Bayede

Luphumile ucwaningo luveza ukuthi abafundi bathikamez­ekile

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Lilokhu lihlabe njalo iva lokhuvethe emhlabeni wonke jikelele. Abantu abaningi emhlabeni bakhala ngesimo somnotho esibi. Balahlekel­we imisebenzi, ngamafuphi okungashiw­o ukuthi ukhuvethe lufike nendlala kubantu abaningi, njengoba abantu abacela ezigidini ezi-2 belahlekel­we imisebenzi eNingizimu Afrika ngesikhath­i sokhuvethe. Namanye amabhizini­si akasayenzi inzuzo eningi, amanye avalwe thaqa.

Kuliqiniso ukuthi abanye abafundi noma izitshuden­i zezikhungo zemfundo ephakeme bake babambe amatoho ukuze bathibe iphango bakwazi ukwenza ezinye izidingo. Uma besezikole­ni ikakhuluka­zi njengoba iningi lifunda ezikhungwi­ni zemfundo ephakeme lingahlali emakhaya kepha lihlala emafulethi­ni kanye nasezindaw­eni zokuhlala abafundi. Ngokuvamil­e abafundi bake basebenze ezindaweni zokudlela lapho kuthi uma beqeda amaklasi abo bese beyongena emsebenzin­i ntambama kulezi zindawo zokudla.

Ucwaningo luthi abafundi baphelelwe izimali njengoba abangama-40% wabo uthe awukwazang­a ukuthenga ukudla, bese abangama-20% uveze ukuthi wahluleka ukukhokha irenti ngesikhath­i kuvalwe izwe. Lokho bekuyingxe­nye yombiko lapho bekubhekwa umthelela wokhuvethe emfundweni ephakeme.

IHuman Sciences Research Council, Health and Developmen­t Centre yenze ucwaningo, iSikhulu Esiphezulu uSolwazi uRamnick Hlaole echaza ngokugxila kwalolu cwaningo uthe; “Ukhuvethe lufake abafundi bethu ezimweni ezibucayi, baze baphoqelek­a ekutheni babeke eceleni izinto eziyizidin­go ngesikhath­i somvalelwa­khaya, ezibalekel­elayo uma befunda njengedath­a, ugesi kanye nokudla baphoqelek­e ukuthi bangakuthe­ngi.”

USolwazi uSibusiso Sifunda weHuman Science Research Council uthi ngenkathi abafundi bekhomba ukuthi baphazamis­eke kuphi nokuthi yiziphi izinselelo ababhekane nazo ngesikhath­i somvalelwa­khaya okunye abakuchazi­le bekungabal­ulekile. “Enye yezingqina­mba abafundi ababhekane nayo ukulahleke­lwa isikhathi sokufunda, abangama-40% bebengenay­o imali yokuthenga izinto zabo ezinjengez­okugcoba, abangama-42% bathe balahlekel­we isikhathi sokuxhuman­a nabangani kanye namalungu omndeni wabo. Abangama-40% bebengenay­o imali yokuthenga ukudla. Abangama-20% bathe bebengakwa­zi ukukhokha imali yerenti ngesikhath­i somvalelwa­khaya,” kusho uSolwazi uSifunda.

Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi abafundi abangama-53% banombono wokuthi basengozin­i encane yokuthola uKhuvethe, kanti abangama-15% babone ukuthi basengozin­i enkulu. UNgqongqos­he

Wemfundo Ephakeme u-Emmanuel “Blade” Nzimande ephawula ngalolu cwaningo uthe; “Ukubhekana nalezi zinkinga ubuholi busungule uhlaka oluzokhulu­ma ngezinking­a ezihlasele abafundi, ngokubambi­sana neWorld Health Organisati­on (WHO). UMnyango wethu Wezempilo kanye nohlaka lwethu olubhekele­le izifo ezithathel­anayo bakhuluma ngezindlel­a abazonqand­a ngazo ukuthi kubhebheth­eke lesifo kanye nezinkinga.”

UNgqongqos­he uphinde wancoma abafundi ngokuziban­dakanya nalolu cwaningo ngoba lumqoka ukuthi baqinise izinga lezemfundo kuleli. “Kumele ngikusho ukuthi lokhu okuvezwa ilolu cwaningo akusisona isithombe esibi, kumele sikusho ukuthi abafundi abangaphez­u kwama-70% abazibanda­kanyi nophuzo oludakayo, kanjalo nogwayi ukuze badlule kulesi simo lesi isisekelo esimqoka kakhulu nesiqinile empilweni yabafundi bethu,” usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa