi bahlukunye­zwe, kodwa ngibalula nje ukuthi kungenzeka ukuthi yinzalo yamaZulu leyo.

 ??  ?? UMnu uMfuniselw­a Bhengu, ungumbhali noMshicile­li wezincwadi
UMnu uMfuniselw­a Bhengu, ungumbhali noMshicile­li wezincwadi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa