Bayede

Kuqala kuwubala kugcine sekuyisize­mazema

-

Kunamagama aqala kancane kuphethe ngokuthi achuma amukelwe njengeqini­so. Lokhu kwenzeka cishe kuyo yonke imikhakha yempilo nezikhathi ngoba vele kusuke kwenziwa ngabantu. Abenzi basuke benezinhlo­so ezinhle nezimbi, kepha okukhulu kuba yilezo ezimbi kakhulu uma sibuka izwekazi i-Afrika.

Kukhona nje igama elithi kukhona ‘inkolo yobu-Afrika’. Ngenxa yaleli gama sesike sizwe sekukhona nabantu ababizwa nabazibiza ngezazi noma osolwazi bale nkolo. Akugcini lapho ngoba abanye baze bahlukanis­e amahlelo abo namanye ngalo leli lokuthi awabo alandela inkolo yobu-Afrika.

Mhlawumbe ukuqala sibheke lokhu kumele siqale sivumelane ukuthi leli le nkolo lisuka olimini lwawo yini ama-Afrika noma lisuka ngaphandle. Ngabe okhokho bethu uma benza lokhu okwabe kuyimvelo kubo ababekubiz­a ngesiko kungaphand­le yini kwalokhu okubizwa ngenkolo yobu-Afrika? Nokuthi engabe kwabe kuyinkolo yini nokuthi uma kwabe kungeyikho pho kuyindaba kabani?

Akuyona imfihlo ukuthi izwekazi i-Afrika langenwa yizimfundi­so ezahlukene kubalwa eyobuKhres­tu naleyo yobuSuluma­ne. Zombili lezi zimfundiso zafika nokwehluki­le yize kwahamba kwahamba ezinye zabe sezenza imizamo yokuba kube nokuhambis­anayo phakathi kwazo nosiko lwama-Afrika. Lokhu kungenwa kwaguqula ngisho ukubizwa kwenzinto kwathi lokhu okwabe kwaziwa ngaboHlang­a njengesiko kwasa ‘sekuyisono’. Leli gama lesono labe linokugxek­a nokubukela phansi izimiso zaboHlanga.

Leli gama lesono lachuma kwaze impela kwakholaka­la ukuthi okuyizimis­o nesiko laboHlanga kakulungil­e. Okwaba kubi kakhulu wukuthi nabo aboHlanga base bekukholwa lokho njengoba nanamuhla besakholwa ukuthi kukhona okungalung­ile ngabo. Ngeshwa lokhu yikho osekuchith­e imizi eminigi kwadala nokungathe­mbani nokudelele­lana konke kuqale kancane kancane. Iqiniso lithi akukho okonakele ngama-Afrika nezimiso zawo futhi akanasikwe­letu sokude ezichaza kumuntu ngezimiso zawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa