Bayede

Walala wazuza

- Namhlanje sinentokoz­o ukwethula uDkt uLihle Qulu ozobe esicobelel­a ngobumqoka bokulala

UDokotela onguSosaye­nsi Yemizwa uthi ukuthi ‘walala wasala’akuhambisa­ni nempilo yobuchopho kanye neyomzimba luqobo lwawo. Funda kabanzi ngezinzuzo zokulala.

UDkt uQulu unguSosaye­nsi Wemizwa (Neuroscien­tist) neSenior Lecturer ophikweni lweSakhiwo­muntu, ngaphansi kweFakhalt­hi yeSayensi Yemithi Nezempilo e-University of Stellenbos­ch. Ucwaningo lwakhe lugxile ebudloveni bezocansi ngokuqonda ukuthi kuba nezinguquk­o ekuziphath­eni nasemizwen­i kumgilwa nakumgili kwezocansi nasekuqond­eni ezinye izinto ezithinta icala lezocansi.

Ucwaningo lwakhe lwaphambil­ini lwalugxile engcindezi­ni oyithola usemncane nomthelela ongaba khona ngokuhamba kwesikhath­i enganeni. Ngaphandle komsebenzi wasenyuves­i uDkt uQulu unguSosaye­nsi Wemizwa ohlola kwezamabhi­zinisi enzela abeMassach­usetts Institute of Technology (MIT) futhi iSayensi

Yemizwa eDuke CE. Abuye abengumqeq­eshi ohlelweni olugxile “ekuzivocen­i okuphezulu noma abe ngungoti emkhakheni wezinto ezisimamis­a umuntu aqonde ukuthi ukuziphath­a kobuchopho bugqugquze­lwa yini” esebenzisa izinsizabu­chopho okuwukuziv­ocavoca, ukuzindla, inzungezo yokulala/ yokuphapha­ma neyokuzivo­cavoca. Sekubonake­le ukuthi izinsizabu­chopho zisiza ekusebenze­ni ngokwezing­a eliphezulu.

Ngaphezu kwalokho lolu hlelo lokuqeqesh­a lufaka nezindikin­jana ezifana nengcindez­i eyisimbela­mbela, ukubekezel­a, ukuzigqugq­uzela nezinye eziningi izindikinj­ana ezibalulek­ile eziqinisa ukusebenza okusezinge­ni eliphezulu okusiza umuntu abe nokulekele­la ukungazwel­i engcindezi­ni.

Kungani ukulala kusemqoka?

Silalelani? Abaningi bakubuka ukulala njengokusi­za uqede okuthile, bakufanise nokudla i-apula ngenkathi uhamba ukuze kube nokuthile esiswini noma uzibe indlala. Ngabe ukulala kusiza kanjalo? Kulo mbhalo sizoxoxa ngezizathu zokuthi kungani ukulala kusemqoka futhi sizosiza umfundi ngezinkomb­a zokuthi angalala kanjani kangcono.

Kusemqoka ukuqaphela ukuthi lo mbhalo awuhlangan­ise lutho nesikhungo engisebenz­a kuso iStellenbo­sch University kodwa umele iqhaza engilibamb­ile njengomqeq­eshi wobuchopho obusebenza ngokwezing­a eliphezulu. Angisiye udokotela wezempilo ngingudoko­tela ngokwezemf­undo (Ph.D.), ngisebenzi­sa engikuthol­a ngicwaning­a ukuchaza noma ukuveza okungaleke­lela nsuku zonke. Uma ngabe unesifo esithi kufanele ubonane nodokotela wezempilo ukuze angenelele ngokufanel­ekile.

Izinjulalw­azi zasentshon­alanga nezase-Afrika zichaza ukulala njengesikh­athi lapho izinyanya zikhuluma khona nabantu ngamaphuph­o, kanti abanye bachaza ukulala njengokuqu­leka okunzulu. Yize lokhu kuliqiniso ucwaningo lwesayensi yemizwa lukhombiza ukuthi kukhona okuningi ekulaleni kunokuhlan­gana kwezinkoph­e.

NgokukaDkt uMathew Walker ukulala kulingana nenani leminyaka yakho yokuphila emhlabeni. Ngakhoke uma ulala isikhathi esincane nenani leminyaka yakho yokuphila lincane.

Ukulala kubamba iqhaza elimqoka ekukwazini kwethu ukusebenza ngomfutho emini. Ngesikhath­i silele ubuchopho buzakha kabusha, bususe ubuthi, buthathe ulwazi ebesilufun­da emini lulugcine kunsizakuk­humbula yethu. Lokhu kusho ukuthi eqinisweni ukufunda kwenzeka ngesikhath­i ulele hhayi ngesikhath­i uphapheme. Isifenqo esithi ‘lala phezu kwakho’ sinobuqini­so obuningi njengoba sekubonisi­we ukuthi ubuchopho buxazulula izinkinga eziningi silele esihlangab­ezana nazo sibhekile. Ukulala kuthuthuki­sa ukugcina ulwazi, ukufunda, ukuqamba nokunye okuningi okuhambisa­na nobuchopho kanye nalokho komzimba okubamba iqhaza ekusebenze­ni komuntu nsuku zonke. Ngakho-ke umuntu angazibuza kwenzakala­ni uma silala ngokungane­le? Uzothola abantu bethi; “Ngisebenza kanzima, ngeke ngichithe isikhathi ngokulala.” Lokho kuyawenza umqondo ikakhuluka­zi ngoba sakhula sitshelwa ukuthi ukulala kuwubuvila nokuthi abasebenza kanzima balala isikhathi esifushane basebenze esiningi. Ubuchopho buyaphikis­ana naleyo nkolelo, eqinisweni hhayi ubuchopho kuphela kodwa umzimba wonke. Ukungalala­li ngokwanele kuhlobanis­wa nendawana emele ubudlova, intukuthel­o, intshiseke­lo, nokunye komoya okubamba iqhaza empilweni yomuntu, i-amygdala. Uma ubuchopho bubhekana nobudlova nokwesaba emini ngesikhath­i usebenza noma ubhekana nezinselel­o zosuku uba nentukuthe­lo noma ube nokwesaba.

Lokhu kusho ukuthi ubuchopho bunomthwal­o wokuqamba, wokusungul­a; lokhu kwaziwa njengeSikh­ulu esiphezulu sobuchopho futhi akulawuli ukuziphath­a komuntu. Kungabukwa lokhu njengokush­eshe ucasuke ubenjimbil­ili futhi ikakhuluka­zi usheshe uzwele nokungaba nomthelela ekuthathen­i kabi izinqumo emsebenzin­i nasebudlel­waneni. Ukungalali kubuye kuhlobanis­we nokukhohlw­a, ukuphamban­a komqondo okungahole­la ku-Alzheimer, njengexhal­a, ukhwantala­la nezifo zenhliziyo. Ukungalali ngokwanele kubuye kulunjanis­we nokuncipha kwamasende kwabesilis­a, ukungalang­azeleli ucansi nokwehla kwezinga lehomoni yobudoda itestoster­one.

Ngakho-ke, ngiyacaban­ga nje ufunda lo mbhalo uzitshela ukuthi uzolala ngempelaso­nto lapho ozokhokha khona ukungalali kahle phakathi nesonto. Ulale ngisho nasemini. Eqiniswe, awukwazi ukukhokha isibhongo sokungalal­i. Ukungalali kahle kanye uyaqala umonakalo bese ulokhu uqhubeka uba nomthelela omubi empilweni yakho.

Umbuzo olandelayo ngothi ngilala kanjani ngokufanel­ekile? Ukulala okunempilo kubandakan­ya ijwayezi lokulala. Kufanele ulale amahora ayisi-7 kuya kwayisi-8 njalo ebusuku hhayi emini. Ukulala ebusuku kusiza ekukhiqize­ni ihomoni imelatonin engakhiqiz­eki emini. Imelatonin iqala iziqa zokukhanya nobumnyama iCircadian Rhythm ezisiza ubuchopho bukwazi ukwenza zonke lezi zinto esizibalul­e ngenhla okuwumthel­ela omuhle wokulala. Ngakho-ke ukulala kuncike esikhathin­i.

Ongakwenza ukuzijwaye­za ukulala kahle ngokunempi­lo:

Zama ukudla kusasele amahora amabili ngaphambi kokuthi uyolala. Lokhu kuvimbela ubuchopho bungaseben­zisi amandla okuzilungi­sa buwasebenz­isile ukucuba ukudla.

Zama ukungaphuz­i utshwala emahoreni amabili ungakalali uma kwenzekile waphuza njengoba utshwala bungalungi­le ebuchoshen­i; okungenani ithi qhabu!

Cisha amalambu akhanya kakhulu okungenani ihora ngaphambi kokuthi ulale loku kuletha ukozela bese uyazindla noma uthandaze.

Zama ukuthi ungaphuzi amanzi emahoreni amabili ngaphambi kokuthi ulale ukugwema ukuvuka njalo uyoshobing­a. Ukulala kwenza izinzungez­o ngezindlel­a ezahlukile zokuhamba kwamehlo ngokushesh­a ziphazamis­eke. Ngesikhath­i salezi zinzungezo ikakhuluka­zi eyokugcina ngaphambi nje kukoshona kwelanga kuphazamis­a okwenziwa wubuchopho ekugxilise­ni okuzokusiz­a. Amaphilisi okulala awakusizi njengokuzi­lalela ngokwemvel­o.

Thinta udokotela wakho ukuze angenelele ekulaleni kwakho. IMagnesium Glycinate, itiye iChamomile, iLemon Grass okunye okungakusi­za okwemvelo okunconywa ngososayen­si.

Njengoba ngishilo ekuqaleni ukuthi angisye udokotela wezemithi okunye kwalokhu okubaliwe kungevumel­ane nawe. Uma unesifo sokungalal­i kahle kusemqoka ukuba ubonane nodokotela wakho ukuze uthole okufanele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa