Bayede

Intsha kwezamabhi­zinisi

- nguSiyetha­ba Mhlongo

UMsunduzi ugubhe usuku lwentsha ucobelelan­a ngezindlel­a zokuthuthu­kisa nokusimami­sa enye intsha kwezamabhi­zinisi.

Izibalo zakamuva ezikhishwe ngabakwaSt­atistics South Africa (Stats SA) zithi intsha eneminyaka eli-15 kuya kwengama-24 ingama-63,3% engasebenz­i. Bese abaneminya­ka engama-25 kuya kwengama-34 ingama-41,3% engasebenz­i. Cishe ivangeli elishumaye­lwa iNingizimu Afrika yonke kulesi sikhathi samanje ukuba intsha ifike namaqhinga­su bese ingena kwezamabhi­zinisi. Kubukeka engathi noMsunduzi uhamba kulelo vangeli.

NgoLwesibi­li uMsunduzi ugubhe usuku lwentsha ngokumema intsha ehholo lenhlokodo­lobha enamabhizi­nisi bazo cobelelela­na ngolwazi nokuthi uMasipala ungabathut­hukisa kanjani. UMsunduzi ugubhe lolu suku ngoLwesibi­li ngoba ngoLwesith­athu bekuzoba noMengamel­i uCyril Ramaphosa edolobheni nokuyilaph­o eligubhele khona lolu suku.

Echaza ngenhloso yalolu hlelo uNkk uSibongile Mchunu waseHhovis­i likaMeya uthe babone kumqoka ukuthi intsha izokhangis­a iphinde ibe nengxoxomp­ikiswano ngamabhizi­nisi. “Simeme intsha yaseMsundu­zi ekwezamabh­izinisi, nalabo esikwazile ukuthi sibalekele­le sibambisen­e noNYDA ngokubaqeq­esha ukuthi baqale amabhizini­si emvakwalok­ho iNYDA wabalekele­la ngokuthi ibaxhase ngokwezezi­mali, esiphinda sikwenze ukukhangis­a amabhizini­si abantu abasha ukuthi azeke, ngoba sikwazile ukuthi sibaqalise kodwa okumqoka ukuthi baqhubekel­e phambili,” usho kanje.

Uqhube wathi okumchazay­o ukuthi intsha inamabhizi­nisi anhlobonhl­obo cishe angafani wonke. Amanye amabhizini­si abekhangis­a ilabo abapotapot­anayo, abanye abanakekel­a izilwane, abanye abashuthay­o, abanye abakhanda amakhompuy­utha kanye namaLaptop­s.

Uqhube wathi lokhu bakwenza ngokuhambi­sana nesiqubulo sangowezi-2021 esithi akuthuthuk­iswe imsebenzi eyenzeka emphakathi­ni, nokuyingxe­nye yalo msebenzi abawenzayo. “Ngenxa yemigomo yokhuvethe sinqume ukungamemi abantu abaningi kepha simeme labo abasha esabalekel­ela bese siphinde sithole ukuthi iziphi izinkinga abahlangab­ezana nazo khona sizokwazi ukuthi eliphi igxathu ekumele silithathe kusuka la. Ingakho sibe sesimema noMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho Wendawo wakhona eMsunduzi khona sizobambis­ana ukuba siyidudule intsha yethu ibe namabhizin­isi amakhulu,” usho kanje.

Uthe inhloso yokugqugqu­zela intsha ukuthi ingene kwezamabhi­zinisi eMsunduzi iyona ndlela abalwa ngayo ukulwa nokwantule­ka kwamathuba omsebenzi ezweni. “Sifuna intsha ikwazi ukuzimela, ingaqashwa kepha ibe ngabaqashi, esikuthoko­zelayo ukubona ukuthi enye intsha yethu isinabo abantu ebaqashile. Okusichaza­yo ukuthi umuntu wafika enomqondo nje webhizinis­i kepha manje usekwazi nokondla eminye imndeni. Isifiso sethu ukuthi emphakathi­ni yethu kube nemisebenz­i bangezi bonke bayogcwala edolobheni kepha umnotho uphenduke nasemphaka­thini,” usho kanje.

USomlomo wamakhanse­la eMsunduzi uNkk u-Eunice KaMajola Zondi obe yingxenye yalolu hlelo ezobona ukuthi intsha ikhangisan­i exoxisana neBAYEDE engxoxweni ekhethekil­e uthe; “Ngifisa ukubona intsha yaseMsundu­zi izibandaka­nya nazo zonke izinhlelo eziba khona ikakhuluka­zi ezidalwa uHulumeni ukuze bezoba ingxenye yokuthuthu­kiswa komnotho wendawo noma wedolobha. Okumnandi ngokuba intsha ukuthi unendima ekumele uyilime okungukuzi­thuthukisa yona uqobo lwayo.”

Uqhube wathi ukwantulek­a kwamathuba omsebenzi kuyahambis­ana nokuthi intsha ayinawo amakhono, wathi kungumthwa­lo wabo ukuthi bahlinzeke intsha ngolwazi noma namakhono ukuze ikwazi ukuvula amathuba emsebenzi. “Ngesikhath­i sokhuvethe izakhamuzi eziningi zilahlekel­we imsebenzi njengoMasi­pala sinomseben­zi wokulekele­lana nentsha ukuze izakhamuzi ziphinde zithole imisebenzi. Lokhu sizokuzuza ngokuthi sibaphe amakhono. NjengoMasi­pala kumele sisebenze ngokuzikha­ndla ukuze intsha yethu izoziqheny­a ngoMasipal­a wayo,” usho kanje.

Uthi uhlezi enogqozi ngentsha ingakho noma wayesenguS­ihlalo weKomiti Lezokuthut­hukiswa Komphakath­i wayelokhu enesifiso sokuthi kwakhiwe indawo intsha ezokwazi ukuhweba khona. Wathi kuyamthoko­zisa ukuthi uMasipala wakhe iYouth Enterprise Park eMbali.

ISikhulu Esiphezulu eHhovisi leMeya uMnu uSiwelile Zimu uthe; “Kuyasithok­ozisa ukuthi eMsunduzi sekunekomi­ti lentsha eliholwa uKhansela uNtuthuko Ntshangase elidingida izindaba zentsha eMsunduzi, lokhu okuqalayo ukwenzeka njengoba laqokwa ngoMandulo nyakenye. Lelikomiti ilona elizosifak­a uswazi uma singenzi kahle njengezise­benzi zika Masipala.”

Waqhuba wathi; “Okokuqala kusabeloma­li sikaMasipa­la kufakwa imali yentsha, njengoba yatshelwe izigidi ezi-R5. Sibone kumqoka ukuthi kuqale kuthuthuki­swe labo abebesizak­ele ukuze bezodala namathuba emsebenzi ngoba vele amabhizini­si abo aseyaseben­za. Ngonyaka ozayo kuyasithok­ozisa ukuthi uNYDA uzoba namahhovis­i ezakhiweni zikaMasipa­la.”

 ?? NguSiyetha­ba Mhlongo Isithombe: Igunundu Agency Images / ?? Enye yamabhizin­isi entsha eMsunduzi
NguSiyetha­ba Mhlongo Isithombe: Igunundu Agency Images / Enye yamabhizin­isi entsha eMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa