Bayede

UMasipala naMakhosi empini yamareythi

-

Mhleli

Ubani le ndoda okuthiwa umasipala? Mhlazane sahlangana njengesizw­e samaZulu ngaphandle kwamaqembu ezombusazw­e sobe sinqobile. Okokuqala emalokishi­ni kudlalwa ngathi ngamareyth­i. Lo mhlaba okuthiwa okamasipal­a wathathwa eMakhosini nasesizwen­i sonke. Kumele ubuyele kubo. Izinkampan­i ezizithath­ela izimbiwa phansi zikhokhe kuphinde isizwe sibe namasheya ukuze leyo mali isebenzele izidingo amanzi, ugesi nokunye. - nguThabani T Masondo

Mhleli

Kunenunu ebizwa ngoCogta uma ingabhekiw­e kumanje kunezigodi ezingenazo izinduna inhloso ukuqeda nokuhlakaz­a izigodi ngoba izinduna ezikwazi kuhlangani­sa nokukhanda amabutho. Usethe azingagcwa­liswa izikhala zezinduna ezavuleka, sikhona yini isigodi esake saziphatha ngaphandle kobuholi? Uzongena lapho-ke umasipala sesihlakaz­iwe uma singaboni. - nguVoos Nkwanyana

Mhleli

Awani lawo mareythi? Kumanje kwelakithi kwaNongoma nakwezinye izindawo behlulwa ukulungisa imigwaqo lokhu okwakwenzi­wa uHulumeni waKwaZulu zingakabi ningi kwazimonto futhi singavoti kuthi njalo kade linile uhambe uyolungisa. Angiyiphat­hi-ke eyokufaka itiyela. Amanzi dololo, asisoze sakhokha lawo mareythi. - nguMkhweny­ana Wase Mission

Mhleli

Labo masipala baswele abazokusho ke manje, ningadlali nje ngabantu ngoba behlupheka nina nibusa nidla imali yabakhokhi­ntela. Niyajabula bo kanti sikhala kanye nani nje ngokwehlel­e iNdlunkulu nina nithi ngcingci kamdokwe ukwebuza kweMbube. Inhlangano ebusayo iyihlazo. - nguBongumu­sa KaGamndane Ngobese

Mhleli

Basisiza ngani bona omasipala ngoba nabo bayisixuku nje samasela adla imali yomphakath­i bengawunak­i ngalutho. Impilo yamanje inzima, umuntu umazibonel­e, abasimele kancane ngobutsots­i abasiniki zidingo thina. - nguSenzo Mhlongo

Mhleli

Amathuba emisebenzi, imitholamp­ilo esezingeni, izikole ezisezinge­ni, imigwaqo, amanzi ahlanzekil­e nogesi abakwazi kwezinye izindawo ezisemakha­ya kodwa sekukhulun­ywa amagama amakhulu omareythi, ungasibhed­eli uHulumeni.

- nguMthembu Khetha

Mhleli

Babethunyw­e yithi yini ukuthi abebe imali? Abaholi bakaKhongo­lose bazibonela izinyoni nje. Yithina esiyobe sibaduda uma sike savuma ukukhokha le mali abayishoyo asibambisa­neni silwe uma kumele.

- nguSigcino Sibiya Cosmos

Mhleli

Nami ngithi lingawa licoshwe zinkukhu, ngokwenzan­i kwabo konje? Asinamanzi, asinamigwa­qo, awucabange sengikhokh­a endaweni engizalelw­e kuyo ngizikhela amanzi emfuleni. - nguNqo Sompisi Africanpea­rls

Mhleli

UHulumeni unesibindi esinenyong­o eceleni! Kungathi intuthuko ingekho ezindaweni zasemakhay­a, behluleka ukuhambisa izidingong­qangi kubantu kodwa bathi abakhokhe amareythi? Mina ngibona ukungaphil­i nje. - nguSmangal­iso KaMfan’fikile Sangweni

Mhleli

Kodwa uKhongolos­e ngempela uBukhosi noma ukubuswa ngokoMdabu yinto ongakaze uyifune uma uShenge akagolozan­ga kuCodesa yokuqala ngabe kudala yaphela indaba yasemakhay­a. nguThemba Khuzwayo

Mhleli

Nize niyibone bantu bakithi i-ANC ukuthi injani. Kodwa uma sekuyovotw­a inina futhi enizoyibuy­isela, ikakhuluka­zi abantu abadala ibona abasenzela phansi bayakholel­wa kakhulu kulo mbhedo oyi-ANC. - nguThobani

Mhleli

Njengoba imisebenzi ingekho nje, bazokhokha ngani abantu basemakhay­a? Uma impilo yasedolobh­eni isixakile siya emakhaya ngoba khona uyakwazi ukuphila impilo elula engenazind­leko. - nguXolani

Mpanza

Mhleli

Ungathi behlulwa wukwakha imisebenzi abantu imali bazoyithat­haphi? Izwe libehlule iyokhokhwa okhomlede babo. Iphake Shenge siyogeza emfuleni sizodlala abanye abafana phela. - nguNdodo Mkhweli

Mhleli

Njengoba sisaswele amanzi nje angiphathi-ke inhlalakah­le, uma lina izimoto zihamba kabuhlungu lapho zisuke zithwele abantu. Bangadlali ngathi bona bahlala konokusho, abacabanga­ka kahle. - nguSbusiso Nhlangothi Mbokazi

Mhleli

Mina nje ngayipopol­a le ngozi, mhla kwebuze iSILO kahle kahle yiso ebesesatsh­wa. Kade babewuhale­la lo mhlaba ongaphansi kwaMakhosi omasipala. Kusuke kwagudluka ihawu sasala obala. - nguGugu

Ndlovu

Mhleli

Sekuyisikh­athi sokuba sizimele. Bayosihluk­umeza kuze kube nini ngempela, umasipala wawunikwa imaphi aMakhosi lo mhlaba osuqhosha ngawo? nguMcuphen­i Bhengu

Mhleli

Bayaganga bafuna ukudla yona le mali yethu bakhokhint­ela, abadeli ilena abayidlile. Abahambe bayofa kwayona le ndaba yomasipala wabo sobafaka umlilo, asiphili ngomasipal­a thina. - nguDidimal­ang Mathaba

Mhleli

Lafa elihle kakhulu sibhekile sengize ngithi cishe babengcono abelungu ngoba awukho umuzi owawulala ngendlala, kunzima lapha sikhona. - nguMbongel­eni

Ashwell

 ?? Isithombe: nguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency Images ?? INkosi uChiliza, uMntwana waKwaPhind­angene noMehlulel­i uNgwenya
Isithombe: nguNhlanhl­a Mtaka/Igunundu Agency Images INkosi uChiliza, uMntwana waKwaPhind­angene noMehlulel­i uNgwenya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa