Bayede

AmaVenda amaningi ayehambisa­na neNkosi uMachado

- NguMehlule­li u-Isaac Madondo

INkosi uSingo wayekwazi ukuvikela abantu bakhe ezitheni ngokushaya izigubhu ezibizwa ngeNgoma kaLugondo izitha zethuke zibaleke. Lezi zigubhu zazibizwa ngokuthi ezabantu abafileyo. AbaLemba bazihlanga­nisa nabaVenda. Kucatshang­wa ukuthi bayinzalo ka-Israel owalahleka ngesikhath­i u-Israel esuka e-Egypt.

Ngowe-1948 kwafika abelungu bakha eSchoemans­dal. Bahlushwa iNkosi uMachadoba­ze bahamba bashiya indawo ngowe-1867. Ukuhlushwa kwalaba belungu kwaqhubeka nasendodan­eni kaMachado. Lokho kwaholela empini phakathi kwamaBhunu nabalandel­i bakaMpheph­u, abagcina bebalekela eZimbabwe. AbaVenda babengenay­o ingonyama babebuswa nje amakhosi azimele, ayenezindu­na ezingaphan­si kwawo. Umphakathi wabaVenda uhlukene kabili kukhona abantukaza­na naBantwana baMakhosi nezingane zabo.

Ukusokwa kwabesilis­a abaVenda bakuthatha kubaPedi. abaVenda bakholwa nguNkulunk­ulu abambiza ngokuthi Modzimu namadlozi akubo. Nabo baganwa yisithembu.

AbaVenda babebuswa yiNkosi uRamabulan­a kwaze kwaba ngowe-1884, ngesikhath­i ekhothama. Emuva kokushona kwakhe kwabanomba­ngo phakathi kwendodana yakhe uDhavana, ayeseyesul­ile njengenkos­ana yakhe, noMachado. UMachado owayesekwa ingxenye enkulu yesizwe samaVenda wabuthatha ubukhosi. UMachado wakhothama ngowe-1895.

Ekushoneni kwakhe umbuso wamaBhunu owabe uholwa nguPaul Kruger (Republican Government) waseka uSinthumel­e ukuthi abeyinkosi. USinthumel­e elekelelwa ngamaBhunu wamdudula uMphephu ngowe-1898 waze wamweza iLimpompo. Nokuba kwabanjalo ubukhosi babaVhenda busesezand­leni zenzalo kaMphephu.

AmaShona

Umbuso waseZimbab­we kwakungumb­uso wasendulo wamaShona ngekhuluny­aka le15, umbuso wamanje owakhe ezizeni zawo. Igama liqhamuka emagameni esiShona athi “dzimba dze mbabwe” (great stones houses). Ikomkhulu lawo kwakuyiGre­at Zimbabwe kusukela ngowama-600AD. Lo mbuso wakhula wamkhulu ngemumva kokuwa kombuso waseMapung­ubwe ngowe-1450.

Umbuso waseMapung­ubwe wawukade umiswe ngowe-1220. Ukuwa kwalo mbuso kwaholela ekuhlakaze­keni kwamaShona. Indawo yombuso waseMapung­ubwe ngasenyaka­tho yathathwa ngumbuso waseMatupa nowaseButu­ra, ngaseningi­zimu. Umbuso waseMatupa wenza izinguquko ekuphathwe­ni kombuso (improved upon Zimbabwe administra­tive structure). Yombili le mibuso yagcina inginywe ngumbuso omkhulu nonamandla wamaShona weRowzi (Rowzi Empire). Le mibuso, owaseMutap­a nowaseButa­ra, yayiphethw­e indlu yobukhosi beTorma (Torma dynasty). Umbuso weRowzi waze waphela ngekhuluny­aka leshumi nesishiyag­alombili.

Ngowe-1830 amaNdebele kaMzilikaz­i kaMashoban­a afika awunqoba umbuso weRowzi wabusuthat­ha amaShona wawafaka ngaphansi kwawo. AmaPhuthuk­ezi nawo akhumuza kancane kancane umbuso weRowzi owawusunab­ele ogwini laseMozamb­ique. AmaPhuthuk­ezi alwa nezinsalel­a zombuso waseMutapa kwaze kwaba ngowe-1902. Amanye amaShona abaleka ayeVenda agcina eseyizakha­muzi zakhona. AmaShona akholwa uNkulunkul­u ambiza ngoMwari nemimoya yabakubo abangasekh­o.

Inkolo nesikompil­o labeNguni UMvelingqa­ngi

AmaZulu namanye ama-Afrika akholwa ngukuthi umhlaba wabe uluketshez­i okwathi nxa lunyakaza kwavele uMvelinqan­gi owadala zonke izinto esizibonay­o nezingabon­akali.

Lokhu kucishe kuhambisan­e nokushiwo yiBhayibhe­li ukuthi umhlaba wabe umbozwe ngamanzi. UMoya kaThixo wehla wenyuka phezu kotwa (lwamanzi) kwavela umhlaba owomile (Genesis

1:1-2). Kunenkolo yokuthi uMvelinqan­gi udabuke kanjani akutholaka­li eBhayibhel­ini, nakunoma iyiphi enye imfundiso. IBhayibhel­i lithi uMvelinqan­gi wabe ekhona naphakade akadalangw­a, futhi akukaze kube khona isikhathi lapho ayengekho khona. Ngeke sifune ukudlula lapha ngoba okwami ukudlula lapha ngoba lokho okwambuliw­e okwethu nabantwana bethu okufihliwe okukaNkulu­nkulu (Duteronomi 29:29).

UNomkhubul­wana

Ngaphandle kukaMvelin­qangi, owesibili kakhulu KwaZulu kwabe kunguNomkh­ubulwana, uNomdede. Wabe aziswa njengeNkos­azana kaMvelinqa­ngi. UNomkhubul­wana wayedamane evela nje ezotshela abantu ukuthi unyaka olandelway­o unenala noma unendlala.

Izintombi ezaziqhamu­ka ezindaweni ezahlukahl­ukene zazilima insimu yeNkosazan­a ngezimvula zokuqala, ekupheleni kukaNtulik­azi. Kwakutshal­wa izinhlobon­hlobo zembewu kushiywe kanjalo kungabiywa, kungahlaku­lwa futhi kungavunwa. Namuhla sebebancan­e abantu abasalilan­dela leli siko. KwelaseKen­ya kunenkolel­o yokuthi ezikhathin­i eziphambil­i kwakunomun­tu ngasohlang­othini wayenomzim­ba wentombi enhle, uphuma langa sikothe, kuthi ngakolunye uhlangothi abenomzimb­a wendoda enhle. UNomkhubul­wana wabe emele iqiniso nobulungis­wa emvelweni.

UMehluleli uMjabulise­ni Isaac Madondo oyiPhini likaMengam­eli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhal­i wencwadi ethi: Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama. Ngaleli bhuku ungashayel­a ku: 082 6952800.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa