Kuqala kuwubala kugcine sekuyisizemazema
Kunamagama aqala kancane kuphethe ngokuthi achuma amukelwe njengeqiniso. Lokhu kwenzeka cishe kuyo yonke imikhakha yempilo nezikhathi ngoba vele kusuke kwenziwa ngabantu. Abenzi basuke benezinhloso ezinhle nezimbi, kepha okukhulu kuba yilezo ezimbi kakhulu uma sibuka izwekazi i-Afrika.
Kukhona nje igama elithi kukhona ‘inkolo yobu-Afrika’. Ngenxa yaleli gama sesike sizwe sekukhona nabantu ababizwa nabazibiza ngezazi noma osolwazi bale nkolo. Akugcini lapho ngoba abanye baze bahlukanise amahlelo abo namanye ngalo leli lokuthi awabo alandela inkolo yobu-Afrika.
Mhlawumbe ukuqala sibheke lokhu kumele siqale sivumelane ukuthi leli le nkolo lisuka olimini lwawo yini ama-Afrika noma lisuka ngaphandle. Ngabe okhokho bethu uma benza lokhu okwabe kuyimvelo kubo ababekubiza ngesiko kungaphandle yini kwalokhu okubizwa ngenkolo yobu-Afrika? Nokuthi engabe kwabe kuyinkolo yini nokuthi uma kwabe kungeyikho pho kuyindaba kabani?
Akuyona imfihlo ukuthi izwekazi i-Afrika langenwa yizimfundiso ezahlukene kubalwa eyobuKhrestu naleyo yobuSulumane. Zombili lezi zimfundiso zafika nokwehlukile yize kwahamba kwahamba ezinye zabe sezenza imizamo yokuba kube nokuhambisanayo phakathi kwazo nosiko lwama-Afrika. Lokhu kungenwa kwaguqula ngisho ukubizwa kwenzinto kwathi lokhu okwabe kwaziwa ngaboHlanga njengesiko kwasa ‘sekuyisono’. Leli gama lesono labe linokugxeka nokubukela phansi izimiso zaboHlanga.
Leli gama lesono lachuma kwaze impela kwakholakala ukuthi okuyizimiso nesiko laboHlanga kakulungile. Okwaba kubi kakhulu wukuthi nabo aboHlanga base bekukholwa lokho njengoba nanamuhla besakholwa ukuthi kukhona okungalungile ngabo. Ngeshwa lokhu yikho osekuchithe imizi eminigi kwadala nokungathembani nokudelelelana konke kuqale kancane kancane. Iqiniso lithi akukho okonakele ngama-Afrika nezimiso zawo futhi akanasikweletu sokude ezichaza kumuntu ngezimiso zawo.