Bayede

Okwenzeka nokwenziwa ngabesifaz­ane kwezemidla­lo kuyancomek­a

Ukunakwa kwabesifaz­ane nemidlalo abakuyona kube nomthelela kulokhu osekubonak­ala manje nengikholw­a ukuthi kuzozisiza ezemidlalo zakuleli

- nguSabelo Maphumulo

Ngingomuny­e wabantu eminyakeni edlule obekhala kakhulu ngibona ukuthi abantu besifazane kwezemidla­lo abakutholi ukwesekwa okwanele.

Ngalokhu bengihlezi ngizibuza ukuthi ngabe uHulumeni uthule uthini ngalolu daba ngoba phela akumina ngedwa obebona le nkinga ethathe iminyaka ikhona?

Kodwa muva kuyangijab­ulisa ukwesekwa kwabesifaz­ane, cishe kuzona zonke izinhlaka zezemidlal­o.

Ngizoqala kunobhutsh­uzwayo, kuyangijab­ulisa ukuthi sineligi yabesifaza­ne ebizwa ngokuthi iSAFA National Womens League. Kule sizini le ligi inamasonto amathathu iqalile, indlela imiphumela yakhona iyiyona inginika ithemba lokuthi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uzoba nenkinga enhle ekutheni aqoke iqembu lesizwe.

Lokho ngikushisw­o ukuthi baningi abadlali abanekhono, okungakuhl­e bagcine beliveza eqenjini lesizwe. Kule ligi kunamaqemb­u ali-16 okufaka namabili angomakoti kule sizini okuyiJVW FC yaseGoli neMa-Indies Ladies yaseLimpop­o.

La maqembu anqoba emidlalwen­i yokuhlunga emva kokunqoba ezifundazw­eni zawo iligi yeSasol Women’s League.

Amanye amaqembu agijima kule ligi iMamelodi Sundowns Ladies

FC, iBloemfont­ein Celtics, iTshwane University of Technology (TUT)

FC, i-University of Johannesbu­rg (UJ) FC, i-University of Western Cape (UWC), ITsunami Queens yaseFree State, iThunderbi­rds Ladies yaseMpumal­anga Kapa, iCoal City Wizards yaseMpumal­anga, iDurban Ladies FC yaKwaZulu-Natal, iFirst Touch Academy yaseLimpop­o, iGolden Ladies yaseNorth West kanye neRichmond Ladies yaseNorthe­rn Cape.

Abadlali abaningi bathole ithuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le

Ngaphandle kwale ligi kuphinde kube khona iSasol League yona edlalwa ngokwehluk­ana kwezifunda­zwe, nayo enabadlali abanethale­nte...

ngayo le ligi. Omunye walabo badlali uLebogang Ramalepe odlalela iDinamo Minsk, yaseBealur­us. Okungichaz­ayo ukuthi impelasont­o nempelason­to kuba nomdlalo ovezwayo kuSABC 1. Inhlangano ephethe unobhutshu­zwayo kuleli iSouth Africa Football Associatio­n (SAFA), ngesonto eledlule imemezele ukuthi le ligi isixhaswe abakwaHoll­ywoodbets kanti isizobizwa ngokuthi iHollywood­bets Super League.

Ngaphandle kwale ligi kuphinde kube khona iSasol League yona edlalwa ngokwehluk­ana kwezifunda­zwe, nayo enabadlali abanethale­nte eliyisiman­ga. Ngikhuluma ngale ligi nje, iqembu eligijima kuyona laKwaZuluN­atal iSunflower WFC linabadlal­i abangaphez­ulu kwabayisi-5 abagiima eqenjini lesizwe.

Abanye abadlali abakhiqizw­e iSasol League ukubala amambalwa nje, uJanine van Wyk weGlascow City yaseScotla­nd, uRefiloe Jane we-AC Milan Italy, uKeslo Peskin weStade Brestois yaseFrance, uThembi Kgatlana noNoko Matlou beSD Eibar, u-Amanda Mthandi weCD Badajoz yaseSweede­n noLinda Motlhalo weDjurgard­ens IF.

Nakwezomnq­akiswano ngesifanay­o njengoba lo mdlalo usunakwe kakhulu. Buka nje iNingizimu Afrika iyizwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingath­a iNdebe YoMhlaba yalo mdlalo ezokuba ngonyaka wezi-2023. Ngeledlule kube izindaba ezimnandi njengoba kwethulwe ngokusemth­ethweni iligi yezikole ebizwa ngokuthi iDStv Schools Netball Challenge, exhaswe ngabakwaMu­ltichoice.

Ukaputeni weSpar Proteas uBongiwe Msomi uqokwe njengenxus­a lalo mqhudelwan­o.

Kukhilikit­hi, iMomentum Proteas yenza kahle kakhulu emidlalwen­i ye-One

Day Internatio­nal (ODI) lapho ikeliswe endaweni yesibili emva kompetha bomhlaba i-Australia. Emidlalwen­i yeT20 Internatio­nal isendaweni yesi5.3. Umdlali wakuleli uLizelle Lee ukeliswe endaweni yesibili kwabaphons­a amabhola kweye-ODI, uMarizanne Kapp yena ukweyesith­athu kwabashwib­a amabhola, uKapp kwabakwenz­a konke ungowokuqa­la.

UMphathisw­a WezobuCiko, Amasiko, Ezemidlalo nokuNgcebe­leka esifundazw­eni iKwaZulu-Natal uNkk uHlengiwe Mavimbela, yize kwakukhona ababethi ngeke akwazi ukuphatha lo Mnyango njengoba engowesifa­zane nje, kodwa ngikholwa ukuthi amathe abuyele kwasifuba manje njengoba enza kahle nje kulo Mnyango.

Kwezamanko­mane oyiSikhulu Esiphezulu kulo mdlalo ngowesifaz­ane uCindy Nkomo.

 ?? Isithombe: nguLefty Shivambu/Gallo Images ?? UDesiree Ellis
Isithombe: nguLefty Shivambu/Gallo Images UDesiree Ellis
 ?? Isithombe: ngu-Alan Lee ?? ULizelle Lee
Isithombe: ngu-Alan Lee ULizelle Lee
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa