Liya ngokugula irandi ezimalini zomhlaba
Uma kuqhathaniswa nesonto eledlule irandi liba ntekenteke osekunokwesabela ukuthi lingahle lifike lize leqe e-R14 edoleni lase-USA. Asinazo izinkomba zangoLwesuthathu ngenxa yeholide ezweni lethu.
NgoLwesihlanu zili-11 kuNhlangulana 2021
Irandi livule linamandla kakhulu kuzo zonke izimali esizilandelayo. Edoleni livule liku-R13.54 kanti izolo belivule liku-R13.76. Kupondo livule liku-R19.26 kanti izolo livule liku-R19.41. Uma kubhekwa iyuro, irandi livule liku-R16.55, kanti izolo livule liku-R16.74. Igolide lona livule liyi-$1900. Uwoyela ongahluziwe uvule ungama-$72.31, kanti izolo uvule ungama-$71.67.
NgoMsombuluko zili-14 kuNhlangulana 2021
Akukho lutho olutheni enginalusho ngezinkomba zanamhlanje ekuseni njengoba irandi zonke izinkomba zomnotho zivule kabi kakhulu.
Irandi livule liku-R13.71 edoleni libe ezolo livule liku-R13.54. Kepha intengo yokuvula namhlanje ingcono kuneyangoLwesine olwedlule eyayi-R13.76.
Kupondo irandi livule liku-R19.31. Uma liqhathaniswa nentengo yayizolo ebili-R19.26. Kuyuro irandi livule liku-R16.61, kanti izolo livule liku-R16.55. Kepha isengcono kunentengo yangoLwesine olwedlule lapho lavula lise-R16.74. I golide livule liku US$1857, kanti izolo livule liyi-$1900. Uwoyela ongahluziwe uvule ungama-$73.35, uma kuqhathaniswa nentengo yangoLwesihlanu eyayingama-$72.31.
NgoLwesibili zili-15 kuNhlangulana 2021
Irandi lisaqhubeka nokudedela amandla ebeseliwatholile. Livule lithe ukuba ntekenteke liku-R13.77 edoleni kanti izolo livule liku-R13.77. Kupondo livule liku-R19.44, kanti izolo livule liku-R19.31. Kuyuro livule lise-R16.70 kanti izolo livule liku-R16.61. Igolide livule liyi$1865, kanti izolo intengo elivule ngayo ibiyi-$1857. Uwoyela ongahluziwe uvule ungama-$73.11, uma kuqhathaniswa nentengo yayizolo engama-$73.35.
NgoLwesine zili-17 kuNhlangulana 2021
Irandi livule liku-R13.98 edoleni omubi kunentengo yayizolo ebili-R13.77. Lena yintengo embi kunazo zonke emavikini amane. Kupondo livule liku-R19.57, kanti izolo livule liku-R19.44. Kuyuro livule lintekenteke nge-R16.77 njengoba izolo belivule liku-R 16.70. Igolide livule liyi-$1818, uma kubhekwa izolo livule liyi$1818. Uwoyela ongahluziwe uvule ungama-$74.15, uma kuqhathaniswa nama-$73.11 wayizolo.