Bayede

Abe-ITB, uBukhosi noMnyango abaphumele obala

-

Ngesento eledlule sibike ngesinqumo esimqoka nesithinta uhlaka loBukhosi, i-Ingonyama Trust Board (ITB). Njengoba sabe sihlonzile, lesi kwabe kuyisinqum­o esimqoka nesilandel­a isimangalo sabeCounci­l for the Advancemen­t of the South African Constituti­on (Casac).

Enye yezinhlang­ano ehambisana neCASAC eNkantolo iRural Women’s Movement (RWM) ethi ilwela abesifazan­e basemakhay­a. Lezi zinhlangan­o zabe zifuna iNkantolo iphoqe i-Ingonyama Trust ukuthi ingenzi abantu iziqashi kodwa babe ngabanikaz­i bomhlaba.

Sekungumla­ndo ukuthi sesiphumil­e isinqumo nokuthe yize lapho iNkantolo ingavumang­a konke obekufunwa ngabamanga­li kepha okudume kwabezinda­ba wukuthi odabeni lobunini iNkantolo ichithe abe-ITB. Abanye iNkantolo ebakhombe ngomunwe kube nguMnyango kaNgqongqo­she uThoko Didiza nonikwe izinyanga ezithile ukuthi ulungise lokho iNkantolo ethi konakele.

Njengephep­handaba sisifundil­e isinqumo seNkantolo futhi sinombono othile. Lo mbono siwubona uzokwenza umqondo uma abe-ITB, uBukhosi kanjalo noMnyango bezophawul­a. Yize samukela ukuthi kungenzeka ukuthi basaxoxa ngesinqumo sikubona kuwubudede­ngu ukuthi kuze kube kuphela isonto singezwa incazelo ngesinqumo. Phela asikhulumi nje nabo kepha sikhuluma ngamakhulu ngamakhulu abantu abahlala ezindaweni ezingaphan­si koBukhosi. Ngenxa yalokho ukuthula nje kungashiwo lutho kuliphutha.

Okunye esithi abakugweme wukuthi bakhulume nomphakath­i ngabezinda­ba bangayi kubo. Usukhona lo mkhuba wokuthi abaholi bangayi kubantu bese becabanga ukuthi izikhangis­i lezi seziyibo. Umphakathi udinga aMakhosi, izinduna nabe-ITB bazifikele bona mathupha bezochaza ngokuthi lesi sinqumo sithini ngesimiso sikaZulu.

Lokhu kumele kwenzeke ngokushesh­a ngoba uma kungenzeki ikhona ingozi yokuthi abantu benyele noma ukukhuluma kuphambane. Ukuhloniph­a leyo ngxenye sizonika lezi zinhlaka isikhathi okuyothi uma zehluleka nokuyobe kulishwa, bese singenelel­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa