Abafundi belaboHlanga bakhala ngoHulumeni ongafuni ukulalela
Mhleli
Kulikhuni ukukhuluma nabantu abacabanga kuthi bayazi kanti abazi lutho. Uma ulandela iSAFM baningi abantu abanamacebo amahle okuthi iNingizimu Afrika ibe yihle futhi yakhe amathuba amaningi emisebenzi sonke siphile kahle.
Ngelinye ilanga laba abadla bodwa bayovuthiswa abacabangi ukuthi abantu bayodinwa, imali bayidla bodwa nabangani babo. Lapho kuyobe sekuyisikhathi sokuthi ubuphezulu kodwa wehluleka ukwenza izinto okhethelwe zona.
Kulungile abasicindezele kodwa nabo liyeza ithuba lokuthi umphakathi waseNingizimu Afrika ubacindezele njengoHulumeni wobandlululo. Zakhamuzi zaseNingizimu Afrika asihlanganeni. - nguBhekisisa Tanzanite Nhlumayo
Mhleli
Ngiyakuzwa Mhleli noma ngikuzwela kude ngoba lo Hulumeni awulaleli muntu futhi uyabona nje ukuthi unenhloso yawo, baningi abantu lapha kuSAFM abanamacebo amahle awubanaki. Okwesibili, uma sebefundile labo abanamadiploma bazosebenza kuphi ngoba kumanje ulayini ugcwele, abamadegree kumanje balambe nawo.
UHulumeni obusa ngokungcola ngeke uze ulikhulume iqiniso ngoba lizowuxabanisa nabantu, futhi abantu abakholwa yinkohliso ngeke bawuvotele uHulumeni weqiniso. Wathi omunye uMfundisi: “abantu bayathanda ukukhohliswa” futhi uqinisile yingako begcwele emasontweni amanga bevikela abefundisi abadlwengulayo. - nguChris Shabangu
Mhleli
Inkinga enkulu esibhekene nayo kuleli lizwe ilaba bantu abangavoti. Ukube wonke umuntu ipolitiki uyayisukumela njengoba sibona kula mazwe aphethwe ngentando yeningi njengalawo asentshonalanga, i-ANC ngabe kade yaphuma embusweni kwangena abanye nabo uma bebheda bakhishwe ngevoti. Nathi zakhamuzi zakuleli zwe sizenza thina. - nguLindelani Manana
Mhleli
inkinga lapha uHulumeni awuzwani nokukhuluma iqiniso indaba yevoti. Iqiniso libuhlungu kodwa lenza ukuthi ukwazi ukucabanga into ongayenza noma uyenza ukhala kodwa uyaba neqhinga lokwenza okuthile. Akukhondlu ezokwakhiwa kulapho imijondolo yanda usuku nosuku. - nguWinnie Ndwalane