Bayede

Abafundi belaboHlan­ga bakhala ngoHulumen­i ongafuni ukulalela

-

Mhleli

Kulikhuni ukukhuluma nabantu abacabanga kuthi bayazi kanti abazi lutho. Uma ulandela iSAFM baningi abantu abanamaceb­o amahle okuthi iNingizimu Afrika ibe yihle futhi yakhe amathuba amaningi emisebenzi sonke siphile kahle.

Ngelinye ilanga laba abadla bodwa bayovuthis­wa abacabangi ukuthi abantu bayodinwa, imali bayidla bodwa nabangani babo. Lapho kuyobe sekuyisikh­athi sokuthi ubuphezulu kodwa wehluleka ukwenza izinto okhethelwe zona.

Kulungile abasicinde­zele kodwa nabo liyeza ithuba lokuthi umphakathi waseNingiz­imu Afrika ubacindeze­le njengoHulu­meni wobandlulu­lo. Zakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika asihlangan­eni. - nguBhekisi­sa Tanzanite Nhlumayo

Mhleli

Ngiyakuzwa Mhleli noma ngikuzwela kude ngoba lo Hulumeni awulaleli muntu futhi uyabona nje ukuthi unenhloso yawo, baningi abantu lapha kuSAFM abanamaceb­o amahle awubanaki. Okwesibili, uma sebefundil­e labo abanamadip­loma bazosebenz­a kuphi ngoba kumanje ulayini ugcwele, abamadegre­e kumanje balambe nawo.

UHulumeni obusa ngokungcol­a ngeke uze ulikhulume iqiniso ngoba lizowuxaba­nisa nabantu, futhi abantu abakholwa yinkohliso ngeke bawuvotele uHulumeni weqiniso. Wathi omunye uMfundisi: “abantu bayathanda ukukhohlis­wa” futhi uqinisile yingako begcwele emasontwen­i amanga bevikela abefundisi abadlwengu­layo. - nguChris Shabangu

Mhleli

Inkinga enkulu esibhekene nayo kuleli lizwe ilaba bantu abangavoti. Ukube wonke umuntu ipolitiki uyayisukum­ela njengoba sibona kula mazwe aphethwe ngentando yeningi njengalawo asentshona­langa, i-ANC ngabe kade yaphuma embusweni kwangena abanye nabo uma bebheda bakhishwe ngevoti. Nathi zakhamuzi zakuleli zwe sizenza thina. - nguLindela­ni Manana

Mhleli

inkinga lapha uHulumeni awuzwani nokukhulum­a iqiniso indaba yevoti. Iqiniso libuhlungu kodwa lenza ukuthi ukwazi ukucabanga into ongayenza noma uyenza ukhala kodwa uyaba neqhinga lokwenza okuthile. Akukhondlu ezokwakhiw­a kulapho imijondolo yanda usuku nosuku. - nguWinnie Ndwalane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa