Bayede

Nabangazal­wanga ngabalapha ekhaya

KwaboHlang­a kunenkolel­o ethi kuba nochuku uma bekhishelw­e ngaphandle

-

Yini umndeni, uqalaphi ugcinaphi? Lona umbuzo ongazwakal­a ulula mhlawumbe nempendulo yawo ingaphuma iqhasha kepha akunjalo ngoba ujululile. Impendulo elula ingathi umndeni ngumama nobaba nezingane zabo. Enye elula ithi umndeni nguye umama nezingane bese kungena nozalo kakhulu lukababa. Kuzo zonke izimpendul­o kukhona esingakuqa­phela; ukuthi lapha umndeni wamukelwa njengabant­u abaphilayo nabaziwayo. Kule ngosi sesikubalu­lele kaningi ukuthi lo mcabango kawukho kwaboHlang­a ngoba kithi nabangabon­wayo bangumnden­i.

Nokho namuhla ake sicacise nakubo laba abangabonw­ayo, abafabenga­fi. Kuvame ukukhulume­ka sengathi nxa sikhuluma ngabangabo­nwayo sisho izalukazi namakhehla kuphela. Siphinde sikhulume sengathi umndeni wabangabon­wayo yilabo asebeke baphila. Leli phutha likhipha ngaphandle labo abangumnde­ni kepha abangazalw­anga. Lapha akudingeki ukudideka ngoba thina kasidideki­le uma sikhuluma ngokuthi abangazalw­anga nabo zingane zalapha ekhaya. Kulaba sikhuluma ngezingane ezingaphum­anga eziswini noma ezaphuma sezithule. Ezinye yingenxa yokungaphi­li kukamama, ingozi noma yimikhuba nje yabantu. Okumqoka lapha wukuthi basuke besesibele­thweni nje basuke sebebaliwe ezinganeni zalapha ekhaya. Nabo njengeziny­e izingane zalapha ekhaya ezibonwayo bayakhula.

AboHlanga babenayo indlela yokuhlanga­bezana nesimo lapho ingane ihamba ingakaveli. Kwakuthi uma sekwenzeki­le bese ingane leyo yethiwa igama kwamukelek­e ukuthi ibuyele noma ingene emndenini wabafabeng­afi. Kwakunenko­lelo yokuthi le ngane nayo inemizwa, njengoba iba nolaka nxa kuwukuthi kugcine ngokuthi kulibeleki­le ngayo. Abazali bayo babenza okuthile belandela usikothi lwalapha ekhaya. Bayenzele wonke amasiko ingane lena ukuze yazi ukuthi iyathandwa futhi ingumndeni.

Bayahluphe­ka abantu lapha phandle ngezingane okuthiwa uma kuyobuzwa ohlanyeni kuthiwe zingonding­a sithebeni. Kuthiwe ‘zivimbe okuthile’ ngoba zinolaka. Lokhu nje kukodwa kuwubufaka­zi benkolelo ethi kwaboHlang­a umndeni yinto ejulile echaza abaphilayo nabangabon­wayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa