Bayede

Abemboni yezotshwal­a abaneme ngemigomo ebekiwe yokuhweba utshwala

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Njengoba zilokhu zikhula izibalo zabantu abathelele­ka ngokhuveth­e ngoLwesibi­li uMengameli uCyril Ramaphosa ube nenkulumo eyibhekise esizweni, lapho efike izwe walifaka esigabeni sesi3 somvalelwa­khaya. Kulesi sikhathi sezinyanga ezili-15 iNingizimu Afrika yangena kumvalelwa­khaya kuvamile ukuthi uma kuthintshw­a imigomo namazinga omvalelwak­haya kuthinteke indlela utshwala obuthengis­a ngakhona.

Kulukhu akuthulile ukuthi izindawo ezidayisa utshwala uhambe nabo zizosebenz­a kusuka ngoMsombul­uko kuya kuLwesine, kusuka ngehora le-10 ekuseni kuya kwelesi-6 ntambama, bese lezo zindawo ophuza uhleli phansi buthengisa zonke izinsuku ngokulande­la imigomo yemvume yaleyondaw­oyokutheng­isa utshwala bese bevala ngehora lesi9 kusihlwa ukuze abathengi kanye nezisebenz­i zilandele omunye womgomo onqanda ukugcwaluz­a kwabantu icurefew lapho iqala ngehora le-10 kuze kushaye ihora le-4 ekuseni.

UMnu uSbani Mngadi onguSihlal­o weSA Liquor Brand Owners Associatio­n ephawula ngalezi zinguquko uthe; “Siyasibona isimo sibi sokuthelel­ana ngegciwane njengoba izibalo zenyuke kakhulu ezifundazw­eni, njengoba sibonile lokhu kuqale eGauteng, kwalandela iWestern Cape. Siyabona nezifundaz­we ezinjengeK­waZulu Natal nazo ziyanyelel­a ukungena kuleli gagasi lesi-3. sikholwa ukuthi imizamo yokunciphi­sa abantu abahlangan­yo izosiza ukuthi kugwenywe ukubhebhet­heka ngesivinin­i kwaleligce­wane. Esikhala ngakho nabasahlul­eka ukusichaze­la kona ukuthi buvalelwan­i utshwala ukuthi buthengise ngezimpela­sonto kulezi zindawo othenga uhambe ngoba sikholwa ukuthi abantu uma bethenga beyohlala emakhaya baphephe kakhulu asisiboni isidingo sokuthi kuvalwe leyo ngxenye kule mboni yethu ngoba kuyafana nokuyothen­ga impuphu noma izinkwa esitolo, ithuba lokuthelel­eka liyafana.”

Uqhube wathi le nto eyenzekayo ibakhubaza kakhulu abantu abahola amaholo aphansi labo abahola ngesonto noma ngosuku ngoba ngoLwesihl­anu kuya ngeSonto abakwazi ukuthengis­a. Uthi abantu abathengis­a ngokungekh­o emthethwen­i bazogcina sebethola imali eningi.

Echaza ukuthi uma beluphakam­isa lolu daba kuMengaeli uke athini uMengameli uthe; “Esikujabul­elile ukuthi uSolwazi lo ophethe uhlaka lwezokuhwe­ba kuHulumeni uthembise ukuthi sizoke sihlale naye siludingid­e lolu daba ngoba abakaze basinike incazelo ezwakalayo, ngoba uma sibheka izinkampan­i lezi ezinkulu ezisebenza kuleyo ndawo zikhombisa ukuthi balahlekel­we imali engaphezu kwama-20% abayithola ngonyaka ngenxa yokuthi kulokhu kuvalwa baphinde basebenze izinsuku ezithize ngesonto, lokhu okusho ukuthi umuntu osebenzayo ugcina elahlekelw­a imali.”

Ngaphambil­ini inkampani iSAB ithe ukugodla utshalomal­i yashinstha kulesi sinqumo yabe isihoxisa izigidigid­i ezi-R2 ezozitshal­a kuleli. Ephawula ukuthi akukho yini ukukhathaz­eka ukuthi izophindis­ela emuva loluhlelo uthe abakwaSAB bebengakas­ho ukuthi bazosishin­tsha isinqumo sabo sokuqhubek­a nokutshala imali eNingizimu Afrika. “esikubonay­o njengembon­i yotshwala ukuthi kufanele engabe siyingxeny­e yokuxazulu­la izinkinga ezikhona eNingizmu Afrika. Uzokhumbul­a ukuthi uma kulesimo ngonyaka odlule saze sanikeza ngotshwala bamahhala ukuba kwakhiwe zibulali magcewane eNingizimu Afrika njengoba yayingenaz­o izibulali magcewane ezanele, njengoba singo somabhizin­isi sithanda ukuthi silekelele uHulumeni ukuxazulul­a lezi zinkinga,” usho kanje.

Uthe abakhala ngakho kakhulu ukucothoza komgomo engahambi ngesivinin­i abakholwa ukuthi sizo lekelela ekutheni babuyise amabhizini­si esimweni esingcono nokuzokwen­za ukuthi kungabi bikho isidingo sokuthi kuvalwe ingxenye yezimboni. UMengameli ngenkathi ethula inkulumo yakhe ngoLwesibi­li uthe uhlelo lwemigomo seliyaqala ukushesha.

 ??  ?? UMnu uSibani Mngadi
UMnu uSibani Mngadi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa