Ngeshwa ngokomlando obhaliwe abesifazane bayizindibi zamadoda
Abesifazane mababukwe njengabantu, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe, kubhala uMfo waKwaNomajalimane
Abesifazane mababukwe njengabantu, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe.
Inkulumo ethi; ‘umlando ubhalwa ngabanqobi’ uliqiniso. Lapha abanqobi kakushiwo nje kuphela abanqobe impi kepha kushiwo nalabo abasemandleni ngaleso sikhathi. Nembala lokho siyakubona kwenzeka kuyo yonke imilando yamazwe lapho labo abasemandleni kuHulumeni kuyibo ababhala umlando ophendukezelwe nobeka bona phambili. Ezweni nje i-United States of America (USA) umlando ngowabafika nokuthiwa baletha ilangabi lenkululeko, kusho bona. Akasekho okhuluma ngalaba okuthiwa ‘ngamaNdiya Abovu’ okunobufakazi ukuthi iziqhwaga lezi ezafika zaqala zadla bona zase zilithatha njalo.
Uma sibuya lapha ezwenikazi i-Afrika lokhu kokuthi umlando uqoshwe futhi uvune abanqobi yinto esobala. Enhla nasezansi e-Afrika umlando ngumlungu noma ngama-Arabhu kusuka emagameni ezindawo, amazwe, imifula ngisho nezintaba. Omunye uzothi kwalona leli lokuthi yi-Afrika kwabe kusho abanye, kuqopha abanye umlando wezwekazi abalifica linabantu, imihosha nezintaba ngisho imifula yakhona inamagama.
Lokhu siyakubona nasemlandweni womzabalazo nayilapho kungekho mlungu na-Arabhu kuyibo nje aboHlanga. Lapha sibona uhlobo oluthile lwabanqobi nolugcina umlando lo usungabo. Laba banqobi ngamadoda. Umlando wonke wase-Afrika ubeka amadoda njengabenzi, amaqhawe nabaholi. Lokhu kwenzeka cishe kuzo zonke izizukulwane njengoba nalesi samanje okuthiwa sikhululekile noma siyaboniswa kuyefana nje. Sonke sifunda futhi siphawule ngoNodumehlezi kaMenzi (kufanele) kepha kasibhali okutheni ngonina, iNdlovukazi uNandi, asisho okutheni ngeNkosazane uMkabayi awu lutho nje nangogogo wakhe INdlovukazi uMthaniya leli elingafelwa nkonyane elifunga yena. Siyafunda ngoMamomga woSuthu kepha lutho ngonina iNdlovukazi okaMsweli.
Khona kungakanani okuqoshwe ngabesifazane boBukhosi e-Afrika noma amafelankosi esifazane? Hleze yikho nje kuze kukholakale ukuthi uma kukhululwa ngamaviyo amabutho ayevikela isizwe bese nje olowesifazane lingaphathwa. Buningi ubufakazi bokuthi abesifazane babe yingxenye yomkhumbi wempi noma ekwakhiweni kweqhingasu lempi.
Lo mkhuba nakupolitiki ukhona
Nalapha kupolitiki yamaqembu kugilwa izimanga ezifanayo. Sikhuluma, sibhale sigogode ngoMafukuzela kepha kucwebe isiziba ngomama uNokuthela okunobufakazi obuqandula ikhanda ukuthi wabe ebukhali futhi umnikelo wakhe ulingana nokaMafukuzela emzabalazweni.
Kukhona ngisho emaqenjini lapha okwaqala abesifazne kuthiwa kabanalungelo lobulungu, kwasuka lapho kwathi uma sebamukelwe kwase kukhulunywa ngabo ‘njengabasizi’ nje, bekhethelwa ezikhundlelni lapho bezobhala nje kuphela hhayi lapho bezohola.
Kuthangi lokhu injolozela ibisoSukwini Lwentsha kukhunjulwa umuga owenzeka eSoweto. Amagama abafundi abalimalayo ngisho nababoshwayo ngabesilisa. Lokhu kwenzeka ngisho kunobufakazi obubhalwe phansi nobezithombe ukuthi babekhona nabafundi besifazane. Ngisho kukhulunywa ngalokho okwenzekela ngesikhathi intsha eningi yaboHlanga isiwela imingcele emuva kwalesi sigameko, abaphambili nabatuswayo ngabesilisa abashiya imizi yakwabo, kuba kancane ngabesifazane.
Isimanga wukuthi ngisho uHulumeni egqugquzela ukuba uma sekuqoshwa umlando kanjalo namagugu ezwe abesifazane laba bangabekwa eceleni hhawu kunhlanga zimuka nomoya. Ngisho nemigubho kanjalo nezifundo ngabo kuyanyanyalatwa nje.
Kuqoshweni nje ngeNkosanaze yasemaMpondweni, umama okaMadikizela? Khona ngomama uSisulu yena obebungazwa eminyakeni eyedlule kuhanjwe kwagcinwaphi? Nakhu namuhla kukhulunywa ngomama uMaxeke naye uzophela unyaka bese kuba wukukhohlwa. Lokhu akufani uma kugujwa abesilisa ngoba nosomlando bakaHulumeni impela babhala bebhalile.
Imizamo yabo abesifazane
Phezu kwalelo hlazo kuyakhuthaza ukubona imnikelo efana nongasekho umama uLauretta Ngcobo nowahamba eseshiye inono lomsebenzi othi ‘Prodigal Daughters – Stories of South African Women in Exile’ . Kulo msebenzi umama wakwaNngcobo naye okwathi noma ayegane isikhuphekhuphe somzabalazo ubaba u-AB Ngcobo kepha yena qobo nalabo ayebhala ngabo babeyizikhuphekhuphe ngokwabo. Okubuhlungu wukuthi lo msebenzi ukuba awenziwanga ngaba abanye besifazane ababhalwe lapha nabazikhulumela bona ngabe kabaziwa. Ikhona neminye imizamo kepha kayisekwa ukuyaphi.
Lokhu kuyophela mhla osomlando, ababhali nezifundiswa noHulumeni baqala babeka injolozela ekubhalweni komlando wabesifazne emlandweni waboHlanga. Kuthi ekwenzeni njalo laba besifazane mababukwe njengabantu, abenzi bezinto hhayi abafazi babaholi ngoba kakade nabo benza lukhulu. Nabo bakufanele ukuba yingxenye yomlando nefagugu lezwe.
Umlando wonke wase-Afrika ubeka amadoda njengabenzi, amaqhawe nabaholi. Lokhu kwenzeka cishe kuzo zonke izizukulwane njengoba nalesi samanje okuthiwa sikhululekile noma siyaboniswa kuyefana nje.