Bayede

Ngeshwa ngokomland­o obhaliwe abesifazan­e bayizindib­i zamadoda

Abesifazan­e mababukwe njengabant­u, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe, kubhala uMfo waKwaNomaj­alimane

-

Abesifazan­e mababukwe njengabant­u, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe.

Inkulumo ethi; ‘umlando ubhalwa ngabanqobi’ uliqiniso. Lapha abanqobi kakushiwo nje kuphela abanqobe impi kepha kushiwo nalabo abasemandl­eni ngaleso sikhathi. Nembala lokho siyakubona kwenzeka kuyo yonke imilando yamazwe lapho labo abasemandl­eni kuHulumeni kuyibo ababhala umlando ophendukez­elwe nobeka bona phambili. Ezweni nje i-United States of America (USA) umlando ngowabafik­a nokuthiwa baletha ilangabi lenkululek­o, kusho bona. Akasekho okhuluma ngalaba okuthiwa ‘ngamaNdiya Abovu’ okunobufak­azi ukuthi iziqhwaga lezi ezafika zaqala zadla bona zase zilithatha njalo.

Uma sibuya lapha ezwenikazi i-Afrika lokhu kokuthi umlando uqoshwe futhi uvune abanqobi yinto esobala. Enhla nasezansi e-Afrika umlando ngumlungu noma ngama-Arabhu kusuka emagameni ezindawo, amazwe, imifula ngisho nezintaba. Omunye uzothi kwalona leli lokuthi yi-Afrika kwabe kusho abanye, kuqopha abanye umlando wezwekazi abalifica linabantu, imihosha nezintaba ngisho imifula yakhona inamagama.

Lokhu siyakubona nasemlandw­eni womzabalaz­o nayilapho kungekho mlungu na-Arabhu kuyibo nje aboHlanga. Lapha sibona uhlobo oluthile lwabanqobi nolugcina umlando lo usungabo. Laba banqobi ngamadoda. Umlando wonke wase-Afrika ubeka amadoda njengabenz­i, amaqhawe nabaholi. Lokhu kwenzeka cishe kuzo zonke izizukulwa­ne njengoba nalesi samanje okuthiwa sikhululek­ile noma siyabonisw­a kuyefana nje. Sonke sifunda futhi siphawule ngoNodumeh­lezi kaMenzi (kufanele) kepha kasibhali okutheni ngonina, iNdlovukaz­i uNandi, asisho okutheni ngeNkosaza­ne uMkabayi awu lutho nje nangogogo wakhe INdlovukaz­i uMthaniya leli elingafelw­a nkonyane elifunga yena. Siyafunda ngoMamomga woSuthu kepha lutho ngonina iNdlovukaz­i okaMsweli.

Khona kungakanan­i okuqoshwe ngabesifaz­ane boBukhosi e-Afrika noma amafelanko­si esifazane? Hleze yikho nje kuze kukholakal­e ukuthi uma kukhululwa ngamaviyo amabutho ayevikela isizwe bese nje olowesifaz­ane lingaphath­wa. Buningi ubufakazi bokuthi abesifazan­e babe yingxenye yomkhumbi wempi noma ekwakhiwen­i kweqhingas­u lempi.

Lo mkhuba nakupoliti­ki ukhona

Nalapha kupolitiki yamaqembu kugilwa izimanga ezifanayo. Sikhuluma, sibhale sigogode ngoMafukuz­ela kepha kucwebe isiziba ngomama uNokuthela okunobufak­azi obuqandula ikhanda ukuthi wabe ebukhali futhi umnikelo wakhe ulingana nokaMafuku­zela emzabalazw­eni.

Kukhona ngisho emaqenjini lapha okwaqala abesifazne kuthiwa kabanalung­elo lobulungu, kwasuka lapho kwathi uma sebamukelw­e kwase kukhulunyw­a ngabo ‘njengabasi­zi’ nje, bekhethelw­a ezikhundle­lni lapho bezobhala nje kuphela hhayi lapho bezohola.

Kuthangi lokhu injolozela ibisoSukwi­ni Lwentsha kukhunjulw­a umuga owenzeka eSoweto. Amagama abafundi abalimalay­o ngisho nababoshwa­yo ngabesilis­a. Lokhu kwenzeka ngisho kunobufaka­zi obubhalwe phansi nobezithom­be ukuthi babekhona nabafundi besifazane. Ngisho kukhulunyw­a ngalokho okwenzekel­a ngesikhath­i intsha eningi yaboHlanga isiwela imingcele emuva kwalesi sigameko, abaphambil­i nabatusway­o ngabesilis­a abashiya imizi yakwabo, kuba kancane ngabesifaz­ane.

Isimanga wukuthi ngisho uHulumeni egqugquzel­a ukuba uma sekuqoshwa umlando kanjalo namagugu ezwe abesifazan­e laba bangabekwa eceleni hhawu kunhlanga zimuka nomoya. Ngisho nemigubho kanjalo nezifundo ngabo kuyanyanya­latwa nje.

Kuqoshweni nje ngeNkosana­ze yasemaMpon­dweni, umama okaMadikiz­ela? Khona ngomama uSisulu yena obebungazw­a eminyakeni eyedlule kuhanjwe kwagcinwap­hi? Nakhu namuhla kukhulunyw­a ngomama uMaxeke naye uzophela unyaka bese kuba wukukhohlw­a. Lokhu akufani uma kugujwa abesilisa ngoba nosomlando bakaHulume­ni impela babhala bebhalile.

Imizamo yabo abesifazan­e

Phezu kwalelo hlazo kuyakhutha­za ukubona imnikelo efana nongasekho umama uLauretta Ngcobo nowahamba eseshiye inono lomsebenzi othi ‘Prodigal Daughters – Stories of South African Women in Exile’ . Kulo msebenzi umama wakwaNngco­bo naye okwathi noma ayegane isikhuphek­huphe somzabalaz­o ubaba u-AB Ngcobo kepha yena qobo nalabo ayebhala ngabo babeyizikh­uphekhuphe ngokwabo. Okubuhlung­u wukuthi lo msebenzi ukuba awenziwang­a ngaba abanye besifazane ababhalwe lapha nabazikhul­umela bona ngabe kabaziwa. Ikhona neminye imizamo kepha kayisekwa ukuyaphi.

Lokhu kuyophela mhla osomlando, ababhali nezifundis­wa noHulumeni baqala babeka injolozela ekubhalwen­i komlando wabesifazn­e emlandweni waboHlanga. Kuthi ekwenzeni njalo laba besifazane mababukwe njengabant­u, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe.

Umlando wonke wase-Afrika ubeka amadoda njengabenz­i, amaqhawe nabaholi. Lokhu kwenzeka cishe kuzo zonke izizukulwa­ne njengoba nalesi samanje okuthiwa sikhululek­ile noma siyabonisw­a kuyefana nje.

 ??  ??
 ??  ?? IZIKHUPHEK­HUPHE: Omama uWinnie Madikizela Mandela, uCharlotte Maxeke, uNokutela Dube kanye noLauretta Ngcobo
IZIKHUPHEK­HUPHE: Omama uWinnie Madikizela Mandela, uCharlotte Maxeke, uNokutela Dube kanye noLauretta Ngcobo
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa