Bayede

Ugqugquzel­a intsha ukuba ingene kwezolimo

- nguSiyetha­ba Mhlongo

NgokweNati­onal Developmen­t

Plan (NDP) ithi ezolimo ingakwazi ukudala amathuba emsebenzi ayisigidi ngowezi-2030, nekukholak­ala ukuthi kungalima indima emqoka ekutheni kulwiwe nokwantule­ka kwamathuba emisebenzi. Ukuvikelek­a kokudla kubukeka kuyinkinga emhlabeni wonke jikelele njengoba kubukeka abantu banda emhlabeni. Ngokombiko weNhlangan­o iSouth Africa Graan Grain uthi e-Afrika isidingo sokudla sizonyuka ngama-70% ngowezi-2050 ngenxa yokwanda kwabantu.

UMnu uDumisani Nhlengethw­a ongumlimi aphinde asebenze ukucathuli­sa intsha enemifelan­dawonye wezolimo uthi intsha seyiyekile ukuthi ezolimo zithathwa njenge mboni engekho emfeshinin­i. Uthi okwenza kushinsthe indlela ekubukeka ngayo ezolimo eNingizimu Afrika nokuthi zidlala indima engakanani nase Afrika yonke ngoba umhlaba ongama-60% uyakwazi ukulimeka kulelizwek­azi, izibalo ziphinda ziveze ukuthi abantu abangama-70% baziphilis­a ngokulima lokhu okwenza ezolimo zibukeke njengento esikwimfas­hini.

“Okumqoka ukuthi ezolimo zikwazi ukwakha umnotho, ziphinde zikwazi ukuthatha abantu abasha, nesikubona kusabalala kakhulu, lapha sikhuluma ngabantu abangalimi ingadi encane nje kuphela kepha abathatha ezolimo njengamabh­izinisi,” kusho uMnu uNhlengeth­wa. Esengena ekutheni amathuba okuthi amabhizini­si abo aphumelele uthe kuke kugqame ukuthi ukungena kwezolimo kwenzeka kaningana, kepha ukugcina ibhizinisi linozinzo futhi abantu bekwazi ukuziphili­sa kubukeka kusanezing­qinamba ezikhona.

Uthi ezinye zezingqina­mba ezikhona ukucijeka ngokwamakh­ono, abantu baphinde bangaqondi ukuthi ezolimo ziyibhizin­isi, ngaphandle kokuthi umuntu unothando lwaleso silwane noma isitshalo kepha kungukuqon­da ibhizinisi. “enye into eyingqinam­ba ukukwazi ukufinyele­la ezimakethe abanye babalimi bayatshala bayafuya kepha ukungena ezimakethe kusanezing­qinamba okubala nanoxhaso nesithemba ukuthi ngokubanda­kanyeka kwabantu abaningi nokumukeze­lana ngolwazi lokhu sizokwazi ukuthi sikhulume ngakho futhi sikuxazulu­le sibambisen­e,” usho kanje.

Uthi izinselelo kwezolimo zikhona ngesikhath­i umlimi esakhiqiza kanjalo noma eseya emakethe, nokuyizing­qinamba zebhizinis­i. “uma ubuka eNingizimu Afrika yonke abantu abaningi bakwisigab­a sokuqala okungukukh­iqiza nje kodwa igebe elikhulu elikhona ukuba ingxenye kwezomnoth­o la kuthintwa khona nokuguqula imikhiqizo elihlaza yezolimo, ilapho abantu abasha kubukeka kunamathub­a khona amaningi, okungagcin­i ngokukhiqi­za kuphela kepha sekuthuthw­a, kuphinde kugcinwe ukudla kusesimwen­i, noma kuguqulwe kuze kwenziwe umkhiqizo loyo usesimweni esifanele,” kusho yena.

Uthi izinto ezifana nezinkukhu abantu bangakwazi ukwenza amaqanda noma inyama yenkukhu. Uthi amathuba akhona kepha izingqinam­ba azigcini ekutheni kukhiqizwe kuphela kepha nakuxhasom­ali kusanezing­qinamba.

Kuvamile ukuthi uHulumeni uma exhasa abalimi axhase ngezimbewu kepha imali bangayitho­li, ukuze bathenge izinto ezifana nemishini kanye nazo zonke izinto ezisuke zidingeka okuyangoku­thi umuntu ukhiqizani. “Uxhaso lwemali ingqinamba ekhona enkulu futhi nengicaban­ga ukuthi izinhlelo ezikhona ikakhuluka­zi kuHulumeni kanye nezinye izinhlaka ezihlukene uma bengazenza zisebenze nengicaban­ga ukuthi emenye yemisebenz­i engaphumel­eli ikakhuluka­zi yentsha idalwa izingqinam­ba ezahlukahl­ukene okubala phakathi nokungaqeq­eshwa, ukungena kwimakethe kanye nezezimali,” usho kanje.

Uthi kumele uHulumeni abe nezinhlelo lapho intsha izozibonak­alisa khona ngokwamakh­ono bebukwa ngeso elibukhali lokuhlinze­ka imakethe kanjalo nokuthola uxhaso lwezezimal­i ukholwa ukuthi bangakwazi ukuthi basebenze eNingizimu Afrika. “Uma ubuka indlela esiwaseben­zisa ngakhona amaqanda kanye nezinye izinto la eNingizimu Afrika uyabona ukuthi ziphezulu engikholwa ukuthi izinhlelo ezingabeka intsha phambili zingakwazi ukuthi zilekelele ukuthi umnotho kube ngovulelek­ile la abantu abasha bezobekwa phambili, nengikholw­a ukuthi kuzobuya namathuba omsebenzi. Kugcina kuyikona ukuthi ezolimo kube iwona mkhakha esiwukhuth­azayo kungagcini ngokuthi banikezwe imbewu kepha banikezwe imakethe nolwazi,” usho kanje.

Umsebenzi kaMnu uNhlengeth­wa ukucathuli­sa intsha esechaza ukuthi umsebenzi wakhe ufinyelela kangakanan­i entsheni leyo esuke ikudinga lokho uthe; “Ngicabanga ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zisilekele­la kakhulu ukuxhumana nabantu abanensthi­sekelo kulomkhakh­a njengoba sikwazi nokuxhuman­a nabalimi abahlukene sithakelan­e ngolwazi abanye bafunde ukuthi bangenza kanjani nengikholw­a ukuthi iyona ndlela yokuqala elula kakhulu yokumukeze­la ngolwazi.”

Uthe yesibili ilapho uHulumeni nezinhlaka ezizimele kuke kube nezifundo lapho kuqeqeshwa noma kwelulekwa abantu. “okwami kuba ukugqugquz­ela instha ukuba isebenzise izinkundla zokuxhuman­a ukuba ikwazi ukufunda izinto ezibalulek­ile kwezolimo, ngoba uma bezochitha isikhathi ezinganike­zeli ulwazi ngezolimo asizokwazi ukufinyele­la kulentsha ekumele siyithole ukuthi ingene kwimboni yezolimo,” kusho uMnu uHlengethw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa