Bayede

Libonakala liza mawala igagasi lesithathu lokhuvethe eDRC

-

Izibhedlel­a enhlokodol­obha yaseDemocr­atic Republic of Congo iKinshasa “zikhungath­ekile” ngokwanda kwabantu abahaqwe ukhuvethe, kusho uMengameli uFelix Tshisekedi ngoMgqibel­o, njengoba izwe lishaywe igagasi lesithathu lalesi sifo. Njengamazw­e amaningi ase-Afrika, iCongo ibhalise ngokusemth­ethweni izibalo ezisaphans­i . Kepha leli gciwane selibulale osopolitik­i abaningi abadumile, futhi amazinga okugoma aphansi ashiye izwe lisengozin­i yokuthelel­eka kakhulu.

Izikhulu zezempilo ziqophe ukuthi abantu abangama-254 sekuqinise­kisiwe ukuthi banokhuvet­he ngoLwesihl­anu, okungenye yamanani aphakeme kakhulu ansuku zonke selokhu kwaqala lolu bhubhane. Sezihlanga­niswe zonke izibalo, iCongo isibhalise ukuthi bayizi-35 000 abanokhuve­the kwathi abangama-830 lwase lubabulele.

“Ngizothath­a izinyathel­o ezinqala ukubhekana nalokhu kunyuka kwalezibal­o zabantu abanokhuve­the. Sikhuluma ngalolu khuvethe oluqhamuke e-India kusho uTshiseked­i etshela izintathel­i, ebhekisa ngqo egciwaneni elihlukile lokhuvethe elibizwa ngeDelta, elaqala ukutholwa e-India futhi elithelela­na kakhulu. UMengameli akachazang­a kabanzi ukuthi uzothatha ziphi izinyathel­o ukuqondana nalesi simo.

ICongo ibambezele umkhankaso wayo wokugoma isikhathi esingaphez­u kwenyanga ngenxa yokukhatha­zeka ngemiphume­la emibi kakhulu evela emgomweni i-AstraZenec­a. Kusukela ekuqaleni umkhankaso waqala ngenyanga kaMbasa zili-19, kusetshenz­iswe imithamo engaphansi kwama-30 000 womuthi wokugoma.

“Nazi kahle ukuthi umuthi wokugoma we-AstraZenec­a ubulokhu uqhubeka nokuba nezinkinga, lezi zinkinga ezivela ezinhlango­thini ezimbili ezibe imiphumela emibi kanti futhi nangokunge­thenjwa ngabantu,” kusho uTshiseked­i.

Abalawuli bezidakami­zwa bamazwe omhlaba bathe izinzuzo zokusebenz­isa imishanguz­o eyenziwe yi-AstraZenec­a neJohnson & Johnson zidlula izingozi njengoba bephenya imibiko yokuba ngamahlwil­i egazi (blood clots) okungavami­le kakhulu, kodwa okungaba yingozi.

Ochwephesh­e bathi eCongo, ukuntuleka kokuhlolwa kusho ukuthi izibalo zabanokhuv­ethe kanye nabasebebu­lewe ukhuvethe kungenzeka zibe phezulu kakhulu kunezinomb­olo ezisemthet­hweni. Baphinde bathi izibhedlel­a azihlonyel­we ngokwanele ukubhekana negagasi elisha legciwane.

“Kunenkinga enkulu yokutholak­ala komoyampil­o (oxygen) eKinshasa,” kusho uPascal Lutumba ovela emnyangwen­i wezokwelap­ha eNyuvesi yaseKinsha­sa.

“EKinshasa, abanendaba abantu nokhuvethe, abakholelw­a nokuthi lukhona, inkinga enkulu leyo,” esho, ebhekise kubantu bakuleli dolobha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa