Bayede

Imindeni ilandisa ngezibazi zempi yaseGaza

- ngu-Anathi Mtaka

Imindeni eseGaza Strip isiyaqala ukubhekana nobungako bomonakalo odalwe ukuhlaselw­a ngezomoya kweIsrael muva nje, kanti izingane eziningi ezisencane nazo zisale zishaqekil­e ngenxa yalolu dweshu.

Lolu dlame obeluphaka­thi kwePalesti­ne ne-Israel oluthathe izinsuku ezili-11, olwaqubuka mhla zili-10 kuNhlaba kophezulu lube yimpi embi kunazo zonke kusukela ngonyaka wezi-2014, njengoba lushiye abantu abangama-243 basePalest­ine bebulewe, kuhlangani­sa nezingane ezingama-66, kwathi abayi-1 910 balimala.

Lokhu kuhlasela kudlule nemiphefum­ulo yabantu bakwa-Israel abali-12, okubalwa nezingane ezimbili, kwathi abangama-300 balimala. Umbango uqhamuke nje lapho imindeni eminingi ibilungise­lela ukugubha umcimbi i-Eid al-Fitr kusihlwa mhla zili-12 kuNhlaba, obekukhomb­a ukuphela kwenyanga yeRamadan.

Omunye umndeni uveze ukuthi balahlekel­we kanjani yindlu kulokhu kuhlaselwa lapho obekufanel­e kube yisikhathi sokujabula.

“Besilungis­elela ukugubha i-Eid al-Fitr ukuletha injabulo ezinganeni nokuthola umoya oguqukayo. Siphume nezimpahla esizigqoki­le kuphela, ”kusho ubaba womndeni othintekil­e.

“Ngangigqok­e izingubo zokulala lapho ubaba eza kithi ezosifisel­a i-Eid emnandi. Angizange ngizigqoke. Sacelwa ukuba siphume endlini, futhi ngafaka izicathulo zikamzala wami, hhayi ezami, lapho siphuma ngokushesh­a. Angisithat­hanga isipho sikababa. Angihamban­ga nalutho ngaphandle kwe-iPad yami, ”kusho indodakazi yakhe ekhathazek­ile.

Umama waleli khaya usale ekhathazek­e kakhulu kodwa unethemba lokuthi konke kungaxazul­ulwa. “Basicekele phansi, bachitha nempilo yethu. Konke konakele,” kusho lo mama.

Impi phakathi kwabasePal­estine nabakwa-Israel ibangwe yintukuthe­lo yabantu baseGaza ngenxa yezinsongo zokuxoshwa kwemindeni ehlala empumalang­a yeJerusale­m. NgoLwesihl­anu olwedlule kube nesivumelw­ano sokubeka phansi izikhali.

Ukubekwa phansi kwezikhali phakathi kuka-Israel neHamas kungene osukwini lwesithath­u ngeSonto ngesikhath­i abalamuli bekhuluma nazo zonke izinhlango­thi ngokwelula isikhathi sokuthula. Abalamuli base-Egypt bebelokhu bexakekile bezama ukuthola ukuthula phakathi kwe-Israel neGaza Strip, ebuswa yiHamas, futhi bahlangane noMengamel­i wasePalest­ine uMahmoud Abbas, eWest Bank. UNgqongqos­he Wezangapha­ndle wase-Egypt naye bekulindel­eke ukuthi ahlangane nezikhulu eziphezulu zaseJordan­ia ngeSonto ukudingida ukwehla kwezinga lale ngxabano nangezindl­ela zokuvusele­la inqubo yokuthula yaseMiddle East.

ULynn Hastings, onguMxhuma­nisi we-United Nations Humanitari­an ezindaweni zasePalest­ine, uthe i-United Nations (UN) izokwethul­a isicelo sokulungis­a umonakalo eGaza enabantu abaningi, lapho kunovalo lokusabala­la kokhuvethe.

“Lokhu kukhuphuka kubhebheth­ekise isimo esivele sibucayi eGaza, esidalwe yiminyaka engaba li-14 yokuvinjel­wa kanye nokungezwa­ni kwangaphak­athi kwezepolit­iki, kanye nempi ebiphindap­hindeka,” esho.

“Kumele futhi siqiniseki­se ukwesekwa ukuze siqhubeke nokubhekan­a nezidingo ebezivele zikhona, kubandakan­ya nalezo eziqubuka ngenxa yobhubhane oluqhubeka­yo.”

I-Israel ibivimbele iGaza kusukela ngowezi-2007. UHastings uthe sekunesikh­athi eside i-UN icela i-Israel ukuthi iyeke ukuvimba futhi izoqhubeka nokwenza kanjalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa