Abantu abasha nokwakhiwa kwemigomo yezwe
ngoba ngisho uhlaka lwabantu abasha (ANCYL) seluneminyaka lungenabuholi obukhethiwe. Lokhu kwenza kube nzima ukuthi abantu abasha bakwazi ukubamba iqhaza ekushayweni komgomo. Ubuholi benhlangano kuwo wonke amazinga buphethwe abantu asebekhulile. Kanti lesi sihlava asihlasele uKhongolose kuphela ngisho amaqembu ezepolitiki afana neDemocratic Alliance nawo noma abantu abasha bekhona kodwa ezikhundleni zamandla abekho. Kubi kakhulu kuDA ngezinombolo kulawo asePhalamende. Noma iso siliphosa ezinhlanganweni ezizimele ezisebenza ukunxenxa uHulumeni ngemigomo ethize nakho abantu abasha abatholakala ziphethwe amaxhegu nezalukwazi iningi lazo okungezabondlebezikhanyilanga.
AboHlanga abatholakali nangalukhalo, uma bekhona inani namandla abanawo mancane kakhulu. Leli lizwe likulambele ukuzwa izwi labasha boHlanga bebamba iqhaza ekuphathweni kwezwe, ekushaweni kwemithetho kanye nasekwakhiweni nokweluswa kwemigomo yezwe. Uma lokhu kuqhubeka, kusho ukuthini ngekusasa lezwe lakithi?
Ezinyangeni ezingengaki luyeza ukhetho loHulumeni Basekhaya,yini ezokwenziwa abantu okwenza isiqiniseko ukuthi lesi simo siyalungiseka. Abantu abasha bathatha indawo yabo,njengabaholi bezwe.Singasho ukuthi bangabaholi bakusasa kodwa bengabaholi bezwe manje.
Isimo saleli lizwe ikakhulukazi abantu abasha sibi kakhulu ukuthi abantu abasha bengaqhubeki bavune ukungabambi iqhaza ekuphathweni kwezwe. Abantu abasha ngoba sike sasho ngaphambilini sikhuluma ngaboHlanga, abakwazi ukuqhubeka ukuba izibukeli emdlalweni okungabe bayawudlala.
Isebandla indaba ngakho ke abantu abasha abayicubungule.Isimo sibi, sidinga abazophakamisa izandla zabo ukusilungisa.