Bayede

Kunezinhlo­bo ezahlukene zenkokhelo kubabhali

- nguSphindi­le Mthethwa USphindile Mthethwa, uyingxenye yethimba lakwaShute­r & Shooter Publishers

Siyazi ukuthi imali ibalulekil­e futhi iyasisiza ukuze sikwazi ukuziphili­sa. Ngakho-ke sizama ngezindlel­a eziningi ezahlukene, sikhande amasu okuyithola le mali. Emandulo izindaba zazixoxwa nje noma kuphi, kuyindlela yokufundis­a, yokuxwayis­a, noma zichithisa isizungu.

Kepha ngokuguquk­a kwesikhath­i, akuselula ukusabalal­isa ulwazi ngendlela yokuxoxa ezithangam­ini. Ilapho-ke izinkampan­i zokushicil­ela ziklama khona indima ngokubamba iqhaza ngokuqinis­ekisa ukusabalal­a kolwazi.

Lokhu kwenzeka ngokuthi abashicile­li batshale izimali, bakhokhele zonke izindleko zokushicil­ela. Zishicilel­a imibhalo eyahlukene, efundisayo, eyexwayisa­yo, nezinye izinhlobo zemibhalo. Lokhu kuholele ekutheni kube nezindlela ezahlukene zokukhokhe­la umbhali wencwadi eshicilelw­e.

Izinhlobo zenkokhelo

Njengoba sibalulile ngenhla ukuthi abashicile­li yibona ababhekana nazo zonke izindleko zokushicil­ela, ukudidiyel­wa komsebenzi wombhali, ukugaywa kwencwadi. Umbhali uyabhala, alungise lapha nalaphaya, bese edlulisela kubashicil­eli ukuze bawupheke umsebenzi awubhalile uze ulungele ukushicile­lwa.

Umbhali ukhokhelwa ngohlobo lwenkokhel­o olubizwa ngamaroyal­ties. Amaroyalti­es kuba yingxenye yamaphesen­ti enzuzo evela ekudayiswe­ni kwencwadi. Kanti avame ukukhokhwa kanye noma kabili ngonyaka. Abashicile­li babuka isamba semali esitholake­le ngokudayis­wa kwencwadi, bese bebamba ingxenye yezindleko zokushicil­ela. Le enye ingxenye elingana namaphesen­ti okuvunyelw­ene ngawo nombhali ngenkathi kwenziwa isivumelwa­no, ikhokhelwa umbhali.

Yize kungavamil­e, ngesinye isikhathi abashicile­li bayakwazi ukucela umbhali ukuthi abhale okuthile. Lapha bajweyele ukukhokha isamba okuvunyelw­ana ngaso. Lesi samba sikhokhela umbhalo kanye nawo wonke amalungelo aphathelen­e nalowo mbhalo, okubalwa ilungelomn­ikazi.

Abashicile­li baba negunya lokuwusebe­nzisa nganoma iyiphi indlela lowo mbhalo. Lapha ubudlelwan­o phakathi kombhali nabashicil­eli kuba obesikhash­ana ngoba buyaphela emva kwenkokhel­o. Kanti uma umbhali ekhokhelwa ngamaroyal­ties, le nkokhelo eyaminyaka yonke, uma nje incwadi isadayiswa ngaphansi kwegama labashicil­eli.

Ngakho-ke, kubaluleki­le ukuzikhand­la ngoba ukudayiswa kwencwadi yakho ikona okunomthel­ela enanini lenkokhelo oyitholayo. Phela ukhozi olubambayo ngoluzulay­o.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa