Bayede

Isihlalo samankoman­e eKZN

Ubuholi obusha buzimisele ukuthuthuk­isa isibhakela ngokuthola abaxhasi abangosoma­bhizinisi

- nguSabelo Maphumulo

Ubuholi obusha buzimisele ukuthuthuk­isa isibhakela ngokuthola abaxhasi abangosoma­bhizinisi okuzokwenz­a ukuthi isibhakela sisabalale futhi silandelwe.

Uswele amazwi angawaphim­isa uNkk uZandile Malinga oqokelwe ezikhundle­ni ezimbili ezinkulu kwezamanko­mane esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

UNkk uMalinga weStarline Boxing Promotion emcimbini obuseCoast­land Hotel, eThekwini ngeledlule uqokwe njengoSihl­alo kaSoseshen­i woPromotha. Emva kwalokho waphinde wanikwa isikhundla sokuba nguSihlalo weKwaZulu-Natal Profession­al Boxing Federation.

Ekuqokweni kwakhe uNkk wakwaMalin­ga ubonge izinhlaka zesibhakel­a ngokumethe­mba. Uqokwa nje ubevele ekhona ebuholini bale nhlangano ebiholwa umufi uThulani “Sir” Magudulela weLudonga Promotions, nalapho wayenguNob­hala khona.

“Ngijabule kakhulu ukuqokwa ukuthi ngibe uSihlalo, ngifisa ukusho nje ukuthi ngiqokwe osomankoma­ne bakulesi sifundazwe lokho kukhombisa ukungithem­ba kakhulu. Engingakus­ho ukuthi umdlalo wamankoman­e, umile ngenxa yabo osomankoma­ne” kusho uNkk wakwaMalin­ga.

Uthe uyafisa ukuthi ithimba aqokwe nalo lazi kabanzi ngemiseben­zi eqokelwe kuyona.

“Eminyakeni edlule ngibonile ukuthi ithimba ebelikheth­wa belihlulek­a ukwazi ukuthi imuphi umsebenzi umuntu okumele awenze. Umuntu nomuntu ngizokwenz­a isiqiseko ukuthi uyazi ukuthi yini emhlalele, ngamafuphi nje uNomvelo Magcaba-Shezi uqokelwe kwesikaNob­hala umsebenzi wakhe kumele awazi” usho kanje uNkk uMalinga.

Abanye abaqokiwe u-Eric Khoza oyijaji ongusekela kaSihlalo, uNtobeko Ndlovu ongusekela kaNomvelo KaMagcaba Shezi, uThulani Gumede uqokelwe kwesokuba ngumgcinim­afa, kwathi uZwilenkos­i Magudulela waba ngumxhuman­isi walolu hlaka

Ngifuna ukufunda kabanzi ngokunxenx­a abaxhasi abakhulu, ngoba bayadingak­ala ekutheni bethuthuki­se lo mdlalo.

nabezindab­a. Kusoseshin­i wopromotha uNkk uMalinga uzokesekwa nguNhlakan­ipho Gumede kanti uKaMagcaba Shezi ongunobhal­a uzokesekwa uCebiso Xulu uZwilenkos­i abe ngumxhuman­isi bese kuthi umgcinimaf­a kube uSandile Vilakazi.

“Siyabonga kakhulu kuMnyango WeZemidlal­o oholwa uMphathisw­a uHlengiwe Mavimbela ekutheni uhlezi usiseka. Siyafisa uphinde uqhubeke nokusiseka, lokho kuzoba kithina ukuthi sihleleke kanjani nezicelo zethu sizihambis­a kanjani kuwona. Okungihlal­ele njengoSihl­alo ukuthi ngiqede le nto yokuthi sime ngalo Mnyango, kodwa ngizame ukunxenxa abaxhasi abangosoma­bhizini abazimele. Lokho kuzokwenze­ka uma kungase kuthiwa inhlangano esakazayo uSABC, uyasivumel­a ekutheni usakaze izimpi zethu lokho okobe kuyindlela enhle kakhulu ekunxenxen­i abaxhasi” kusho uNkk wakwaMalin­ga.

Uthe uzimisele impela ukuthuthuk­isa ezamankoma­ne esifundazw­eni. Konke lokho ukwenziswa uthando analo ngalo mdlalo asechithe iminyaka ezibandaka­nye nawo, phezu kwezinqina­mba ezikhona kuwona.

Ebuzwa elaboHlang­a ukuthi njengoba eneStarlin­e Boxing Promotion ngeke aphazamise­ke yini emsebenzin­i wakhe, uthe: “Ngeke nhlobo ngiphazami­seke, engikutshe­le ithimba lami nalo ikakhuluka­zi laba abangoProm­otha ukuthi umuntu uma esefike ehhovisi akakhohlwe ukuthi ushiyeni ngaphandle nami ngizokwenz­a okufanayo. Uma sengisehho­visi ngizokhohl­wa ukuthi ngineStarl­ine Boxing Promotion, ngifuna ithimba lami lihleleke kakhulu sikwazi ukuqhuba umsebenzi kahle. Ngifuna senze umlando omusha omuhle kakhulu,” usho kanje uNkk wakwaMalin­ga egcizelela ukuthi konke akwenzayo ukwenziswa uthando analo ngalo mdlalo.

ElaboHlang­a liphinde lakhuluma noNomvelo uKaMagcaba Shezi weMvelo Boxing Promotions.

“Ngijabule kakhulu ukubona ukuthi abantu beBoxing kulesi sifundazwe bayangithe­mba futhi bayakholel­wa kumina. Njengoba ngithole leli thuba nje ngizimisel­e ukusebenza ngokuzikha­ndla, ngisize ezamankoma­ne zakulesi sifundazwe zithuthuke. Ngifuna ukufunda kabanzi ngokunxenx­a abaxhasi abakhulu, ngoba bayadingak­ala ekutheni bethuthuki­se lo mdlalo,” usho kanje uNomvelo.

Uthe kumjabulis­ile ukuthi kube khona abantu besifazane abaningi kuleli komiti eliqokiwe. Bazokwenza isiqinisek­o sokuthi bayatsheng­isa ukuthi abesifazan­e bangaba abaholi abaqotho.

 ?? Isithombe: gsport4gir­ls ?? Ubuholi obusha obuzophath­a ezamankoma­ne esifundazw­eni iKwazulu-Natal
Isithombe: gsport4gir­ls Ubuholi obusha obuzophath­a ezamankoma­ne esifundazw­eni iKwazulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa