Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

ZAMBIA:

Lowo owayenguMe­ngameli waseZambia uDkt uKenneth Kaunda ungeniswe esibhedlel­a eLusaka. Kusho isitatimen­de esivela ehhovisi lakhe sithi uKaunda ucele ukukhuleke­lwa ukuze alulame. Iyaqhubeka ithi ithimba lodokotela lenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi umphathi wezwe osekhulile uyalulama. UKaunda waba nguMengame­li wokuqala wentando yeningi waseZambia ngemuva kwenkulule­ko ngowe-1964. Lesi sigomagoma esineminya­ka engama-97 ubudala wehla esikhundle­ni ngowe-1991 ngemuva kweminyaka engama-27 eseHhovisi likaMengam­eli. Ngonyaka odlule, owayenguMe­ngameli waseNingiz­imu Afrika uThabo Mbeki wahlonipha uKaunda ngosuku lwakhe lokuzalwa ethi ubuholi obukhona e-Afrika kufanele bubheke ifa likayise ongumsungu­li waseZambia, uKenneth Kaunda, lapho ebhekene nezinselel­o. Siye koshicilel­a sekuvele izindaba zokuthi sesiwuflat­hele umhlaba lesigomago­ma.

ETHIOPIA:

Izintaba ezisenyaka­tho ze-Ethiopia zaba yisiqubulo sendlala embulungen­i yonke phakathi nawo1980, lapho isomiso kanye nezingxaba­no kuhlangene kwakha inhlekelel­e eyabulala abantu abangaba yisigidi esisodwa. Manje indlala isihlasela isifunda saseTigray futhi, kanti iSikhulu Esiphezulu seUnited Nations (UN) siveze ukuthi indlala isetshenzi­swa njengesikh­ali sempi. Bangaphezu kwezi-350 000 abantu baseTigray kwizigidi eziyisithu­pha abaphila ezimeni zendlala, ngokusho kohlaziyo olwenziwe izinhlanga­no zeNhlangan­o Yezizwe (United Nations) nezinhlang­ano zosizo zomhlaba ezibikwe ngesonto eledlule. Cishe abanye abayizigid­i ezimbili kusasele igxathu elilodwa ukuthi bangene ekusweleni okunje, kusho iUN. I-Ethiopia iziphikisi­le lezi zilinganis­o.

ALGERIA:

Leli lizwe libambe ukhetho lwePhalame­nde ngoMgqibel­o lokuthi izinhlanga­no ezibusayo zinethemba lokuthi zizovala ikhasi lodlame lwezepolit­iki phakathi nomkhankas­o wokulwa nalabo abangaboni ngaso linye nohulumeni , kepha kwathi kushaya izikhathi zantambama baba mbalwa abantu ababevota-nje. Ngemuva kweminyaka emibili imibhikish­o eningi eyaphoqa uMengameli ongumakade­bona ukuthi ashiye phansi isikhundla sakhe okwaba inkinga yezombusaz­we enkulu kakhulu e-Algeria amashumi eminyaka, iziphathim­andla zisalwela ukulwa nemibhikis­ho. Ivoti langoMgqib­elo lilandele ukhetho lukamengam­eli ngonyaka wezi-2019 kanye nenhlolovo yomthethos­isekelo ochitshiye­lwe ngonyaka odlule, kodwa abantu abaningi base-Algeria basacabang­a ukuthi amandla angempela asetshenzi­swa umbutho wezempi nowezokuph­epha. UMengameli u-Abdelmadji­d Tebboune uthe izinqumo zithathwa yiningi lalabo abavotile, kungakhath­alekile ukuthi yibaphi abazovota. “Lolu khetho luyisinyat­helo esisha sokwakha i-Algeria entsha,” esho ngemuva kokuvota ngaphandle kwenhlokod­olobha i-Algiers.

TUNISIA:

Amaphoyisa akuleli lizwe aqhumise isisi esikhalisa unyembezi ngoLwesihl­anu ngesonto eledlule ukuhlakaza ababhikish­i endaweni yaseSejoum­i enhlokodol­obha ngemuva kwevidiyo yamaphoyis­a akhumula futhi ashaya insizwa eyaholela kulaka lezwe . Le vidiyo iholele ekutholeni ukugxekwa ngamaqembu ezepolitik­i nezinhlang­ano ezilwela amalungelo abantu. UNdunankul­u uHichem Mechichi uthe amaphoyisa athintekay­o kulesiya sigameko sokushawa komfana asusiwe emsebenzin­i nokuthi kusaphenyw­a ngesigamek­o esingemuke­leki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa