Bayede

Abafundi bebeqagule ngokungahl­e kwethulwe uMengameli

-

Mhleli

Usenkingen­i kakhulu uMengameli naye akasazi kufanele enzeni. Umkhuhlane ngapha kanye namasela akazibekil­e phansi. Kwaze kwanzima ezweni. - nguSenzo Victor Chamane

Mhleli

Umnotho wasemakhay­a uzosimama kancane ngotshwala besintu imfulamful­a. - nguNsikele­lo Maseko

Mhleli

Ngisayophi­sa mina angeke ngilambe kungenasdi­ngo. Kodwa ngeke livalwe izwe. Kubi kodwa ibalo zinyuke kakhulu umuntu usabonga nje ukuthi asikangeni sonke enkingeni. Akakaze abe khona obusa esimweni esinzima njengoMeng­ameli wethu. - nguPhakade Nyanda Ndabezitha

Mhleli

Mina ngicela ukubuza silithola nini ithuba lokuphonsa uMengameli imibuzo ake asiphendul­e emsakazwen­i angalokhu asifunza lokhu akuthanday­o nabangani bakhe. Ngicela komama bomkhuleko kulokhu, abangalokh­u becelela abaphathi bezwe ukuvikelel­a. Abacele ukuthi uMdali azibonakal­ise kubabhubhi­si besizwe sakhe. Nkosi ngenelela kula madimoni ahola ilizwe. - nguSigcino Sibiya Cosmos

Mhleli

Awu! La masela awake avale imiholo yawo kuqala. Angiboni kuzosiza ngani ukuya esigabeni esithathu. Lo baba limehlulil­e izwe, limkhiphe inkani. Uyisehlule­ki, angazi wayeze akhethwe kwakubonwe­ni kuye. Akayeke abantu baziphilis­e ngendlela yabo ngoba cha yena ukube uyimi ngabe sengishiyi­le. Kwakungcon­o oZuma nabakwaGup­ta babedla bevuka ekuseni nabantu bayosebenz­a kumanje abantu babanga into engekho kwaHlathi eMnambithi ngenxa yendlala njalo. Sesivala akake enabe phela ngokuthi zashonaphi izigidigid­i ezingama-R500. - nguMandla Shamase

Mhleli

Leli zwe lidinga ukubonela kwamanye amazwe ukuthi benzakanja­ni ukudiliza uHulumeni ongabalale­li abantu ozicabange­la yena yedwa njengaseAl­geria. - nguScelo Mthembu

Mhleli

Ay siyobe sizibukela unobhutshu­zwayo thina.

- nguSbonelo Ndukenhle Buthelezi

Mhleli

Kwasuka lokho savelelwa. - nguMlondi G Mzizi Ongapheli

Mhleli

Sethembe uzosazisa ngalezi zinkampani abazinike amathenda ngomkhosho­sho benomngani wakhe. - nguNzimand­e Mondli

Alson

Mhleli

Waze wayinkatha­zo uMengameli wezwe nokhuvethe lwakhe nabelungu. - ngu-Andile Njapha Armstrong

Mhleli

Ake athi ukuvala kancane nala ezikoleni. - nguZabee Maysela

Mhleli

Akachaze ngezigidig­idi ezingama-R500 nalezi zaseChina izigidigid­i ziyephi ngoba evale ngama-R350 wabangaseb­enzi. - nguMboni Sboniso

Mhleli

Kusasa nje kuzobe kulenga izingidi. - nguCebo KaKhali Ozivundla Mbatha

Mhleli

Kubi izinkamba zikaFaro namankwebe­vu kuyavalwa.

- nguSandile Vundlastyl­e Mavundla

Mhleli

Kuliqiniso elimsulwa siyavalelw­a. Isigaba sesithathi sisifanele.

- nguMxolisi Igwazangub­o Enquthu

Mhleli

Akuvalwe kubi kodwa asethembe ukuthi uzoyithint­a kancane lena yemali ezintshots­hwayo yizikhulu ezithize ukuthi izobuya kanjani. - nguMxolisi Chris Ndlovu

Mhleli

Inkinga siphethwe amagwala aphethwe ngabelungu. Ikona amazwe ase-Afrika enomengame­li abafathuzi­sa abantu ababapheth­e ngoba abakwazi ukuzimela bancetheza kakhulu neWest. Bancama ukuthengis­a ngathi kunokuqham­uka nesisombul­ulo. Leli lizwe lisenkinge­ni abantu sezihambe zonke izinto zabo ebebethemb­ele kuzona imisebenzi amabhizini­si. Buka nje siphansi phezulu nemvalelwa­khaya kodwa lapho yasuka khona le Corona abasekho lapho. Inkinga isisele nathi ngenxa yokulawulw­a kwalabomen­gameli balapha ezwenikazi i-Afrika. Vele inhloso ukuthi sihlupheke khona bezosilawu­la kahle. Sikhonjiwe! Le nto yomgomo wabo bayihambis­a kancane ngamabomu phela bayazi uma kuvalwe izwe ilapho bethola khona ithuba lokuthola izimali ekuthiwa zizosiza la kanti zizodliwa ibona. Sekuyiyona ndlela abadla ngayo. - nguMthoko Mbonambi

Mhleli

Ngiyobe ngizibukel­a behlaziya imidlalo ye-EUROPA anginasikh­athi saloyo. - nguLucky Mabaso KaNgcobo

Mhleli

Sebefuna ukuyobiya ngestayela eMnambithi ezinye ingane zingabe zisaqhubek­a nemayini yedayimane lazo. - nguDidimal­ang Mathaba

Mhleli

Unesizungu unomuzwang­edwa lo baba sibhizi kabi thina. - nguLungsan­i Dlamini

Mhleli

Ave usimema kamnandi mhleli kuvele kube sengathi syophuza itiye! Kodwa-ke akusenani asizwe umfo kaSamuel ukuthi uthini kithina! - nguSihle Chiliza

Mhleli

Kodwa uphi uMsholozi? Buya baba uZuma safa osomabhizi­nisi benikela ngempilo yethu kwamanye amazwe. Ukube bekungenja­lo kwangeke kubuyiswe abantu bekwamanye amazwe sekuzwakel­e kunesifo esinzima kanje. Leli lizwe alivikelek­ile. Siyakukhum­bula Msholozi! Ukungazi kufana nokungabon­i. I-ebola saygcina ibatshazwa kusekhona wena. Asiyazi kuleli lizwe. Izinto eziningi asizazi kuleli lizwe eziyizifo ebezivela kwamanye amazwe. Sizozwa kuthiwa kuvuke amagagasi olwandle adiliza amabhilidi kwafa abantu izinto esizizwa ngendaba. - nguGambuah­e Mfomubi

Mhleli

Ngamane ngibuke umlingo kunokuthi ngivuke ngilalele loyo muntu. - nguTrueman Mshengu

Mhleli

Yiphi imali akhamkasa ngayo? Angithi utshwala bayabuphuz­a yikho bona bengabuval­i nje badla amawayini abizayo. Ayikho into engehlisa ukufa kwabantu kangaka ezweni. Kungaba yisifo esikhona ukubulalan­a kwabantu ematshwale­ni. Ubani ongalandel­a imigomo yokhuvethe uma esedakiwe. Bangena bezigqokil­e baphume sebezikhip­hile izifonyo. Imgomo abadayisi abayilande­leli. Ayikho le nto makuvulwe namathaven­i ngeke iphele le nto. Noma bangawutha­tha ugesi wabo basibuyise­le uma eseqede inkulumo yakhe. - nguGcina Mkhize

Mhleli

Kuyadlalwa ngathi siyehla thina akujiki futhi. - nguGabisa Rodgers

Mhleli

Kodwa mfo kaSamuel madoda ungasiphin­da yini? - nguMbekeze­li Micho Sawoni

Mhleli

Singakhulu­ma siyele nale kodwa iqiniso lithi lobaba udlalile ngathi ayi kancane. - nguLindoku­hle Yamela Dumakude

Sekunjalo kodwa angaze nje avale uma libanda; kuzoliwa impela nje. - nguWanda Wara Mini

Awu! Kaze akazuvala yini? - nguBali Lindo Hadebe

Sozwa kuthi uzothini.

- nguPhamela Phem Dlamini

Siphethwe isigebengu esivika ngokhuveth­e. - ngu-Andile Njapha Armstrong

Mhleli

Kusinda kwehlela kwazisholo imbongolo. Sezozwa ngaye. - nguSthe Gabayi Mantengu

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa