AmaVenda amaningi ayehambisana neNkosi uMachado
INkosi uSingo wayekwazi ukuvikela abantu bakhe ezitheni ngokushaya izigubhu ezibizwa ngeNgoma kaLugondo izitha zethuke zibaleke. Lezi zigubhu zazibizwa ngokuthi ezabantu abafileyo. AbaLemba bazihlanganisa nabaVenda. Kucatshangwa ukuthi bayinzalo ka-Israel owalahleka ngesikhathi u-Israel esuka e-Egypt.
Ngowe-1948 kwafika abelungu bakha eSchoemansdal. Bahlushwa iNkosi uMachadobaze bahamba bashiya indawo ngowe-1867. Ukuhlushwa kwalaba belungu kwaqhubeka nasendodaneni kaMachado. Lokho kwaholela empini phakathi kwamaBhunu nabalandeli bakaMphephu, abagcina bebalekela eZimbabwe. AbaVenda babengenayo ingonyama babebuswa nje amakhosi azimele, ayenezinduna ezingaphansi kwawo. Umphakathi wabaVenda uhlukene kabili kukhona abantukazana naBantwana baMakhosi nezingane zabo.
Ukusokwa kwabesilisa abaVenda bakuthatha kubaPedi. abaVenda bakholwa nguNkulunkulu abambiza ngokuthi Modzimu namadlozi akubo. Nabo baganwa yisithembu.
AbaVenda babebuswa yiNkosi uRamabulana kwaze kwaba ngowe-1884, ngesikhathi ekhothama. Emuva kokushona kwakhe kwabanombango phakathi kwendodana yakhe uDhavana, ayeseyesulile njengenkosana yakhe, noMachado. UMachado owayesekwa ingxenye enkulu yesizwe samaVenda wabuthatha ubukhosi. UMachado wakhothama ngowe-1895.
Ekushoneni kwakhe umbuso wamaBhunu owabe uholwa nguPaul Kruger (Republican Government) waseka uSinthumele ukuthi abeyinkosi. USinthumele elekelelwa ngamaBhunu wamdudula uMphephu ngowe-1898 waze wamweza iLimpompo. Nokuba kwabanjalo ubukhosi babaVhenda busesezandleni zenzalo kaMphephu.
AmaShona
Umbuso waseZimbabwe kwakungumbuso wasendulo wamaShona ngekhulunyaka le15, umbuso wamanje owakhe ezizeni zawo. Igama liqhamuka emagameni esiShona athi “dzimba dze mbabwe” (great stones houses). Ikomkhulu lawo kwakuyiGreat Zimbabwe kusukela ngowama-600AD. Lo mbuso wakhula wamkhulu ngemumva kokuwa kombuso waseMapungubwe ngowe-1450.
Umbuso waseMapungubwe wawukade umiswe ngowe-1220. Ukuwa kwalo mbuso kwaholela ekuhlakazekeni kwamaShona. Indawo yombuso waseMapungubwe ngasenyakatho yathathwa ngumbuso waseMatupa nowaseButura, ngaseningizimu. Umbuso waseMatupa wenza izinguquko ekuphathweni kombuso (improved upon Zimbabwe administrative structure). Yombili le mibuso yagcina inginywe ngumbuso omkhulu nonamandla wamaShona weRowzi (Rowzi Empire). Le mibuso, owaseMutapa nowaseButara, yayiphethwe indlu yobukhosi beTorma (Torma dynasty). Umbuso weRowzi waze waphela ngekhulunyaka leshumi nesishiyagalombili.
Ngowe-1830 amaNdebele kaMzilikazi kaMashobana afika awunqoba umbuso weRowzi wabusuthatha amaShona wawafaka ngaphansi kwawo. AmaPhuthukezi nawo akhumuza kancane kancane umbuso weRowzi owawusunabele ogwini laseMozambique. AmaPhuthukezi alwa nezinsalela zombuso waseMutapa kwaze kwaba ngowe-1902. Amanye amaShona abaleka ayeVenda agcina eseyizakhamuzi zakhona. AmaShona akholwa uNkulunkulu ambiza ngoMwari nemimoya yabakubo abangasekho.
Inkolo nesikompilo labeNguni UMvelingqangi
AmaZulu namanye ama-Afrika akholwa ngukuthi umhlaba wabe uluketshezi okwathi nxa lunyakaza kwavele uMvelinqangi owadala zonke izinto esizibonayo nezingabonakali.
Lokhu kucishe kuhambisane nokushiwo yiBhayibheli ukuthi umhlaba wabe umbozwe ngamanzi. UMoya kaThixo wehla wenyuka phezu kotwa (lwamanzi) kwavela umhlaba owomile (Genesis
1:1-2). Kunenkolo yokuthi uMvelinqangi udabuke kanjani akutholakali eBhayibhelini, nakunoma iyiphi enye imfundiso. IBhayibheli lithi uMvelinqangi wabe ekhona naphakade akadalangwa, futhi akukaze kube khona isikhathi lapho ayengekho khona. Ngeke sifune ukudlula lapha ngoba okwami ukudlula lapha ngoba lokho okwambuliwe okwethu nabantwana bethu okufihliwe okukaNkulunkulu (Duteronomi 29:29).
UNomkhubulwana
Ngaphandle kukaMvelinqangi, owesibili kakhulu KwaZulu kwabe kunguNomkhubulwana, uNomdede. Wabe aziswa njengeNkosazana kaMvelinqangi. UNomkhubulwana wayedamane evela nje ezotshela abantu ukuthi unyaka olandelwayo unenala noma unendlala.
Izintombi ezaziqhamuka ezindaweni ezahlukahlukene zazilima insimu yeNkosazana ngezimvula zokuqala, ekupheleni kukaNtulikazi. Kwakutshalwa izinhlobonhlobo zembewu kushiywe kanjalo kungabiywa, kungahlakulwa futhi kungavunwa. Namuhla sebebancane abantu abasalilandela leli siko. KwelaseKenya kunenkolelo yokuthi ezikhathini eziphambili kwakunomuntu ngasohlangothini wayenomzimba wentombi enhle, uphuma langa sikothe, kuthi ngakolunye uhlangothi abenomzimba wendoda enhle. UNomkhubulwana wabe emele iqiniso nobulungiswa emvelweni.
UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayela ku: 082 6952800.