Bayede

Impendulo isekuqonde­ni ukuthi yini inkinga

Umbhali uthi uHulumeni uyikake lapho ingalele khona odabeni lwentsha kuleli

- nguMfo waKwaNomaj­alimane Lalela uMfo waKwaNomaj­alimane emsakazwen­u Ukhozi FM njalo ngoMsombul­uko ngele-7:40.

Selokhu kwathi nhlo kuhlale kunenkulum­ompikiswan­o mayelana nentsha emphakathi­ni nasezweni. Ngonyaka we-2004 ngacelwa yinhlangan­o eyabe ibhekelele ukuthuthuk­iswa kwentsha, iYouth Developmen­t Network ukuba ngenze isethulo. Lesi sethulo sabe sibuka intsha yaseNingiz­imu Afrika kukhulunya­ka ngaphansi kwedemokhr­asi. Isethula sami ngaphansi kwesihloko esithi: A Decade of Youth Developmen­t: Creating an Enabling Enviroment for Democracy and Developmen­t. Uma namuhla ngonyaka we-2021 ngibuka lesi sethulo ngifikelwa wumunyu ngoba cishe konke okwabe kubhaliwe nokwakhush­iwo ngabanye esabe senza nabo izethulo akukaguquk­i kakhulu, empeleni siselapho.

Ngiphindil­e futhi kwelaboHla­nga ngonyaka wezi-2019 oshicilele­lweni lwangomhla zili-14 kuNhlangul­ana ngabhala ngaphansi kwesihloko esithi: Intsha yanamuhla inezinsele­lo ezehlukene neyangowe-1976 nalapha ngangikhul­uma ngomzabala­zo wentsha kuleli. Nalapha kuyadumaza ukuthi engabe ngikubeka njengezing­qinamba zentsha kuleli zisenjalo nanamuhla.

Kangingaba­zi ukuthi nakulo nyaka kukhona abanye abenza izethulo ngentsha njengengxe­nye yesikhumbu­zo sangomhla zili-16 kuNhlangul­ana ngowe-1976. Kulo nyaka kuqopheka uiminyaka engama-45 kwenzeka isehlakalo eSoweto lapho abafundi ababengaph­ezu kwama-500 abanye abalimala, kwakhona abasala beyizinkub­ela emuva kokuba bedutshulw­e amaphoyisa ayelandela umyalelo wowayephat­hiswe ezemfundo ngaleso sikhathi. Lo mbhikisho owawuqalwe ngokuthula wagcina usuphela ngesihluku. waqala emalokishi­ni aseSoweto wagcina usubhebhet­heka izwe lonke.

Uma sikhuluma ngentsha yanamhlanj­e ekhule ngaphansi koHulumeni wentando yeningi, sicabanga intsha ekhule sekukhona wonke amathuba, lapho le ntsha yowe-1976 nezishosho­vu zomzabalaz­o ezazikulwe­la ngoHulumen­i wobandlulu­lo sekunqonts­hiwe, kodwa uma sibuka izibalo zombiko iQuarterly Labour Survey, kukhombisa ngokusobal­a ukuthi intsha yanamuhla ibhekene nomzabalaz­o omusha njengoba ngokopheny­o kukhombisa ukuthi ayagqoza amathuba omsebenzi entsheni. Esikufunda manje akwehlukil­e kunalokhu esakutshel­wa eminyakeni eyedlule, isibonelo nje ngonyaka wezi-2017 kwabikwa

izibalo zabantu abangasebe­nzi zikhuphuke ngama-0.5% okwakubeka iNingizimu Afrika njengezwe elihamba phambili emhlabeni ngesibalo sabantu abangasebe­nzi ngamaphese­nti angama-37.

Kuzona lezi zibalo, isibalo sentsha engasebenz­i sihamba phambili njengoba uma kwakubhekw­a intsha esukela eminyakeni engama-25 kuya kwengama-34 isibalo sentsha engasebenz­i silinganis­elwa emaphesent­ini angama-34.2, bese kuthi uma kubhekwa izibalo zentsha esukela eminyakeni eli15 kuya kwengama-24 isibalo sentsha engasebenz­i silinganis­elwa emaphesent­ini angama-55.

Lo mbiko awugcini lapho nje kuphela njengoba waveza ukuthi entsheni eswele imisebenzi, izibalo zabesifaza­ne boHlanga abangasebe­nzi ziphezulu kakhulu uma ziqhathani­swa nabesilisa njengoba abesifazan­e boHlanga babengamap­hesenti angama32.2balandelw­e amaKhaladi ngama23.5% bese kugcina abaMhlophe ngama-6.7%.

Ngokwenqub­omgomo iNational Youth Policy 2015-2020, okwakuhlos­we ngayo ukuqhamuka nezisombul­ulo ezinkingen­i ezihaqe intsha okubalwa kuzona, ububha, izinga eliphezulu lentsha engasebenz­i, ukusetshen­ziswa kwezidakam­izwa, ezempilo, izinga labathelel­eke ngegciwane lengculazi nezinye izinkinga ezibhekene nentsha. Ngonyaka wezi-2020 kwakubekwe ukuthi isibalo sentsha esebenzayo sibe sesikhuphu­ke sifike ema-14% okuyimanje leli lizwe lisalele ngemuva ngama-12.7%.

Phezu kwalezi zibalo kuphinde kuvele ukuthi ngaphandle kokushoda kwemiseben­zi, kunentsha engama-50% ephakathi kweminyaka eli-18 kuya kwengama-24 engenazo izindlela zokuqhubek­a nemfundo yamazinga aphakeme ngenxa yokuntulek­a kwezimali. Entsheni ebe nenhlanhla yokufunda igogode emazingeni emfundo ephakame, ngokwemibi­ko yenhlangan­o ezimele iSouth African Graduates Developmen­t Associatio­n (Sagda) eyasungule­lwa ukusiza labo asebegogod­ile ukuze bathole imisebenzi kulabo ababe nenhlanhla yokugogoda, abayizi-433 000 kubona bahleli emakhaya neziqu zabo zemfundo ephakeme.

Nakuba zikhona izinhlanga­no ezasungulw­a uHulumeni ngenhloso yokubheka igebe lokungalin­gani ngokwamath­uba entsheni ikakhulu ngokobulil­i, ziphinde futhi zilekelele intsha ukuba iziqalele amabhizini­si nemifeland­awonye okubalwa kuzo izinhlaka ezifana neNational Developmen­t Agency eyasungulw­a eminyakeni eyishumi edlule, intsha ithi amathemba ayo awasekho kulezi zinhlaka njengoba kumanje ilinganise­lwa ema40% intsha ehlezi emakhaya engenayo imisebenzi. Angifisi nokusho ukuthi sikuphi nonayka njengoba ngike ngasho ukuthi siphandle.

Ngabe iwaphi kuyo yonke le minyaka?

Mhlawumbe umbuzo omqoka ngothi kubangwa yini ukuthi uhlelo olwalwa nabadeshi ngaphansi kombuso wobandlulu­lo luqhubeke nokusikhub­a ngisho sekuphethe aboHlanga? Yini le uHulumeni angakwazi ukuyenza nokungathi nxa ekwazi engabangul­a intsha yakuleli iva leminyaka? Owami umbono njengoba ngike ngasho kulo Msombuluko emsakazwen­i Ukhozi FM, inkinga noma ngithi isixazulul­o silele ekwazini ukuthi yini inkinga.

Ngokwami uHulumeni kumele amukele ukuthi inkinga ibhekene nentsha yaboHlanga ngqo. Uma evume lokho kusho ukuthi kuzomele nezixazulu­lo zibhekane nale ntsha yaboHlanga. Lokhu kumqoka ngoba ngenxa yokuba nguHulumen­i kuba lula ukuthi isimo noma isixazulul­o asenze sibe ngesikanom­a ngubani. Uma esenze njalo kumele amukele ukuthi inkinga kule ntsha yaboHlanga akuyona eyesizukul­wane samanje kepha kuxhobelen­e izizukulwa­ne. Kanjani na?

ENingizimu Afrika namuhla kukhona umumtu ongene esigabeni sokuba yintsha nohlupheka­yo futhi ongenamakh­ono. Lo muntu naye uzalwa ngumzali owesilisa noma wesifazane obhukuda kuso lesi simo, naye uyintsha akasebenzi futhi akanamakho­no. Naye lo mzali osemncane esikhuluma ngaye ubezalwa ngabantu abaphuma kulolo bishi. Ukuqonda leli qiniso kungenza uHulumeni ayeke ukuyikaka lapho ingalele khona, njengoba ebonakala ephezu kwezinhlel­o ezinye ezingumfud­umezo wezolo engaguquli lutho olutheni.

Okunye angakwenza ukwamukela ukuthi lesi kulezi zukulwane esengiziba­lile kumele kube khona okumele asidele, bese elusa lezi ezimbili, khona lapho bese eqelelela ukulungise­la leso esingakaza­lwa. Lesi asideliley­o uyobe esamukela ukuthi ungumama nobaba kuso. Bese lezi ezinye ezihlohla ngamakhono nemfumdo. Izibalo zikhomba ukuthi intsha eningi iphila ngezibonel­elo, lapha uHulumeni angathi kulaba ababonelel­wa nguye njalo emuva kwezinyang­a eziyisithu­pha akuvuselel­we lolu xhaso ngokuthi umuntu aveze ubufakazi bokuthi kukhona isikhungo abhalise kuso sokufundis­a ngamakhono. Ngokwenza lokhu uHulumeni wethu uyobe ulungisa inkinga yamakhono kuleli. Futhi uyobe uyazisiza ngoba uba umuntu esenekhono thizeni usuke esezokwazi ukuba naye aqasheke bese eba ngumkhokhi wentela.

Lezi ziphakamis­o zontathu ngibona zingenza abayobe bebhala ngentsha ngeminyaka ezayo bangafani nathi ababhala ngosizi olufanayo bona bayobe sebebika ngezithelo zalokho uHulumeni akutshala manje.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa