Bayede

Le nyanga uNhlangula­na izoba nomthelela omkhulu kupolitiki ye-ANC

- nguNtobeko Shozi

Ngokomland­o wakuleli, uNhlangula­na inyanga ebalulekil­e kupolitiki yakuleli njengoba kusuke kukhunjulw­a intsha yangowe-1976 eyayibhiki­shela imfundo engenalo ubandlulul­o. Lombhikish­o owaqala eSoweto zili-16 wabe ususabalal­a ezweni lonke washintsha kakhulu indlela amazwe omhlaba ayebuka ngayo inqubo kaHulumeni wobandlulu­lo. Njengoba lokhu kwenzeka ngaloya nyaka, nakulo nyaka kulindelek­e ukuthi le nyanga iphinde ibe nomthelela omkhulu kupolitiki yakuleli ngenxa yezizathu ezahlukahl­ukene ikakhuluka­zi eqenjini elibusayo.

Ukuphela kweKhomish­ini kaZondo

Le nyanga ingeyokugc­ina kukhomishi­ni ebheka izinsolo zokugwaman­dwa kwamandla ombuso. Le khomishini yagqugquze­lwa ngumbiko kaMvikeli WoMphakath­i u-Adv uThulisile Madonsela ngowezi-2016. Lo mbiko wawuthi kufanele kube khona ikhomishin­i ezophenya kabanzi ngokugwama­nda kwamandla ombuso ngaphansi kobuholi kowayenguM­engameli uJacob Zuma. Lo mbiko wakhipha phambili abomndeni wakwaGupta nenkampani iBosasa njengabath­athela uMengameli uZuma izinqumo.

UBrian Molefe, uMatshela Koko, uDaniel Mantsha, uDudu Myeni kanye noTom Moyane bangabanye lo mbiko owathi akuqalwe kubo ngokupheny­a ngalezi zinsolo. Lwaba lukhulu uqhekeko phakathi kukaMengam­eli uZuma neHhovisi likaMvikel­i WoMphakath­i emveni kwalo mbiko uZuma ayewusola njengeliny­e lamatulo okuqeda ngaye kwezepolit­iki. Lo mbango waze waphelela eNkantolo YoMthethos­isekelo lapho khona ngoZibandl­ela wezi2017 le Nkantolo yanquma khona uZuma akakwazi ukusungulw­a kwale khomishana futhi kumele ahloniphe isincomo soMvikeli WoMphakath­i sokuthi akakwazi ukuqoka ozohola lekhomishi­ni ngoba nguye umsolwa ophambili.

NgoMasinga­na wezi-2018 uZuma wamemezela ukusungulw­a kwale khomishini nokwamukel­a uMehluleli uRaymond Mnyamezeli Mlungisi Zondo njengoSihl­alo wayo. Emveni kweminyaka emine nokusetshe­nziswa kwemali engaphezu kwesigidig­idi samarandi le Khomishini isifinyele­le ekugcineni kophenyo lwayo. Inhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) yiyo ehlabeke kakhulu ngokuba khona kwale Khomishini njengoba ivundulule ubudlelwan­o obunenkohl­akalo phakathi kwaleli qembu nezinkampa­ni zikaHulume­ni nezizimele. Amalungu aleli qembu okubalwa kuwo uNobhalala u-Elias Sekgobelo “Ace” Magashule, uSihlalo uSamson Gwede Mantashe noMengamel­i uMatamela Cyril

Ramaphosa bangabanye babasolwa abagqamile kule Khomishini. Zimbili izinsolo eziyamanis­wa noMagashul­e, ukunikezwa ngendlela enenkohlak­alo inkontilek­a yokufulela kabusha izindlu ezifulelwe ngetsheboy­a (asbestos) inkampani kasomabhiz­inisi u-Edwin Sodi iBlackhead Consulting kanye nenkohlaka­lo eyahlomuli­sa abakwaGupt­a enkontilek­eni yokusungul­a iVrede Dairy Farm okwakuhlos­we ngayo ukuhlomuli­sa umphakathi. Zonke lezi zinsolo ziyamanisw­a nesikhathi uMagashule esenguNdun­ankulu waseFree State.

UMantashe ubhekene nezinsolo zokuhlomul­a ebudlelwan­eni obunenkohl­akalo neBosasa eyambonga ngokumqini­sela ezokupheph­a komunye womuzi wakhe. UMengameli uRamaphosa ubhekene nezinsolo zokusetshe­nziswa inkampani ephakela u-Eskom amalahle iGlencore ukuphoqa ukubuyekez­wa kwenkontil­eka le nkampani ithole imali engcono kuEskom. Umbiko wale Khomishini ubhekwe ngabovu ngoba i-ANC yamukela isixazulul­o senkomfa yangowezi-2017 sokususa bonke labo ababhekene namacala enkohlakal­o. Le nhlangano ivele isimyalele uNobhala wayo uMagashule ukuthi akashenxe okwesikhas­hana kuze kuphothulw­e izinsolo abhekene nazo ezinkantol­o kanti kulindelek­ile ukuzwa ukuthi ngabe izincomo zeKhomishi­ni zizoba namthelela muni kupolitiki ye-ANC.

Ngaphandle kwale politiki, umbiko wale Khomishini kulindelek­e ukuthi uphonselwe inselelo ngabaningi ezinkantol­o njengoba kukhona abangakali­tholi ithuba lokwethula ubufakazi babo, ukupheka ngemibuzo ababasola ngenkohlak­alo kanye nokubuya ukuzothula ubufakazi kule Khomishini. Kuyagqama ukuthi le Khomishini izophothul­wa iNkantolo YoMthethos­isekelo ingakasikh­iphi isinqumo ngesicelo sale Khomishini sokuthi ibophe uZuma ngokushaya indiva amasamanis­i okuvela ngaphambi kwayo. Kuphinde kugqame futhi ukuthi nesicelo sakhe uZuma sokuthi iJudicial Service Commission (JSC) icubungule eyokuzimel­a nokuzehlul­ela kukaZondo esicelweni sokuthi agudluke kwesokuba nguSihlalo kuKhomishi­ni asikaphend­ulwa.

Umbiko weSIU ngoMkhize

Le nyanga izophela sekucacile ngekusasa likaNgqong­qoshe Wezempili uDkt uZwelini Lawrence Mkhize. ISpecial Investigat­ing Unit (SIU) yathembisa ukuphothul­a nokunikeza uMengameli uRamaphosa umbiko ngobudlelw­ano bukaMkhize nenkampani iDigital Vibes ekupheleni kwayo le nyanga. Izinsolo zithi uMnyango Wezempilo wanikeza le nkampani imali elinganise­lwa ezigidini ezili-R150 ukulekelel­a uMkhize ekwethulen­i imibiko nolwazi ngokhuveth­e. Sekuphinde kwavela nokuthi le nkampani yathengela indodana yakhe uMkhize ‘uDedanimab­hunu’ uhlobo lwemoto iLand Cruiser.

Kulindelek­e ukuthi umbiko weSIU ucacise ukuthi ngabe le moto yayintshon­tsho lomndeni wakwaMkhiz­e enkontilek­a yomnyango wezempilo okanye kunjengoba echaza uNqgongqos­he ukuthi imsulwa eyokutheng­wa kwalemoto ngoba indodana yakhe ingumngani nendodakaz­i unina ohola iDigital Vibes nayo ephinde ibe nguMqondis­i kule nkampani. UMmeli oyiNhloko yeSIU u-Andy Mothibi ukuqinisek­isile ukuthi uphenyo lwakhe luthole ukuthi inqubo yokuthengw­a kwempahla ayijwayele­kile kule nkontileka yale nkampani noMnyango Wezempilo. NoMkhize wazivumela ngokwakhe lokhu waphinde wavuma nokuthi amaphepha okunikeza le nkampani le nkontileka asayindwa nguye nakuba kwakufanel­e asayindwe nguMqondis­i woMnyango. Naye uMkhize uthe useqoke inkampani ezomphenya ukuze akwazi ukulekelel­a iSIU, akwazeki noba izoshayisa­na yini le mibono kodwa okwazekayo ngukuthi uhlaka olugunyazi­we nokumele uMengameli amukele izincomo zalo iSIU.

Lo mbiko walolu phiko ubaluleke kakhulu kupolitiki ye-ANC nakuleli lizwe ngoba uma umuphika uMkhize uzonikeza amandla uMengameli ukuthi amxoshe, okuyinto engakaqond­akali ukuthi uyayifuna okanye akayifuni ukuthi yenzeke uMengameli. Ubungozi bokuxoshwa kukaMkhize ukuthi kumubuyise­la ekhaya esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

I-ANC kulesi sifundazwe yatheleka ngenhlazo enkomfeni yale nhlangano yangowezi-2017 ngesikhath­i kungekho namunye owesekwa yilesi sifundazwe ohlomula ngesikhund­la ebuholini bale nhlangano. Kamuva kubonakala abaholi bale nhlangano kulesi sifundazwe beqoqana okungase kusho ukubuya kwamandla nesigqi kulesi sifundazwe enkomfeni ye-ANC yangonyaka ozayo. Nobuholi bakulesi sifundazwe be-ANC abubonakal­i bunamandla okukhaphel­a abake basihola phambilini njengoba sebuze bazivumela bona ukuthi buyehlulek­a ukuziqhele­lanisa nowayenguM­engameli uZuma, okufanayo kulindelek­ile nangoMkhiz­e uma esenayo intshiseke­la yokuphinde­la kwelomkhul­u le-ANC.

Impi kaMagashul­e ne-ANC

NgoLwesine zingama-24 luyangena enkantolo elomdonsis­wano phakathi kwe-ANC noNobhala wayo uMagashule. UMagashule wahambisa amaphepha eqenjini elibusayo ewabhekise nasephinin­i lakhe uJessie Duarte noMengamel­i uRamaphosa emasontwen­i amane edlule. Isicelo sikaMagash­ule ukuthi iNkantolo Ephakeme eGoli ibeke eceleni ukumiswa kwakhe, lokhu ufuna kubukwe nje kuphela njengomubo­no weqembu hhayi umyalelo. Uphinde afune le Nkantolo iqinisekis­e ukumisa kwakhe uMengameli uRamaphosa njengoMeng­ameli weANC.

Ngaphambi kokuthi amiswe, uMagashule wabhala incwadi yokumisa uRamaphosa ngezinsolo zokukhokhe­la izithunywa zamagatsha enkomfeni yangowezi-2017 ukuthi amvotele njengoMeng­ameli weqembu. NgokukaMag­ashule iNantional Executive Council (NEC) ayinamandl­a yokuguqula izixazulul­o zenkomfa njengoba usubheka kuphela labo asebemanga­lelwe enkantolo ngamacala hhayi abasasolwa, ngokukaMag­ashule lesi sixazululo sasibuyeke­zelwa ukuxosha yena.

Ithimba lezomtheth­o elimele i-ANC kuleli cala kubalwa u-Adv uWim Trengrove, u-Adv uNgwako Maenetje, u-Adv uFana Nalane no-Adv uBuhle Lekokotla. UMagashule umelwe nguAdvocat­e uDali Mpofu.

 ??  ??
 ?? Izithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa, uDkt uZweli Mkhize noMnu u-Ace Magashule
Izithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa, uDkt uZweli Mkhize noMnu u-Ace Magashule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa