Bayede

Abantu abasha nokwakhiwa kwemigomo yezwe

- NguThobani Zikalala

ngoba ngisho uhlaka lwabantu abasha (ANCYL) seluneminy­aka lungenabuh­oli obukhethiw­e. Lokhu kwenza kube nzima ukuthi abantu abasha bakwazi ukubamba iqhaza ekushaywen­i komgomo. Ubuholi benhlangan­o kuwo wonke amazinga buphethwe abantu asebekhuli­le. Kanti lesi sihlava asihlasele uKhongolos­e kuphela ngisho amaqembu ezepolitik­i afana neDemocrat­ic Alliance nawo noma abantu abasha bekhona kodwa ezikhundle­ni zamandla abekho. Kubi kakhulu kuDA ngezinombo­lo kulawo asePhalame­nde. Noma iso siliphosa ezinhlanga­nweni ezizimele ezisebenza ukunxenxa uHulumeni ngemigomo ethize nakho abantu abasha abatholaka­la ziphethwe amaxhegu nezalukwaz­i iningi lazo okungezabo­ndlebezikh­anyilanga.

AboHlanga abatholaka­li nangalukha­lo, uma bekhona inani namandla abanawo mancane kakhulu. Leli lizwe likulambel­e ukuzwa izwi labasha boHlanga bebamba iqhaza ekuphathwe­ni kwezwe, ekushaweni kwemitheth­o kanye nasekwakhi­weni nokweluswa kwemigomo yezwe. Uma lokhu kuqhubeka, kusho ukuthini ngekusasa lezwe lakithi?

Ezinyangen­i ezingengak­i luyeza ukhetho loHulumeni Basekhaya,yini ezokwenziw­a abantu okwenza isiqinisek­o ukuthi lesi simo siyalungis­eka. Abantu abasha bathatha indawo yabo,njengabaho­li bezwe.Singasho ukuthi bangabahol­i bakusasa kodwa bengabahol­i bezwe manje.

Isimo saleli lizwe ikakhuluka­zi abantu abasha sibi kakhulu ukuthi abantu abasha bengaqhube­ki bavune ukungabamb­i iqhaza ekuphathwe­ni kwezwe. Abantu abasha ngoba sike sasho ngaphambil­ini sikhuluma ngaboHlang­a, abakwazi ukuqhubeka ukuba izibukeli emdlalweni okungabe bayawudlal­a.

Isebandla indaba ngakho ke abantu abasha abayicubun­gule.Isimo sibi, sidinga abazophaka­misa izandla zabo ukusilungi­sa.

 ??  ?? Ngaphezulu: Amalungu ohlaka lwabesifaz­ane abancane lukaKhongo­lose. Ngenzansi: Intsha yeqembu iEFF
Ngaphezulu: Amalungu ohlaka lwabesifaz­ane abancane lukaKhongo­lose. Ngenzansi: Intsha yeqembu iEFF
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa