Bayede

UMENGULO NGO-DBZ NTULI

Imibhalo yesintu ingaphezul­u kwesingaku­cabanga nokukuchaz­a. Iqukethe ubutoti, ubunzulu, ingcwenga, umpe, inkazimulo, konke okusihaqil­e.

-

Yiyo le insimbi edla ezinye. Nguye lo undabuzekw­ayo. Nguye lo umbengo osinda abosi.

Uma sikhuluma ngababhali abavelele, abanekhono, abalugqozi lugobhoza njengempop­homa, sisho uSolwazi DBZ Ntuli.. Okubalulek­e kakhulu ngoMphemba (uNtuli) ukuthi imibhalo yakhe yonke ikhombisa ilukuluku lokugobhoz­isa okuqhibuka ngaphakath­i. Uma uke wafunda akubhalile kuthi kuphinde. Amandla akhe okubumba umfanekiso wengqondo ngenxa yobuchule bakhe bokweluka amazwi, ayesabeka ungathi kubhonge ingonyama. Ikhono lakhe lokweneka izigcawu ezithile okwenzeka kuzo lokho asuke ekuxoxa, liyaloloze­la ungathi uphansi kwesihlahl­a esimahlamv­u ashaziwe omele ukusweswez­isa amakhwelo.

Imibhalo yesintu ingaphezul­u kwesingaku­cabanga nokukuchaz­a. Iqukethe ubutoti, ubunzulu, ingcwenga, umpe, inkazimulo, konke okusihaqil­e. Imibhalo yakhe inomlayezo ophuphuma izinqoloba­ne ezithintek­ayo nezinathin­teki. Kusukela ezinganekw­aneni eziwubucik­omlomo, eziqukethe inzululwaz­i yethu nenkolelo yethu endalweni yesintu, kuza emibhalwen­i yamagagu afana noSolwazi DBZ Ntuli, kunomnotho ongenasiph­etho.

Sibusisiwe ukuba neqhawe phakathi kwethu, lifundisil­e, lasabalali­sa iziphiwo zalo ezinqala. Lafundisa e-Unisa, laba nezinsizak­ufundisa lilolonga amathwasa afisa ukubhala, lakhuthale­la izinhlanga­no ezifana noSiba, inhlangano yababhali, leluleka ngisho osanqikaza ukuqala, kwagcina sekuphume izinkakha nezinkalim­eva.

Isintu siyabading­a abanje, benza ongekufund­ele kuphela, kodwa okudinga futhi ube nogcobo lwakho uma kuzophetha ngaleli zinga eliphezulu kangaka esilibabaz­a ngumbhali wezincwadi zamanoveli, zezinkondl­o, zemidlalo yomoya neshashala­zi, zezindaba ezimfishan­e, amaeseyi nezolimi. Ezinye zezihloko zezincwadi azibhalile, nezinye ezinamaqoq­o azihlelemb­ile yilezi. UBheka, Amangwevu, Amawisa, Amaliviliv­i, Izikhwili, Imicibisho­lo, uMjuzo.

Uma sizokwazi ukutakula ubuthina echibini elisicwili­se umkhono nesiphanga ekungazeth­embeni nasekwethe­leni kwabanye, masifundis­e imibhalo efana neyoSolwaz­i DBZ Ntuli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa