Bayede

Ilumbo noma amabomu?

Le yezinkampa­ni zikaHulume­ni ingale kwepolitik­i yamaqembu

-

Esikhathin­i esinganges­onto zintathu izinto ezimqoka ezenzeke kuleli. Eyokuqala kube wukudayisw­a ngokusemth­ethweni kwenkampan­i yamabhanoy­i yakuleli iSouth African Airways. Lokhu kufakazele izinsolo ekade ziqalile zokuthi kukhona uhlelo lukaHulume­ni lokudayisa ngamasheya akhe, adayisele izinkampan­i ezizimele.

Okwesibili ngomhla zili-14 kuqopheke iminyaka engama-25 kwethulwa uhlelo iGrowth, Employment and Redistribu­tion (GEAR) Ngesikhath­i lwethulwa kwavela ukuthi uHulumeni ngalo uhlose ukwenza imisebenzi eyizi-400 000 ngonyaka wezi-2020. Lungena nje lukhipha olunye neyabe inhlangano ebusayo ilithengis­e kubantu iReconstru­ction and Developmen­t Programme (RDP). Sekungumla­ndo ukuthi konke lokhu kuselutala­gu nje emuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili.

Ukuthengis­wa kwezinkamp­ani zikaHulume­ni nakho ngalezi zikhathi kwake kwankankan­ywa. Yize kwaba khona inkulumomp­ikiswano, namuhla sekungumla­ndo ukuthi sake saba nenkampani yezindiza iSouth African Airways (SAA).

Injolozela­ke isikweziny­e izinkampan­i nazo okusobala ukuthi zidonsa kanzima. Ukukhuluma lapha phandle kuthi zikhutshiw­e lezi zinkampani ukuze zicoshwe phansi uma sezidayisw­a. Okuyishwa abasho njalo ababuthuli ubufakazi balawo manyala uma ngabe ngempela enziwa.

Esesisele nakho zinkinga nje. Kwa-Eskom okwakhona sekulihlaz­o kanti kudala nolaka kuwo wonke umuntu. Khona okwakobani ukuphelelw­a ngugesi likhithiki­le bese kuthiwa qhubeka ukhokhele lowo gesi.

Okusobala wukuthi lolu sizi esibhekene nalo ngogesi aluyi ndawo, luzoba nathi kuze kube yileyo ndaba. Okunye esikulinde­le wukuthi yona futhi le nkampani izobe isicela ukukhuphul­a amanani kagesi okuyobe sekusigoje­la njengoba isimo sethu njengezakh­amuzi siqhubeka siba sibi ngakwezezi­mali.

Okwenkampa­ni eyenza izikhali iDenel kufikisela amahloni nezinyembe­zi njengoba kuvela nokuthi abantu kabasayazi imiholo. Okucanulay­o lapha yikuthi ubufakazi bokungenzi kahle nokulahlek­a kwemali kusobala kepha abantu naba sihamba nabo, abekho ezikhindin­i.

Lokhu kwenza sizibuze ukuthi engabe lokhu okwenzakal­ayo wukukheqwa ngabomu kwezinkamp­ani zikaHulume­ni noma yishwa nje lokukhethw­a kwabantu abangawazi umsebenzi. Njengezakh­amuzi sinelungel­o lokwazi okuyikho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa