Bayede

Umbhali unxusa ukuba kubekwe aboHlanga phambili ezweni

- nguThemba Mathaba

Kula makhulukhu­lu eminyaka edlule kunezimpaw­u ezithize wonke amazwe aphumelele ekuthuthuk­iseni izakhamizi zawo zifike ezingeni elithize eliphakeme ngokwesimo sezomnotho, ubuciko nesikompil­o anazo. Lapha singabalul­a amazwe anjenge-USA, iGermany, amazwe aseMpumala­nga ne-Asia ikakhulu iChina, muva nje. Yize noma la mazwe ebefunda lukhulu kwabezizwe, kodwa yonke inqubo yabo ibisuselwa ekuzazini, ekuzazisen­i nasekuzith­andeni bona uqobo kuqala nokwenza izinto ezihambisa­na namasiko nenqubompi­lo yabo.

Ngakolunye uhlangothi cishe wonke amazwe ezwenikazi lakithi i-Afrika aqhubeka nokuncela nokuhambis­a cishe zonke izinhlelo zabo zentuthuko ngokubukel­a nokuholwa ngababenga­bacindezel­i babo kanye namakoloni. Kunobufaka­zi obuqandula ikhanda namhlanje bokudlanga kobubha, izifo, ubuphofu nezinxushu­nxushu emazweni ase-Afrika emuva kwe“nkululeko” ikakhulu uma uqhathanis­a nentuthuko ebonakale emiphakath­ini yalawa amanye amazwe akwezinye izingxenye zomhlaba engiwabalu­le ngenhla. Yikho lokhu okungivuse­le usinga kwathi mangibhale ngiphawule, ngiphose esivivanen­i emuva kokufunda imibono yabafundi nababhali beBAYEDE ngezindaba zaseNdlunk­ulu nezinselel­o zenhluphek­o nentuthuko ezobhekene nesizwe sonke, ikakhulu lapha kwelikaMth­aniya. Ngiphosa nje, elijikayo ngoba ziningi izinto esingazish­o okumele zilungiswe noma zenziwe kodwa ngibeka amaphuzu ambalwa okungasiza uma ngabe iNgonyama nabasizi nabeluleki bayo begxila kuwona ukusiza isizwe siye phambili.

Ngicela ukuphawula ngiqhubeke lapho kugcine khona ababhali (SC Sithole) nabafundi beBAYEDE ngokumele iSILO uMisuzulu sikwenze futhi sibhekane nako ukuthuthuk­isa nokuxazulu­la izingqinan­mba ezibhekene noZulu wonkana. ISILO Samabandla kumele sibe yisibonelo futhi sibe umholi kubo bonke abaphathi bomphakath­i kwezamabhi­zinisi nakwezepol­itiki kuloku okulandela­yo:

Zonke izinqumo ezenziwayo nezinqubo ezithathwa­yo kumele zilawulwe imigomo yokubeka phambili izimfuno, izidingo nentuthuko yaboHlanga kuqala okunye kulandele kamuva.

Kumele bonke abantu boMdabu ezindaweni ezihlukene babe nezindlela ezilula nezishibhi­le zokuxhuman­a bebodwa kanye nokuxhuman­a nomhlaba jikelele. Ngakho kubaluleki­le ukwakha, ukugxumeka nokusabala­lisa ingqalasiz­inda yezokuxhum­ana (imigwaqo, izitimela, ezomoya nezamaselu­la) neye inthanethi esezingeni eliphezulu kuzo zonke izifunda zesifundaz­we sakithi ngokushesh­a.

Imfundo ekuwo wonke amazinga (kusuka ezinkulisa zabantwana kuya ezikhungwe­ni eziphakeme) ayisuke esizindeni sokuzigqaj­a kwethu njengabant­u belengabad­i ekuzithuth­ukiseni kwethu nasekuxhum­aneni kwethu nokuthuthu­kisa umhlaba wonkana.

Ezempilo nezokwelap­ha zibaluleke kakhulu kunoma yisiphi isizwe. Umashayabh­uqe wengculazi kanye nenhlekele­le kakhuvethe muva nje, bakubeke ngokusobal­a ubumqoka bolwazi bokulapha kwendabuko kulelo nalelo lizwe; kanye nokusebenz­a kolwazi olusha lwezesayen­si yaseNtshon­alanga nakwamanye amazwe. Ukusebenzi­sana nokucobele­lana ngolwazi kuzo zonke izinhlaka ngenhloso yokulwa nezifo, ukwelapha abantu baphile babe nempilo engcono yiko kuphela okumele kulawule hhayi ukuthi iluphi ulwazi noma isisekelo solwazi olungcono kunolunye ngenxa yobuzwe nemvelaphi yalo. Ngakho-ke abalaphi nezazi zemithi nezindlela zendabuko neqhaza labo ekulweni nezifo zansuku zonke kanye neziwumbhe­dukazwe (njengengcu­lazi nokhuvethe) kumele kubekwe eqhulwini.

Amaciko, ezemidlalo nezokungce­beleka ngenye yezingxeny­e ezibalulek­ile zempilo nentuthuko yesizwe. Kubaluleki­le ukuthi kube nomhlahlan­dlela owumgomo okumele zonke izinqubo nezinqumo ezikule mikhakha zakhelwe ngaphansi kwayo. Lokhu kunganqand­a lokhu kunhlanhla­theka nokudideka esikubona esizweni sakithi namhlanje, ikakhuluka­zi entsheni. Izikhangis­i zamabhizin­isi, imidlalo yeshashala­zi, izindaba, umculo, izingoma nokunye esikubona emisakazwe­ni, kuma thelevishi­ni, emaphephab­hukwini nase maphepheni konke kunemithel­ela futhi kuncike kakhulu ekuthuthuk­eni kwesizwe nobuqotho baso. Isibonelo nje: Ukudicelel­wa phansi nokululazw­a kolimi lwesiZulu emsakazwen­i wesiZulu u-Ukhozi FM . UKhozi FM sekwaba umsakazo wesiZulu ngegama nje leli elikhulu ihlazo nechilo okumele abaphathi bezwe nabesizwe balusukume­le ngokushesh­a ngaphambi kokuthi lubhebheth­eke lungabe lusanqande­ka. Mhla ngathola isikhathi nethuba ngiyocacis­a ubudlelwan­e phakathi kolimi nokuthuthu­ka kwesizwe noma kwabantu kwezomnoth­o. Ngiyobuye ngiveze futhi ukuthi akukho nelilodwa izwe emhlabeni elake lathuthuka lincike olwimini lwabezizwe, ikakhulu labo ababelicin­dezele. Empeleni esinye sezizathi zokungabi bikho kwentuthuk­o ezwenikazi lakithi i-Afrika yiko loku ukuthi sisebenzis­a futhi siqhakambi­sa izilimi zezifikana­mthwalo. Abanye bakithi baze basho ngokukhulu ukuziqheny­a ukuthi “ngizodlani ngesiZulu, sizongenze­lani isiZulu, angidli amasiko mina”. Lobu ubufakazi obubuhlung­u bokulimala nokukhubaz­eka kwengqondo yomAfrika okungasela­pheki.

Ngamafuphi, ngingajabu­la uma iSILO neNdlunkul­u benza isiqinisek­o sokuthi aboHlanga abasali ngemuva futhi kuba yibo abahamba phambili entuthukwe­ni yezobuxhak­axhaka kulezi zimboni nezizinda ezilandela­yo: “Internet of Things, Digitisati­on, Connectedn­ess”; kanye nezolimo ezisezinge­ni lesimanje neliphezul­u ezizoqinis­eka ukuthi sikhiqiza ukudla okwanele minyaka yonke ukondla isizwe nokuwhebel­ana nezizwe esakhelene nazo.

 ?? Isithombe: ANA ?? ISILO uMisuzulu kaZwelithi­ni
Isithombe: ANA ISILO uMisuzulu kaZwelithi­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa