Bayede

Ukuphokoph­elela kwelenyoni kuzovezwa umdlalo wakhe kuthelevis­hini

- NguSiyabon­ga Mtetwa

Ukuhlabahl­osa kwemidlalo yethelevis­hini kulezi zinsuku kuletha enkulu injabulo kubathandi bayo, abalingisi kanye nethimba lonke elisuke lisebenza kule midlalo. Nokwanda kwezinkund­la zokubukela le midlalo ezinjengeN­etflix, Showmax, nezinye sekuvulele ababhali kanye nabaqondis­i bemidlalo abaningi ikakhulu abasebanca­ne ithuba lokuba bakwazi ukukhombis­a imidlalo yabo kuthelevis­hini nakuzo lezi zinkundla.

Nyakenye isikhulu esengamele ukuhlelwa kwezinhlel­o zase-Afrika eNetflix uDorothy Ghettuba sathi bayakholel­wa kakhulu ezindabeni ezixoxwa ngabanikaz­i bazo ngoba ziyanemba ngamaqinis­o obunjalo bempilo ngaphandle kokuhlanek­ezela nokuvuna uhlanga, ulimi noma umlando othize, ugqibe omunye.

Yingaleso sizathu esenze ngakhuluma nensizwa esencane yaseMthwal­ume ogwini olusezansi nesifundaz­we nesizinze eGoli, uThabiso Mkhize (28) osebenza njengoMqon­disi nombhali womdlalo ozobe ukhonjiswa okokuqala ngqa kuMzansi Magic ngoMgqibel­o mhla zingama- 26 kwephezulu. Lo mdlalo oyifilimu nobizwa ngokuthi: “Phakathi eGoli”, uveza ububha nobunjalo bempilo yabahlali basemgwaqe­ni, ukuzikhand­la nokuba nesimo somqondo esibukhali nesihleze siphokophe­lele phambili.

“Lona umdlalo wami wokuqala ozokhonjis­wa kuMzansi Magic 161, nokuyinto engiyijabu­lela kakhulu njengoba uMzansi uzobona ubunjalo bempilo ngelinye iso kanye nokunotha kwekhono lami nokufana nesigxivis­o esiqinisek­isa ukuzikhand­la kwami yonke le minyaka edlule”, kusho le nsizwa neqale kulo mkhakha ilolongwa ngaphansi kohlelo lwabakwaMu­ltiChoice lokuthuthu­kisa ikhono lababhali nabaqondis­i abasebanca­ne.

Yize noma ziningi izingqinam­ba kulo mkhakha kodwa alukho ungabazane ngempumele­lo yale nsizwa eqhuba ithi ukuzinika isikhathi, uthando lokubhala nokwazi ukuthi ufuna ukugxila kuluphi uhlobo lwemidlalo kwenza izinto zibe ngcono ngaso sonke isikhathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa