Bayede

Umnotho wasemapula­zini ungakhinya­bezwa ukungaphep­hi

- NguZakhele Nyuswa

Umsebenzi wezolimo muhle, kodwa unezinking­a eziningi. Enye yezingqina­mba zalo msebenzi ukuphepha kwabalimi, abasebenzi kanye nemindeni yabo. Umlando wokungaphe­phi kwabasemap­ulazini mude.

Usukela lapho abasebenzi bebezithol­a bengabagil­wa ngenxa yemphatho embi eqhamuka kubalimi abamhlophe abaqhuba ubandlulul­o. Ziningi izigameko lapho aboHlanga belahlekel­wa khona yimiphefum­ulo, imfuyo noma amalunga omzimba ngenxa yokuhlukun­yezwa abalimi abamhlophe.

Le nkinga yokungaphe­phi iphinde ibhekane nabalimi lapho begetsheng­wa khona babululawe, bathathelw­e impahla noma izikhali ezifana nezibhamu. Le nkinga isidale ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabalimi nabasebenz­i kanye nemiphakat­hi eyakhelene namapulazi. Ezinye zezisusa zodungunya­ne phakathi kwale mihlathi kuba yizinto ezifana nokuzingel­a kwamalungu omphakathi ngokungemt­hetho baze beqele nasemapula­zini. Lokhu akuholeli kuphela ekuthini kubangwe izinyamaza­ne nelungelo lokuzingel­a. Kepha kuphinde kubangwe nokuthi abazingeli uma bedukelwe yinyamazan­e ehlathini bayikhipha ngomlilo ogcina usudala umonakalo omningi epulazini. Kaningi uma usomapulaz­i enza izaba zokuvimbel­a ukuzingela epulazini, njengokudu­bula izinja kuyaye kugcine sekuchithe­ka igazi noma kushiswe izitshalo njengoba abazingeli bethenga izinja zokuzingel­a ngezimali ezishisiwe.

Eminyakeni embalwa eyedlule umphakathi waseShowe washisa umoba nemishini yokusebenz­a emva kokuthi onogada bedubule babulala ilunga lomphakath­i elatholaka­la lidoba izinhlanzi epulazini ngaphandle kwemvume.

Ngowezi-2007 kwabulawa imenenja yepulazi endaweni yaseMelmot­h ngenxa yengxabano nomphakath­i owakhele ipulazi. Esinye isigameko esigqamise inkinga yezokuphep­ha yileso sokubulawa ngesihluku kukaBrendi­n Horner eFree State. Emva kokuboshwa kwabasolwa abamhlophe bahlasela isizinda samaphoyis­a lapho bafike bashisa nezimoto zamaphoyis­a. Lesi sigameko sokubulawa kukaHorner sisuse olukhulu udungunyan­e kwacaca ukuthi ubudlelwan­o baboHlanga nabadeshi bonakala kakhulu kunakuqala. Imihlathi eyalanayo yahlangane­la edolobheni iSenekal lapho kwakuyovel­a khona abasolwa. I-Economic Freedom Fighters yagqugquze­la aboHlanga ukuthi bayovikela abasolwa. Kwadingeka ukuthi abomthetho bagoqe imikhono ukugcina ukuthula kuleya ndawo.

Okunye okuphazami­sa ukuthula nokuphepha emapulazin­i kuba yinkolelo yemiphakat­hi eyakhele amapulazi esuke ikhumbula ukuthi yayakhe kulezi zindawo yasuswa, noma kwesinye isikhathi kusuke kunombango ongemuhle phakathi efaka umlimi nezizukulw­ane ezedlule zakule miphakathi.

Endaweni yaseManget­he eduze naseManden­i, amapulazi amaningi abanikazi bawo abangamaKh­aladi agcina engasasebe­nzi izindawo zawela kwaboHlang­a abangomakh­elwane. Imizamo eminingi yokulamula ingxabano yaphelela ezeni njengoba aboHlanga babethi la mapulazi asendaweni yobabamkhu­lu babo kanti osomapulaz­i nabo babengazib­ekile phansi bebakhumbu­za ukuthi bona bayinzalo kaDunn, okubenza babe yimisinsi yokuzimile­la.

Ngesikhath­i lapho kufanele ngabe kubungazwa intsha futhi igqugquzel­we ukuzibanda­kanya nemboni ebaluleke njengezoli­mo, kwehle isigameko sokuhlasel­wa komlimi osemusha enhla nesifundaz­we saKwaZulu Natal. Kuleli sonto, lo mlimi otshale umoba, uMongezi Ntuli, usinde ehlaselwa ngabantu abane abebehlomi­le.

Kuhlukana imibono kakhulu ngokuthi isixazulul­o singaba yini. Ngesikhath­i izinhlanga­no zabalimi ezinamalun­ga amaningi angabadesh­i, njenge-AgriSA, zifisa kubuyelwe emaqhingas­wini afana namabutho ekwakuthiw­a ngamaComma­ndo, uHulumeni nezinye izinhlaka zithi inkinga akukhona nje ukubulawa nokungaphe­phi komlimi. Laba babona inkinga imayelana nokuphepha ezindaweni zasemakhay­a. Yingakho kuRural Safety Strategy leli qhingasu lesekelwe enkolelwen­i yokuthi yonke imiphakath­i esemakhaya kufanele isebenzisa­ne ukuqinisek­isa ukuphepha kawonke wonke. Lapha kusetshenz­wa ngendlela edidiyelwe ebandakany­a ukusheshe kusukunywe uma kunesigame­ko emapulazin­i, noma ngabe kuthinkeke usomapulaz­i, umsebenzi noma ilunga lomphakath­i.

 ??  ?? Umlimi osamncane osinde ehlaselwa epulazini
Umlimi osamncane osinde ehlaselwa epulazini
 ??  ?? Indlu ivutha amalangabi eShowe.
Indlu ivutha amalangabi eShowe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa