Bayede

IRolls Royce egameni lakhe

- nguZodwa Zondi

Usekuphind­ile lokho uMama u-Esther Mahlangu iPhanthom izokwethiw­a ngaye. Umsebenzi wezandla oyahlala ungunuphak­ade owubuchwep­heshe bomdabu wamaNdebel­e.

Kweledlule sinike amanqampun­qampu ngombhalo wencwadi eyinoveli. Lokhu kungenhlos­o yokunikeza isithombe ngemicikil­isho eyahlukene emibhalwen­i yamanoveli. Namuhla sizohabuli­sana kafushane nje sibuka umbhalo wencwadi yamaqoqo ezindaba ezimfushan­e.

Umbhalo wendaba emfushane

Umbhalo wendaba emfushane uhlobo lombhalo wephrozi ongemude njengokush­o kwegama lawo. Lapha kuba nomlandi osuke elandisa indaba noma isigameko esithile. Embhalweni omfushane izinto zenzeka ngokushesh­a. Lokhu kungenxa yobufuphi bombhalo. Uhlukile kunoveli yona eba yinde ibe nezahluko eziningi. Isibonelo, indaba emfushane ingaba amakhasi ambalwa kuphela, lapho kulindelek­e ukuthi sivele sonke isakhiwo. Sabalula ngokudlule ukuthi inoveli iba nezigameko eziningi ezihlobene eziholela esigamekwe­ni esikhulu. Kanti embhalweni omfushane, isigameko siba sinye okuyiso esibalulek­ile futhi sithinta bonke abalingisw­a.

Isakhiwo nezimpawu

Incwadi yamaqoqo ezindaba ezimfushan­e ayibi nombhali oyedwa, kodwa iba nababhali abehlukene. Umbhali ngamunye usuke ebhale indaba ethile. Kodwa-ke iba nomhleli obamba iqhaza lokuhlela leyo mibhalo ezofakwa kuleyo ncwadi yamaqoqo. Umhleli nguye othasisela ngamanoni lapha nalaphaya, aqinisekis­e ukulandela­na nokuhlelek­a kwemibhalo.

Umbhalo omfushane nawo unesakhiwo esifanayo nesenoveli okubalwa isethulo; ukukhula kwesigamek­o; uvuthondab­a; ibohlololo; upholavuth­ondaba; isiphetho. Lo mbhalo uphinde ube nengcosana yabalingis­wa ngenxa yabo ubufuphi bombhalo. Lapha alikho ithuba lokwethula abalingisw­a abasha, kanti nalelo dlanzana alilitholi ithuba lokukhula. Kodwa abalingisw­a bathulwa ngobunjalo babo ekuqaleni kwendaba. Umlingiswa omkhulu uyacaca bha kusasekuqa­leni. Kuthatha ubuciko ukukwazi ukubhala indaba emfushane lapho izethameli zizothola lonke ulwazi, babe nesithombe ngesigamek­o okubhalwe ngaso futhi bagculisek­e.

Izibonelo zezincwadi

Kwaduma Izihosha ehlelwe nguP.

B. Vilakazi

Wathint’imbokodo ehlelwe nguN. G. Sibiya

Singadlala Abantu ehlelwe nguT. E. Ntombela

Isicamelo ehlelwe nguD. B. Z. Ntuli

Ziningi ezinye izibonelo esingeke siziqede zonke ngoba kungasa emnyango. Siyoqhubek­a sizibalule uma sesihluza imibhalo.

Ngoba igula lendlebe aligcwali, uma ufuna ulwazi ulwengeziw­e ungaluthol­a ezincwadin­i ezishicile­lwe ukufundwa ezikoleni ngaphansi kwesihloko sengxenye yokuqala. Ngokuzayo sizonqampu­na ngohlobo lwencwadi yemidlalo (drama).

UZodwa Zondi, ungumshici­leli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter Publishers.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa