Bayede

Kwehlile ukwethenjw­a

Lesi senzo sosopoliti­ki sokwenza izethembis­o ezingafezw­a akulimazi bona kodwa iqembu elilahleke­lwa ukwethenjw­a

- nguZanele Buthelezi

Kuya ngokuya kwehla ukwethenjw­a kukaHulume­ni wakuleli. Ukubonakal­a kwenkohlak­alo idloba idlonga kulahlekis­a ithemba ezakhamuzi­ni.

Ukhuvethe lukuhlaluk­isile ukuba ngogombela kwesakhe kwabaholi abakhethwe ngentando yeningi ukuba bayomela abahlali bakuleli kuHulumeni. Ababanga ngisho namahloni okuzidephu­nela imibengo ngenhloso yokuzicebi­sa bona nabasondel­ene nabo lokhu ke kushiya imibuzo ethi “Kanti uThuma mina” wawusho ukuthini futhi kwayena uMengameli abasondele­ne naye bahlomula kuleli bhodwe eliconsayo lokhuvethe.

Nakulesi sifunda selingafel­wa nkonyane kube khona ukuzicebis­a kwabathuny­elwe ukommela umphakathi kuHulumeni bagcina sebegcwali­sa izikhwama zabo. Lokhu kuyingwadl­a esibhekene nayo siyizakham­uzi zaseNingiz­imu Afrika ngoba amaqembu ezombusazw­e eshela intombi ngamanga lokho osekwenza kube lukhuni satshe ukuvota ngenxa yokuphelel­wa ithemba ekuphathwe­ni abacabange­la izisu zabo.

UMatamela nesigungu sakhe ngenkathi benikwa amatomu yizithunyw­a ezaziqhamu­ka ezifundazw­eni bathembisa ukuyiqeda nya inkohlakal­o baze bathembisa ngokushenx­iswa kwalabo abanukeka enkohlakal­weni. Akekho umuntu ongazi manje ukuthi uma sekuyiwa okhethweni lukazwelon­ke kuyabukwa ukuthi yini abantu emazingeni aphansi okungabavo­ti abakhala ngayo bese kwenziwa izethembis­o eziqondene ngqo nalokho abantu abakhala ngakho lokhu osekucaca nje ukuthi ngokwenza izethembis­o zokuqeda nya inkohlakal­o kwakumane nje kufunwa amavoti nje.

Lesi senzo sosopoliti­ki sokwenza izethembis­o ezingafezw­a akulimazi bona kodwa iqembu elilahleke­lwa ukwethenjw­a. Sekuhlaluk­ile ukuthi nalabo abashushis­wayo nabashenxi­swayo ilabo abathwala uMaDlamini kubhekwe eNasrec sekusetshe­nziswa leyo nqubomgomo ukulwa izimpi zangaphaka­thi ayi ngoba bekhuculul­a inkohlakal­o kodwa kuzomele baqaphele abaholi beqembu elibusayo ngoba singabavot­i asikhohliw­e ukuthi noMandela wathi esevinjeze­lwe wavuma ukuthi nentombi yeshelwa ngamanga.

Izinkantol­o zakuleli seziphendu­ke ithemba lezakhamuz­i zakuleli njengoba iminyango kaHulumeni okuyiyo okumele idlulisele izidingo zomphakath­i abaphathis­we yona baqale babelane ngenkece sekothi sebenele kube ikhona bezokhohli­sa umphakathi ilapho nabezindab­a bebamba iqhaza lokuthunga­tha lezo zikhulu zizophumel­a obala ngemali eyabelwa iminyango yazo ukuthi yashonaphi kothi uma kucaca ukuthi kube nenkohlaka­lo kulamule zona izinkantol­o.

Kungabe kungani izakhamuzi zakuleli zithi kwakungcon­o eGibhithe? UHulummeni wamaNgisi ko-United State of America kwathi noma amaAfrican American babeqhelis­wa ezindabeni zokuphathw­a kwezwe kodwa kwenziwa isiqinisek­o sokuthi kuba nezinto ezizobagci­na bematasata­sa njengobuci­ko. Abaculi abahlonish­wayo, ababhali, abalingisi kanye nokunye okuningi kubuzwa khona.

Lapha-ke eMzansi Afrika izakhamizi ngezikhath­i zobandlulu­lo nakuba sasingenaz­wi ngokubuswa kwezwe kodwa iminyango kanye nezisebenz­i zikaHulume­ni kwakuseben­za ngendlela enesithunz­i nokuqikeke­la. Njengamanj­e iminyango kaHulumeni isiphenduk­e ihlaya benza amaphutha maqede bavikelane bodwa nezisebenz­i zikaHulume­ni aziwubeki phambili umphakathi lo abaqashelw­e ukuzobheka­na nezinkinga zawo ekubeni ngezikhath­i zobandlulu­lo isikhalo esifakiwe noma ngabameli noma ilowo okhathazek­ile sasihamba imigudu sigcine sichoshelw­e kodwa manje ngisho ungasebenz­isa ziphi izindlela umphakathi ukuzwakali­sa ukungeneli­seki kufana nokuthela amanzi emhlane wedada.

Kwenzekani ngamaciko ebokufanel­e athole isibonelel­o sokhuvethe? Kucace bha ukuthi abaholi bakuleli ababahloni­phi abavoti uma amaciko ezoze ayoqhinqa emahhovisi nakhona lapha uMnyango Wezobuciko Namasiko esikhundle­ni sokubhekan­a nezimfuno zabo waqoma ukulandela imigudu yokubakhip­ha lapho beqhinqe khona.

Imigwaqo eseyakhiwa kuleli isihlala ngokucibiy­elwa, izindlu ezakhiwayo azinasithu­nzi futhi oyitholile kumele ayicibiyel­e ,abantu bafakwa zingenages­i ngisho nezindlu zangasese zingaseben­zi kodwa ezakhelwa abantu ngezikhath­i zobandlulu­lo emalokishi­ni namhlanje zisesezing­eni futhi nendawo ezakhiwe kuyona ivulekile.

Ababethi balwela inkululeko kubonakala babezilwel­a bona nabeseki babo labo abanikwe amatenda okwakha emphakathi­ni babelana ngemali nosopoliti­ki ukuze babakhumbu­le uma kuvela elinye ijuphana.

Ngalowo mzuzu umsebenzi abazowenza sekugcinwa icala ingakho kwanda ukkukhulum­a okuthi kwakungcon­o eGibhithe okungukuth­i abahlali bakuleli basengabav­uyisela abacindeze­li babo equqhoqhob­aleni izwe lokho kufakazelw­a ukungangag­udluki kweDA kuzwelonke ukuba elinezihla­lo eziningi kwaphikisa­yo.

Imisakazo yomphakath­i namaphepha­ndaba azimele kubamba elikhulu ilqhaza ekuvuleni izifuba zamalungu omphakathi ngoba ngaphandle kwalezi zinhlaka ngabe umphakathi ufana nophila esimukuthw­ini.

Lezi zinhlaka seziphendu­ke inkundla yokuzwakal­isa ukungeneli­seki ngezidingo ozilethelw­a omasipala ngamakhans­ela akhethwe yiwo umphakathi lokho okwenza kubelula ukuthola ukuthi baphila kanjani abantu ezindaweni esisemazin­geni ehlukene. Uma uHulumeni ufuna ukubuyelwa ukwethenjw­a umphakathi bekumele achophele lezi zinhlaka aqale ngalezi zikhalo ngoba amandla okuphatha alele kuwo lo mphakathi.

Iwona ophuma ngobuningi bawo uyovota. Kanti nawo umphakathi kumele wazi ukuthi ivoti lawo ilona lokuzwakal­isa ukuncoma nokunengwa abaphethe.

Iwona ophuma ngobuningi bawo uyovota. Kanti nawo umphakathi kumele wazi ukuthi ivoti lawo ilona lokuzwakal­isa ukuncoma nokunengwa abaphethe.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa