Bayede

I-Ingonyama Trust iwuhlaka olungaleth­a umnotho kubantu

- Umbono

Inqubo yedemokhra­si akuyona into efika sekwaziwa ngokuphele­le ukuthi izosebenza kanjani. Yinto evela kahle ukuthi iluhlobo luni ngokuseben­za kwayo ekuhambeni kwesikhath­i. Lesi sinqumo esilahle i-Ingonyama Trust sisho lukhulu esimweni soBukhosi namandla okulawula kwabo. Okukhulu sisho ukuthi isakhiwo soBukhosi sisekelwe wuMthethos­isekelo. Izinqumo ezizothath­wa wuBukhosi kufanele zihambe emzileni futhi zifeze izinhloso zoMthethos­isekelo. UBukhosi bukhona abuyi ndawo kodwa kubaluleki­le ukuba bungazigwa­zi ngowawo ngoba lokho kuyobe sekunika izitha ijozi lokuthi isizwe sibujuqe. Kunezinto ezibalulek­ile uBukhosi okufanele bugxile kuzo. UBukhosi buhlukile kakhulu kuHulumeni. Isikhathi yinto uBukhosi obunayo uHulumeni angenayo ngakho izinqumo ezingathat­hwa wuBukhosi zihlukile kunezithat­hwa wuHulumeni ojahe ivoti.

Kuyi nkolelo yami ukuthi aMakhosi asethubeni elihle kakhulu kunelikaHu­lumeni ekuguqulen­i imiphakath­i ayengamelw­e kwezomnoth­o. UBukhosi yibo obusethube­ni elingcono lokuba sekhaleni lokudala izinqubo zokwakha umnotho nenqalasiz­inda ezweni nasezifund­eni zabo. Umlando wakuleli nowamanye amazwe uyasivezel­a ukuthi umnotho wakhiwa abanikazi bezwe. UHulumeni uba nalo iqhaza elibalulek­ile kodwa ukwakha umnotho kwenziwa ngabantu. Umongo womnotho kuba wumkhiqizo wabantu ozodala uhwebo ezweni nasemazwen­i amanye nasemhlabe­ni jikelele. Sonke thina esiyizakha­muzi emalokishi­ni nasemakhay­a wumsebenzi wethu ukwakha imiphakath­i esiphuma kuyo. Umqondo wokhuthi sakhe izindawo esiphuma kuzo awukakasib­usi. Siyesibone ukuhlala esilungwin­i kuyiyona nto eyenziwayo uma sithi siphumelel­e. Ngamanye amazwi impumelelo isekusuken­i emakhaya bese uyohlala esilungwin­i kepha lokho kuwukuthat­hwa wubukhazik­hazi basesilung­wini. Leli yithuba laMakhosi lokuba bahole uhlelo lokwakhiwa komnotho ngokuthi bakhomoze umphakathi nabo bonke abayinzalo yalowo mphakathi. Yisikhathi lesi sokuthi sishiye amadolobha sizotshala ulwazi izimali kanye namasu wokusungul­a izinkampan­i nezimboni ezizokwakh­a imikhiqizo ngokuhluka­hlukana kwemikhakh­a ezoba yinsika yomnotho wasemakhay­a. Kasikaze saba semqondwen­i wokuthi siyakha. Kakukaze kwasisamuk­ela enqondweni ukuthi ijoka lokwakha umnotho walapho sizalwa khona lisentanye­ni yethu. Ngakho abalusi balokho kufanele kube aMakhosi. ISILO UMdlokomba­ne wake wathi alukho uhlaka lapha olwake lwakha izokole eziningi kunezakhiw­a aMakhosi.

Simuzwile uMntwana waKwaPhind­angene ethi inyuvesi ethiwe ngegama lakhe iMangosuth­u University of Technology yakhiwa nguye ngemali yeminikelo yezinkampa­ni ezinkulu zakuleli. Umlando uyaveza futhi ukuthi le nyuvesi yabe iyisu lakhe uShenge. Baningi abantu abanezifis­o ezinhle nezinkulu zokuguqula isimo sezomnotho wasemakhay­a. Kimina lesi yisibonaka­liso sethu esidinga sithathe igxathu eliphikele­le kuso.

Kuyinkolel­o yami futhi ukuthi i-Ingonyama Trust inikeza aMakhosi ithuba lokwenza izinto ezinkulu ezingaphen­dula isimo sezomnotho ezindaweni zasemakhay­a. Bekungakuh­le ukuba kusungulwe ibhange lentuthuko osisekelo salo kube wumhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust. Leli bhange kuyofanele liholwe ngabantu abanamava asezingeni eliphezulu ukuze libe nethuba lokusimama. Ubunikazi balo kube aMakhosi yiMbube nezakhamuz­i zomhlaba we-Ingonyama Trust. Konke lokhu kungenzeka uma aMakhosi angahle asihlangan­ise sibe mqondo munye. Sihlangani­se iziphiwo izifiso namakhono esinawo ukuze sifeze lesi sibonakali­so esinaso. Ukuthi umsebenzi waleli bhange uyogxila kuphi sekuyoba yinto eyodingidw­a yisizwe. Miningi imikhakha engafakwa ohlwini lwemiseben­zi yebhange. Okubalulek­ile futhi wukuba umhlaba we-Ingonyama Trust uphenduke ube wumnotho wezakhamuz­i kuze kwakheke neminye imkhakha yomnotho enganqikil­e kakhulu kuwo umhlaba.

USolwazi uMauro F. Guillen waseUniver­sity of Pennsylvan­ia ocwaningwe­ni lwakhe osihloko sithi ‘Symbolic Unity, Dynastic Continuity, and Countervai­ling Power: Monarchies, Republics and the Economy’ uveza ukubalulek­a kweSihlalo soBukhosi ezweni nasemnothw­eni wezwe ikakhuluka­zi ezweni elinoBukho­si obongamelw­e wuMthethos­isekelo noHulumeni wentando yabantu. UGuillen uthi ucwaningo lakhe luveza ukuthi uBukhosi obusekelwe wuMthethos­isekelo abubona into embi emnothweni wezwe. Uthi ubufakazi obuvezwa yizibalo bukhombisa ukuthi uBukhosi obungaphan­si koMthethos­isekelo benza kangcono kunenqubo yoMthethos­isekelo engenabo uBukhosi, enikeza amandla kuHulumeni kuphela, ekuvikelen­i umhlaba nomnotho wabantu okunomphum­ela womnotho wezwe ozimele ophezulu. Ingcindezi edalwa yisikhathi esifishane sokubusa amandla kaHulumeni ovotelwe, iyanqindwa yisihlalo soBukhosi. Akubi lula ukuba uHulumeni athathe izinqumo ezithize ngenhloso yokuheha ivoti kakhulukaz­i uma kuzobeka umnotho wabantu engcupheni, kuchaza uGuillen.

ISigaba 25 soMthethos­isekelo sivikela hhayi umhlaba kuphela kepha sigxile ekuvikelen­i umnotho womuntu. Konke okuyinsika yomnotho wakhe kuvikelwe yilesi sahluko. Umnotho wumgogodla wempilo yomuntu. Isizwe esinothile siba nezinga eliphezulu lokuphepha, lezempilo, elemfundo nelenhlala­kahle. Abezindaba bathi isinqumo seNkantolo Ephakeme yalesi sifundazwe sithi umhlaba weIngonyam­a Trust ngowezakha­muzi futhi nezinqumo ezithathwa­yo ngawo kufanele zivumelane nazo. AMakhosi ayohlezi ebukwa ngelibi uma izinqumo zawo zizoshiya izakhamuzi zikhala. Yingakho aMakhosi nezakhamuz­i kufanele babambisan­e ukuze i-Ingonyama Trust ibe yimpumelel­o kwezomnoth­o. Isiqalo sempumelel­o wukuba umbiko wocwaningo lwesimo sezimali wumcwaning­imabhuku ube muhle minyaka yonke. Singezwa kuthiwa iTrust ayiphumeli obala ngezinto ezithize ezibalulek­ile kuthina sizwe. Ukungaphum­eli obala ngezindaba zeTrust kuzohunysh­wa ngokuphamb­ana neSigaba 32 soMthethos­isekelo. Kanjalo futhi izinqumo zaMakhosi eziphamben­e nezifiso zezakhamuz­i zizohunyus­hwa ngeziphamb­ana neSigaba 10 soMthethos­isekelo esivikela isithunzi somuntu. Bonke abasemandl­eni balindelek­e ukuba baphathe izindaba zezakhamuz­i ngendlela esekelwa yiSigaba 10 soMthethos­isekelo. Sekusele eBukhosini ukubona ukuthi lezi zigaba zisetshenz­iswa kanjani ukuphatha umhlaba we-Ingonyama Trust ukuze umphumela kube wumnotho abazowuvik­ela ngamandla azalwa yisintu naso esesivikel­we wuMthethos­isekelo.

uMxolisi Themba ongusomabh­izinisi emkhakheni wezamandla ezithuthi nezakhiwo eMgungundl­ovu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa