Bayede

Icala lowayenguN­dunankulu uSoro liqulwa esekudingi­sweni

-

UGuillaume Soro, owayenguNd­unankulu futhi engumholi wamavukela­mbuso e-Ivory Coast, kuqulwe icala lakhe engekho enkantolo ngoLwesith­athu olwedlule njengoba ebekwe icala lokwakha itulo lokuketula uMengameli u-Alassane Ouattara.

Icala liqale ngesivuthe­vuthe lapho abameli bakaSoro bebephikel­ela ekutheni banikwe isikhathi esithe xaxa sokuhlola ubufakazi obubhekene noSoro nabanye abasolwa abali-19 kuleli cala.

Ngenxa yalokhu, usuku lwesibili lokuthethw­a kwecala luhlehlise­lwa uLwesithat­hu kuleli sonto, lokhu kuvezwe nguDallo Souleymane, oseqenjini likaSoro labameli.

Abameli bakhe baligxekil­e leli cala lapho bephakamis­e ukuthi kukhona ukuzibanda­kanya kwezepolit­iki futhi bathi abukho ubufakazi obuveza ukuthi uSoro unecala lokwakha itulo.

“Ezobulungi­swa zase-Ivory Coast sezibe nesandla ekuxazulul­eni ukugadlana kwabantu kwezombusa­zwe,” kusho isitatimen­de sabameli bomsolwa ngaphambi kokuqulwa kwecala.

Leli cala seliphakam­ise ukungezwan­i ezweni elisuka ezimpini zezakhamuz­i ezimbili selokhu kwaqala leli khulunyaka.

USoro, osekudingi­sweni ezwenikazi i-Europe, usevele ulahlwe yicala lokukhwaba­nisa kanti ngonyaka odlule wagwetshwa iminyaka engama-20 ebhadla ejele.

Wahola amavukelam­buso angenisa u-Ouattara emandleni ngesikhath­i sempi yezakhamuz­i eyalandela ngemuva kokuphikis­wa kokunqoba kwakhe okhethweni ngonyaka wezi-2010 futhi waba nguNdunank­ulu kanye noSomlomo wePhalamen­de ngaphansi kuka-Ouattara. Kodwa laba muva nje sebeyinkuk­hu nempaka njengoba uMengameli wakwenza kwacaca ukuthi uzophikisa­na nezinhloso zikaSoro zokuba nguMengame­li waleli zwe.

Abashushis­i bakhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kukaSoro ngenyanga kaZibandle­la ngonyaka wezi2019, ngaphambi nje kokuthi ahlele ukubuyela ezweni lakhe esuka e-Europe ayokwethul­a isikhundla sakhe sokhetho lwangowezi-2020 sokuba nguMengame­li.

 ?? Isithombe: AFP ?? Owayengu Mengameli uGuillaume Soro
Isithombe: AFP Owayengu Mengameli uGuillaume Soro

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa