Umbhali usikisela ngemibhalo kaNyambose ngokwenzeka kuleli ngenkohlakalo
Ababhali bathi abafane nabaphrofethi. Kunezinto ezingi ezilotshwe zashicilelwa ezincwadini ezaziwa ngokuthi amanoveli. Cishe into eyenza ukuthi zinganakeki ngesikhathi ukuthi zisuke zilotshwe zafana nemidlalo nje yeshashalazi, eyemisakazo nekamabonakude. Enye inselelo ngeyokuthi iningi lethu ligcina ukufunda ezinye zalezi zincwadi ezikoleni okwenza ukuthi ngokuhamba kweminyaka simangazwe zigemegeme esasesivele sifundisiwe ngazo kusetshenziswa amanoveli.
Uma ubhekisisa enye yamanoveli kaMnu uMeshach M. Masondo esihloko sithi “Iphisi Nezinyoka (1990)” eyashicilelwa eminyakeni engaphezulu kwama-30 edlule, uyabona ukuthi ukukhwabanisa akusiyo into entsha. Lena kwakuyinoveli yokuqala kaMasondo neyalandelwa ethi “Isigcawu Senkantolo” eyashicilelwa ngowe-1992. Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yethelevishini eminingi isuselwa kumanoveli ingakho ibizwa ngokuthi iTelenovel(a) nokwakha iTelenovela.
Incwadini Iphisi Nezinyoka, kule noveli uMnu uThemba Zondo umenywa umphathi webhange uMnu uMagwegwe
Buthelezi ukuthi aphenye (abe Iphisi elizozingela inkece eyebiwe izisebenzi: Izinyoka).Uphenyo lukaZondo luvundulula ukuthi inkece yebiwe nguye uButhelezi. Le ndaba uma uyibuka ngeso lepolitiki yanamuhla uyobona ukuthi kunabantu abebethenjiwe ngenkece yabakhokhi bentela kodwa kunalokho bayeba bekhona abaphathi kodwa sekuyibo futhi abaphathi abathi akuphenywe hhayi ngoba bengazi ukuthi inkece yebiwe ngubani.
Ezinsukwini zanamuhla sibona abantu beqembu elilodwa begijimisana ezinkantolo nakumakhomishini ngoba kufunwa inkece eyebiwe kuHulumeni noma ezikhungweni zomphakathi (okufanayo nokuthi basebenza ebhange elilodwa ngokwenoveli). Sibona osungula uphenyo engazifaki yena (okufanayo nokuthi Iphisi elinguZondo alizingele ligcine esikhathini sabanye abaholi hhayi esakhe ngoba yena akukho akwaziyo okonakale esephethe). Ekubeni naye lona osaphethe engenalo iphunga elihle. Uphenyo lukaZondo lwaqalwa nguye uButhelezi ngenhloso yokwesulela abanye ngesidanga kanti isikhuni sizobuya nomkhwezeli uma uphenyo selumphenya ibheshu. Isiphetho sale ndaba ukuthi kwagcina kutholakele ukuthi inkece yebiwa ngubani. Nokuyinto okufanele ibe yisifundo kubaholi nabaphathi bezikhungo ezinkulu. Iqiniso ukuthi umuntu angantshontsha isikhathi eside engabanjwa noma axoshise abantu ngezinto ezenziwe nguye kodwa ekugcineni “ayikho impunga yehlathi”.
Ngakho-ke asimangali uma abaholi nabaphathi bezikhungo bephenyana bodwa, bephuma bengena ezinkantolo nakumakhomishini kuthiwa kucingwa inkece eyebiwe. Bayazi bona ukuthi ubani abazomsulela ngesishiphi futhi bayazi ukuthi empeleni ubani owebile. Okwethu ukuthi sijwayele ukufunda amanoveli kusenesikhathi ngoba sengathi ababhali bawo bayaphrofetha, emva kwalokho akukho okuyosimangaza. Ayothi eqala amaphisi (oZondo) ukuzingela sobe sesazi ukuthi kufunwa inyamazane engubani ezoba ngumhlatshelo. Indaba iyaqhubeka esiqeshini sesibili esihloko sithi “Isigcawu Senkantolo (1992)” lapho udaba selusnkantolo. Sekukhona nabantu abafayo nezigwili ezishishibezwa yizigilamkhuba ezifuna imvalamlomo.