Imali yentela ibhubhudlwa abezizwe
Amanye amanxusa akuleli asetholwe ukuthi azisikela kwelinonile ngentela yotshwala. Lokhu kuyawukhinyabeza umnotho wakuleli njengoba ibalwa ngezigidi le ntela emaywayo.
UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba uthi uphenya amanxusa amaningi eNingizimu Afrika ngokuphula amalungelo awo okuba ngamanxusa.
LoMnyango ukuqinisekisile ngoLwesihlanu ukuthi wonke amanxusa aseMalawi nabaningana abavela eLesotho banikezwe amahora angama-72 ukuthi baphume eNingizimu Afrika ngemuva kophenyo olutholile ukuthi bayabandakanyeka ekuhwebeni ngokungemthetho kotshwala obungakhokhelwa intela.
Kulindeleke nokuthi badele izikhundla zabo zobunxusa ngokubuyisa wonke amathuluzi adingekayo wokuxhumana eMnyangweni Wezobudlelwano Namazwe Nokubambisana (Dirco).
Impendulo yaseLesotho ngokuxoshwa kwamanxusa ayo
NgoLwesine esontweni eledlule, uHulumeni waseLesotho ukubeke kwacaca ukudumala kwawo ezindabeni ezivelile ukuthi abamele leli lizwe kuKhomishini ePhakeme ePitoli baxoshwa eNingizimu Afrika.
Umbuso waseLesotho uzwakalise ukushaqeka nokudumala ngokuxoshwa kwamanye amanxusa ayo eNingizimu Afrika. Izikhulu eziningana zikaHulumeni wamazwe angaphandle ezivela eLesotho kanye nabo bonke osomaqhinga baseMalawi bamenyezelwe njengabantu abangenamandla nguMnyango Wezobudlelwano Namazwe WaseNingizimu Afrika.
Banikezwe amahora angama-72 ukuthi bahambe ngemuva kokuthi uphenyo luthole ukuthi basebenzisa kabi amalungelo abo obunxusa ngokubandakanyeka kwabo ekuhwebeni okungekho emthethweni kotshwala obungakhokhi intela.
Ngokusobala bathenga utshwala ngobuningi ezitolo ezingakhokhisi ntela babuthengisela emashibhini aseNingizimu Afrika ukuze bazizuzise bona. UMnyango iDirco ukuqinisekisile ukuthi kusaqhutshekwa nokuphenywa izikhulu eziningi.
UNgqongqoshe Wezangaphandle Kanye Nobudlelwane Namazwe Angaphandle waseLesotho uMatšepo Ramakoae uthe basalinde umbiko ophelele oqhamuka eNingizimu Afrika
“INingizimu Afrika, ngophenyo lwayo, kanye nophenyo lwayo lwentela, ithole ukuthi ilahlekelwe izigidi ezili-R100 ngenyanga. Lokho bekungenxa yokusetshenziswa kabi kwemali emazweni okukhulunywe ngawo. Futhi sabalulwa kulawo mazwe. Uma umuntu sekumenyezelwa njengomuntu ongenamandla kuwumsebenzi walelozwe ukuthi liqinisekise ukuthi limemezela lowo muntu esengaphandle kwalelo lizwe ngesikhathi esibekiwe, ngoba uma behlala bazoboshwa,” kusho uRamakoae.