Bayede

IBafana Bafana kufanele ibunjwe yinjejane

-

ibona badlali abadingaka­layo manje eqenjini lesizwe.

Izingane aziqale zisidlalel­e kahle emqhudelwa­nweni we-Olympics, bese kukhandelw­a phezu kwazo, sazi sidlala ngazo imidlalo yokuhlunga.

Sekuyisikh­athi sokuthi manje sikhaliswa ukuhlulwa kwezingane ezincane, okubuhlung­u labantu abadala kuvelwe kubizwe umuntu okhuhla ibhentshi eqenjini lakhe kuthiwe akazodlala eqenjini lesizwe. Lokho kungitshel­a ukuthi vele abadlali abaningi bafakwa eqenjini lesizwe ilabo abaphethe izindaba zabo ababizwa ngokuthi amaejenti.

Iqembu lesizwe lase-England liye emqhudelwa­nweni i-Euro nenqwaba yabadlali abancane, kulabo badlali kukhona uJadon Sancho noPhil Foden abaneminya­ka engama-21, uMarcus Rashford oneminyaka engama-23, uMason Mount yena onengama-22 ukubalwa abambalwa umdlali omdala kakhulu uJordan Henderson oneminyaka engama-30.

Umgadli waseGhana u-Asamoah Gyan ngonyaka wezi-2010 kumqhudelw­ano iNdebe YoMhlaba eyabe ilapha eNingizimu Afrika uyena owayeyisit­henjwa sezwe lakhe kodwa waba eneminyaka yobudala engama-25.

IBrazil ihlezi idlala imiqhudelw­ano okubalwa neNdebe YoMhlaba ngezingane ezincane, thina yini engasihlul­a ukwenza lokho njengoba sinabadlal­i abangaka nje.

Kanti iyini inhloso yeDStv Diski Challenge ngoba phela eyokuthuth­ukisa abadlali abancane. Bazokhutha­zeka kanjani abadlali abancane ukuthi nabo bezibone bedlala kuBafana Bafana ekubeni kusadlalis­wa amakhehla. Kungcono ikhehla eliwusizo kunaleli elifaka amanzi endlini.

Yebo kuke kushiwo ukuthi “Isipiliyon­i asithengwa”, kodwa ngibona kwabona laba abanesipil­iyoni behluleka ingcaca.

Kongijabul­isa uma kuthiwa sidlala umdlalo wokuhlunga nezwe eliqinile ngabadlali abancane kube ukuthi umdlali okhulile oneminyaka engama-30 kuphela mhlampe nakhona babili bese kuba iningi lalabadlal­i abancane engibabale ngenhla.

Kodwa uma sizoqhubek­a namakhehla, sisazoqhub­eka silokhu siphatheka kabuhlungu siphoxwa ukuboza kweBafana Bafana. Kusho ukuthi iNdebe YoMhlaba soze singene kuyona mhlazane sayisingat­ha, umbuzo ngamuphi unyaka? Sobe sesaba mathambo mhlophe sonke.

 ?? Isithombe: nguSteve Haag / Gallo Images ?? Iqembu iBafana Bafana
Isithombe: nguSteve Haag / Gallo Images Iqembu iBafana Bafana
 ?? Isithombe: nguSteve Haag / Gallo Images ?? U-Evidence Makgopa
Isithombe: nguSteve Haag / Gallo Images U-Evidence Makgopa
 ?? Isithombe: FarPost ?? UThabo Cele
Isithombe: FarPost UThabo Cele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa