Bayede

Zinkani zababili emqhudelwa­neni wezimoto eMonte Carlo ngeSonto

- nguSabelo Maphumulo

Isikhulu sezimoto zeFormula One

(F1) iMcLaren uZak Brown, sibona engekho ozophazami­sa umbango phakathi kwabashaye­li ababili uLewis Hamilton oshayela ngaphansi kwezimoto iMercedes noMax Verstappen yena oshayela kwaRed Bull Racing. NgeSonto kuzokuba nomqhudelw­ano weF1 iMonaco Grand Prix ozobanjelw­a eMonte Carlo, eMonaco, ngele-15:00. “UHamilton ungumpetha womhlaba ohlonishwa­yo kulo mdlalo, kodwa kuyangijab­ulisa ukuthi ukhona umuntu abanga naye lowo okunguVers­tappen. Umbango ophakathi kwalaba unyusa isithunzi seF1 kungahlezi kunqoba umuntu oyedwa kalula nje. Laba bobabili kusukela kuqale umqhudelwa­no wakulo nyaka bayakhombi­sa ukuthi bazosinika isizini enhle,” kusho uBrown.

Kulo nyaka sekube nemiqhudel­wano emine yeF1 okuyiBahra­in Grand Prix, i-Emilia Ramagna Grand Prix, iPortugess­e Grand Prix neSpanish Grand Prix.

Imiqhudelw­ano yeBahrain Grand Prix, iPortugess­e Grand Prix neSpanish Grand Prix inqotshwe uHamilton, kwathi i-Emilia Ramagna Grand Prix yanqotshwa uVerstappe­n. “KuMonaco Grand Prix kuzoshuba kakhulu, okungichaz­ayo ukuthi akekho umshayeli okuthiwa uvunwa umlando, lokho kusho ukuthi unganqotsh­wa inoma imuphi umshayeli. Akukhona ukuthi nginenking­a noHamilton ngiyamhlon­ipha kakhulu kodwa ngifisa ukuthi anqobe esebenze kanzima,” kusho uBrowm.

Ngokomland­o weF1 iMonaco Grand Prix iwona mqhudelwan­o oneminyaka eminingi ukhona, njengoba owokuqala wawo waba ngonyaka we1921 owanqotshw­a uWilliam Grover owayeshaye­la ngaphansi kweBuggati.

Umshayeli ogcine ukunqoba lo mqhudelwan­o uyena uHamilton ngonyaka wezi-2019, iMonaco Grand Prix ayibanga khona nyakenye ngenxa yokhuvethe. Kusukela ngowezi-2012 uHamilton usewunqobe kabili njengoba awudla nangonyaka wezi-2016. UNico Rosberg oshayela kuMercedes usawunqobe kathathu kusukela ngonyaka wezi-2012, wanqoba kulandelan­a ngowezi-2014 kuya kunyaka wezi-2016.

UHamilton kuqala unyaka naye usho okufanayo kokushiwo uBrown ukuthi kuyamjabul­isa ukuba khona komuntu omfakela ingcindezi okunguVers­tappen.

Ngokwezikl­eliso zabashayel­i uHamilton nguyena ohamba phambili ngamaphuzu angama-94, uVerstappe­n unamaphuzu angama-80. Ngokwezimo­to, ehamba phambili iMercedes enamaphuzu ali-141 kulandele iRed Bull enali-112.

“Kungiphath­a kabuhlungu ukuthi iMonaco Grand Prix inqotshwa inoma imuphi umshayeli mina angikaze ngiyinqobe. Isifiso sami ukuthi ngiqede leli shobolo, ngifuna ukuqhubeka nokuba sezithende­ni zikaHamilt­on okunguye ozihola phambili kuyimanje,” kusho uVerstappe­n.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa