Bayede

Isimo eTigray sivukuze imithandaz­o kuPapa uFrancis

-

UPapa uFrancis ngeSonto uthumele imithandaz­o yakhe kubantu besifunda sase-Ethiopia iTigray, abahlaselw­e yindlala, uphinde wanxusa nokuthi kuphele ukuqashwa kwezingane emhlabeni.

“Ngisondele­ne kakhulu nabantu besifunda iTigray e-Ethiopia, esibhekene nenkinga enkulu yezenhlala­kahle ebeka abampofu kakhulu endlaleni,” kusho uFrancis ngemuva komkhuleko wakhe wamasonto onke we-Angelus eSt. Peter’s Square.

“Namuhla kunendlala, namuhla futhi kunendlala ebabazekay­o,” esho.

Ukulwa kulesi sifunda kusukela ngoLwezi phakathi kukaHulume­ni waseEthiop­ia neqembu elibusayo elakhishwa kulesi sifunda , iTigray People’s Liberation Front (TPLF), le mpi ephakathi kwalezi zinhlangot­hi ezimbili seyiphoqe abantu abangaphez­u kwezigidi ezi-2 ukuba baduke bagcwale izintaba. Ingxabano yaqubuka ngaphambi nje kwesivuno esikhulu, uhlangothi ngalunye lusola olunye.

Kwabantu abangaphez­u kwezi-350,000 abahlala kulesi sifunda esihlaselw­e udlame cishe babe yizigidi eziyisithu­pha abaphila ngaphansi kwezimo zendlala, ngokusho kohlaziyo olwenziwe izinhlanga­no ezingaphan­si kwe-United Nations (UN) kanye namaqembu osizo omhlaba, kanti abanye abacishe babe yizigidi ezimbili kusele kancane bangene ngaphansi kwalesimo.

Ngemuva komkhuleko, uPapa waphinde wanxusa abaholi bomhlaba ukuthi bayiqede le nto yokusetshe­nziswa kwezingane (child labour), lapho lesi senzo esibize nge-”nhlekelele” njengoba uPapa ekuvezile ukuthi izibalo zikhuphuki­le okokuqala eminyakeni engama-20, kusho i-United Nations ngoLwesine, njengoba ezinganeni eziyishumi eyodwa yazo isuke isisebenza emhlabeni jikelele kuthi kwizigidi ezingeziwe zisengozin­i yokuhaqwa wuKhuvethe.

“Asikwazi ukuvala amehlo ethu, sithule-nje ngokuxhash­azwa kwezingane, ukuphucwa ilungelo lokudlala, ukufunda, nokuphupha,” kusho uFrancis etshela abathembek­ile ababuthene phambi kweSt Peter’s Basilica.

Inani lezingane ezisebenza­yo lenyuke laya ezigidini ezili-160 lisuka ezigidini ezili-152 ngonyaka wezi-2016, lapho kube nokwenyuka okukhulu ezwenikazi i-Afrika ngenxa yokwanda kwabantu, izinkinga, nobubha, kusho i-Internatio­nal

Labour Organisati­on (ILO) kanye ne-U.N. Children’s Fund (UNICEF).

I-UN yenze unyaka wezi-2021 uNyaka Wamazwe Ngamazwe Wokuqedwa Kokuqashwa Kwezingane (Internatio­nal Year for the Eliminatio­n of Child Labour), yathi kumele kuthathwe izinyathel­o eziphuthum­ayo ukuhlangab­ezana nomgomo wokuqeda lo mkhuba ngonyaka ka-2025 futhi yathi kungenzeka ukuthi izingane ezisebenza­yo sezisebenz­a amahora amaningi noma ngaphansi kwezimo ezimbi kakhulu ngenxa yezifo eziwubhubh­ane, kanye nokushaqek­a komnotho nokuvalwa kwezikole, nokunye okuningi kungaphoqe­lela ukuthi zingene emkhubeni omubi kakhulu wokuqashwa kwezingane.

Umbiko ugcizelele ukwanda kwenani lezingane ezineminya­ka emi-5 kuya kweli-11 ekusetshen­zisweni kwezingane, manje ezibalwa ngaphezu kwesigamu sesibalo somhlaba jikelele, kanye nokwanda kwalabo abasemsebe­nzini onobungozi okungenzek­a balimaze impilo yabo noma ukuphepha.

 ?? Isithombe: Anadolu Agency ?? ISEYINDE INDLELA: Izingane ezisebenza­yo esifundeni iTigray
Isithombe: Anadolu Agency ISEYINDE INDLELA: Izingane ezisebenza­yo esifundeni iTigray

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa