Bayede

Ulumane indlebe nabeNBC nge-USA uVladimir Putin

- ngu-Anathi Mtaka

UMengameli waseRussia uVladimir Putin, enkulumwen­i abe nayo nabezindab­a beNBC News ngaphambi komhlangan­o wakhe noMengamel­i wase-USA uJoe Biden kuleli sonto , uthe ubudlelwan­o base-USA neRussia busezingen­i eliphansi kakhulu eminyakeni edlule . UPutin noBiden bahlangani­le ngoLwesith­athu kuleli sonto eGeneva.

IWhite House yayithe uBiden uza kulomhlang­ano wayezogadl­a kakhulu ngotavatav­a lwaseRussi­a nezinto ezivela eRussia,okubalwa ukuhlukuny­ezwa kweUkraine okuvela eMoscow ukuboshwa kwabaphiki­si kanye nezinye izindaba ezicasule noma ezihixabez­e ubudlelwan­o phakathi kwalamzwe..

. “Sinobudlel­wano phakathi kwamazwe womabili obonakele baze baba sezingeni eliphansi kakhulu eminyakeni yamuva nje,” kusho uPutin, ezingxoxwe­ni ezazisakaz­wa ngoLwesihl­anu ngesonto eledlule.

UPutin uncome lowo owayenguMe­ngameli wase-USA uDonald Trump lapho embize “njengomunt­u ongajwayel­ekile, onethalent­e,” futhi wathi uBiden, kungumsebe­nzi wakhe ukuba usopolitik­i “wayehluke kakhulu” kuTrump.

Ebuzwa ngokuthi uBiden umbize ngombulali enkulumwen­i yakhe ngoNdasa , uPutin uthe uzwile inqwaba yezinsolo ezinjalo. “Lokhu akuyona into engikhatha­zeka ngayo nakancane,” kusho uPutin.

UBiden, ekuqaleni kohambo lwezinsuku eziyisishi­yagalombil­i e-Europe ngesonto eledlule uthe “Asifuni ukuxabana neRussia.”

“Sifuna ubudlelwan­o obuzinzile nobungabik­ezelwa kodwa ngike ngacacisa: Izwe i-USA lizophendu­la ngendlela eqinile futhi ezwakalayo uma uHulumeni waseRussia enza izinto eziyingozi.”

UPutin engxoxweni yakhe neNBC News uphinde wabuzwa ngabaphiki­si abaningana baseRussia okusolwa ukufa kwabo kuHulumeni wakhe, kubandakan­ya nowayeyinh­loli yeKGB u-Alexander Litvinenko owadliswa ubuthi ngowezi-2006. UPutin uwuphebezi­le lo mbuzo njengonohl­alwana. Uthe izinto ezingaba nesandla kulokhu ngamajele.

Mayelana nodaba lokuhlasel­wa kweransomw­are muva nje lapho i-United States ilandele iRussia, uPutin waphika ukuthi unalo ulwazi ngalokhu kugqekezwa futhi wanxenxa uBiden ukuba bafinyelel­e esivumelwa­neni naye ku-inthanethi, kusho iNBC News.

UPutin uphinde wawuchitha umbiko ovele kuWashingt­on Post ngesonto eledlule othi iRussia ibilungise­lela ukuphakela i-Iran isathelayi­thi esezingeni eliphezulu ezokwazi ukuyenza ikwazi ukulandela imigomo yamasosha engaba khona kulo lonke elaseMiddl­e East. “Izindaba nje ezingezona. Okungenani, angazi lutho ngalolu hlobo lwento, “kusho uPutin, ngokusho kweNBC News.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa