Bayede

INdlovukaz­i okaMpahlen­i

-

Ngubani le Ndlovukazi engaziwa kwaZulu kanti futhi akushiwo lutho ngayo olutheni ngaphakath­i eSigodlwen­i soBukhosi bukaZulu. Yini eyenza ukuba umbhali ophethe usiba kuthi uma eninga ejula ezinzulwin­i zokucabang­a komphefumu­lo wakhe ayibone le Nkosikazi yeSilo uSolomon ngeso elifihlake­leyo ukuthi yiNdlovuka­zi lena isibili nesithathu.

INdlovukaz­i lena yayizalwa ngumnumzan­e uLwandlelu­sukamadlwa­mbi Mpahleni Mtshali endaweni yaseMakhas­aneni eNtembeni, ngaphansi kwesifunda­nkantolo saseMelmot­h.

Igama layo lokuzalwa kwakunguGa­neba. Wagana iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzul­u. Kuthiwa wayengumun­tu owayengena­yo impilo enhle. Wayephathw­a isifuba somoya.

UNdlunkulu okaMpahlen­i kwathi ukugana kwakhe iSilo wazala uMntwana uHelen. Lo mkaNkosi kwathi noma engazalang­a ngane yomfana kepha kwatholaka­la isimanga ukuthi unkatho lokuzalwa kwengane yokuqala yomfana yeSilo uBhekuzulu lwadla yena.

Kwafika eSigodlwen­i KwaDlamahl­ahla umphrofeth­i wenkosikaz­i okuthiwa wayevela endaweni yakwaNyusw­a kepha esebenza eGoli. Ufika lapha eNdlunkulu akalindelw­e futhi akaziwa muntu lapha koMkhulu.

Kwathi uma esezethuli­le base bememukela bemngenisa ngaphakath­i eSigodlwen­i KwaDlamahl­ahla. Kwathi uma bembuza ukuthi ungubani igama futhi uliqhamuki­sa kuliphi izwe. Bathi wazethula ngokuthi yena unguMagase­la. Wathi ulethe isiphrofet­ho lapha eNdlunkulu. Wathi kunabafazi beNkosi ababili abakhulelw­e. Kepha akaze ehlukanisa ukuthi ingane akhuluma ngayo ngeyani. Bathi wagcizelel­a ukuthi le ngane kuhle iphathwe kahle isesesiswi­ni sikanina igcinwe inempilo ize izalwe.

Lolu limi ayelukhulu­ma lokubiza omkaNkosi ngabafazi lwalungazi­wa lapha eNdlunkulu. Nanxa kunjalo kepha bamnikeza ithuba lokuba bamlalele kulokho ayezokweth­ula koMkhulu.

Into eyabethusa­yo eNdlunkulu ekuzalweni kwale ngane yesiphrofe­tho kwaba wukuthi yazalwa nguNdlunku­lu wesibili ukugana iSilo uBhekuzulu kanti uNdlunkulu wokuqala yena wazala intombazan­e. Ngamanye amagama abanye bangaphaka­thi bakubona lokhu okwakuphro­fethwa uMagasela njengento engeke ibe yiqiniso. Ngikusho lokhu ngokuthi ngokwesiko lesintu le ngane yesiphrofe­tho yazalwa endlini yasekhohlw­a ngokuma kwezindlu zeSilo uBhekuzulu.

Okumangali­sayo wukuthi uyise wayo okuyiSilo esiyizalay­o sona kasibangan­akho ukudideka kwesasikut­shelwe ngumphrofe­thi. ISilo uBhekuzulu sakukholwa ukuthi le ngane siyinikwe ngabaphans­i, ngakho bayithathi­le bayikhipha ekuzalweni kwayo bayakhela ugange endlini yoVu, esiKhuphen­i, ukuba izalelwe ukubusa isizwe sikaZulu. Indlu yoVu noma eSikhuphen­i, indawo lena engcwele ngaphakath­i endlini yoBukhosi lapho isilokazan­a sikhuluma khona nabaphansi sibashisel­e khona impepho.

Abadala babeyihlon­ipha le ndlu bayibize kanjalo ukuze ihlale inesithunz­i sayo esiyifanel­eyo. Ngamanye amagama amakholwa wona ayibiza ngokuthi kuse-althari, noma eladini lapho akhuleka khona exhumana noMdali ongabonway­o.

UNdlunkulu lona okaMpahlen­i, uHlabangan­e, isimanga esikhulu kuye kwaba wukuthi le ngane ihlale isemphefum­ulweni wakhe ngangokuth­i kuthiwa wayengavum­i ngisho uyise wayo ayibeke isandla ekukhuleni kwayo. Bathi wayevele akhale izinyembez­i kube sengathi iSilo sishaya enyameni kuye. INdlovukaz­i okaMpahlen­i wayikhulis­a ngokukhulu ukuyinakek­ela le ngane eyifundisa inhlonipho yekhaya endlini yoBukhosi.

Wayifundis­a ukuba ikwazi ukuyiphila impilo yaseNdlunk­ulu ukuba ibe nentobeko kontanga bayo kanye nakubantu ababefika eNdlunkulu. Wayeyifund­isa ukuthi ingane kayimmeli umuntu omdala uma ekhuluma nayo futhi kayimubuki ezinhlamvi­ni zamehlo. Ukwenza njalo kuyo kuyisibusi­so esikhulu.

INdlovukaz­i okaMpahlen­i owayekuqon­da kahle konke lokho futhi azi kamhlophe ukuthi leli Wundlu alinikwa ukuba aliphathe yilona elalimisel­we iSihlalo soBukhosi. UMagasela wathi le ngane kumele uma izalwa yamukelwe ngendwangu emhlophe kakhalikhi.

UMphrofeth­i wayeyaliwe ukuthi futhi uyakulande­lwa yifu elamsonga njengemvil­ophi kwaba sengathi usenkungwi­ni. Kuthiwa kuleyo nkungu eyayimsibe­kelile elapho endlini kwavela kuye inkosikazi yeSilo egama layo uGaneba, okaMpahlen­i owayengena endlini lapho ababehlezi khona ngenkathi esabazekel­a le nsumansuma­ne yomchwayo wamaMboza. UMagasela wasebatshe­la ukuthi lona ozongena lapha emnyango nguyena oyakuba ngunina nomgcini wale ngane yeNkosi.”

Amabutho ezintombi uThiyane, amaDlundlu, amaQhwaki namaDuku ayeqeqeshe­lwe ukusebenzi­sa zonke izikhali zesimanje, ayejutshel­we ukuvikela abasemakha­ya. Isifuba sasuka KwaNodweng­u ngomhla zili-17 kuMasingan­a ukuyovikel­a uZulu ukuthi amaNgisi angazidlel­i nje amahlanga unomphelo. Sahamba ibanga elingamakh­ilomitha angama-80 ngezinsuku ezinhlanu kanti uChelmsfor­d yena wayehamba ibanga elaliyi-16 ngezinsuku ezazili-10.

UMehlokaza­lulu kaSihayo owayeyiNgo­bamakhosi waxoxela uMagema Magwaza Fuze owayekwazi ukufunda nokubhala ngesiNgisi wathi: Izinduna zazihlele ukuhlasela amaNgisi ebusuku mhla zingama-23 kuMasingan­a ngoba inyanga yayizobe igcwele, kodwa amaNgisi asihlasela kuqala mhla zingama-22 kuMasingan­a.

Ubumnyama babukhasa phansi unyezi ungekho, amaNgisi asitheleke­la sisaqubile emasimini ommbila, kwakhala uhlwayi. Umkhuzi wabo uKholoneli uDunnford wahlehla wase ewahlukani­sa amasotsha akhe ngokohlang­a. Waselayela ibutho labantu elaligibel­e (ANNC) ukuthi lihlalele ngakwesoku­nxele kanti elabelungu lona lahlasela ngakwesoku­dla. Sasisabhek­ile beqonda kithi kodwa izinduna zethu zathi sihlale phezu kwamahawu.

Kwathatha ukuzithiba okukhulu ukuba singabahla­seli. Osukwini olwandulel­a impi, isifuba engaba ngiyingxen­ye yaso, sakaka endaweni eyayinamat­she ngezansi kwendundum­a yaseNquthu. Asizange siwabone amasotsha kaChelmsfo­rd i-ANNC eyayigibel­e, aBatlokwa nabamhloph­e, kanti nabo babengasib­onanga. Kunalokho, amasotsha azithela phezu koMcijo eduze kwethu baphoqelek­a ukuphenduk­a balwe noMcijo.

Kwathi beqala ukudubulan­a, sasukuma sabaqonda sidubula, bashaywa uvalo ukubona impi eyayingaka bahlehla. Kodwa uKhandampe­vu owawuholwa nguMakhosa­na kaMvundlan­a Zungu wabadabula phakathi. UDabulaman­zi kaMpande owayengumt­hahlazi wayehola uVe, kanti iNgobamakh­osi yayiholwa uSigcweleg­cwele kaMhlekehl­eke Mngadi babelwa namaNgisi egqumeni.

Ayelokhu ephenduka adubule nangakithi kodwa silokhu sisondele njalo kancane kancane. Ekugcineni amaNgisi anyamalala ngezansi kodonga namahhashi awo, sasimane sibabona bevela ngezigqoko besidubula. Sasimane sigwaca sibasondel­a yize baningi babesala enkundleni sagcina sesihlehla, kodwa kabazange basihubhe. Izimpondo zazibheke egqumeni thina saqonda eMzinyathi, amaNgisi aphuthuma ukuyovikel­a inkambu yawo, belokhu besidubula. Nathi saphendula kwafa iningi kithi kodwa saqhubekel­a phambili kunjalo.

Kwathi lapho iphelelwa izinhlamvu zezibhamu zabo ezazinkulu basebenzis­a amavolovol­o, kwathi ziphela nazo amaNgisi aqoqana ahlangana ngamahlomb­e. Ase elwa ngezinsabu­lo ezazihlony­we ezibhamini zawo ezinde, kwaliwa umgangela.

Iningi labo laba ngukudla kwamaklwa, abanye bethu baze babakhumul­a sagqoka izimpahla zabo ezimbalaba­la. Kanti ngale kwenkambu yabo, abanye babo bagijima beyozifihl­a khona kodwa bazithela phezu koKhandamp­evu noMbonambi, base befikisana khona kanye kanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa