IBafana Bafana kufanele ibunjwe yinjejane
ibona badlali abadingakalayo manje eqenjini lesizwe.
Izingane aziqale zisidlalele kahle emqhudelwanweni we-Olympics, bese kukhandelwa phezu kwazo, sazi sidlala ngazo imidlalo yokuhlunga.
Sekuyisikhathi sokuthi manje sikhaliswa ukuhlulwa kwezingane ezincane, okubuhlungu labantu abadala kuvelwe kubizwe umuntu okhuhla ibhentshi eqenjini lakhe kuthiwe akazodlala eqenjini lesizwe. Lokho kungitshela ukuthi vele abadlali abaningi bafakwa eqenjini lesizwe ilabo abaphethe izindaba zabo ababizwa ngokuthi amaejenti.
Iqembu lesizwe lase-England liye emqhudelwanweni i-Euro nenqwaba yabadlali abancane, kulabo badlali kukhona uJadon Sancho noPhil Foden abaneminyaka engama-21, uMarcus Rashford oneminyaka engama-23, uMason Mount yena onengama-22 ukubalwa abambalwa umdlali omdala kakhulu uJordan Henderson oneminyaka engama-30.
Umgadli waseGhana u-Asamoah Gyan ngonyaka wezi-2010 kumqhudelwano iNdebe YoMhlaba eyabe ilapha eNingizimu Afrika uyena owayeyisithenjwa sezwe lakhe kodwa waba eneminyaka yobudala engama-25.
IBrazil ihlezi idlala imiqhudelwano okubalwa neNdebe YoMhlaba ngezingane ezincane, thina yini engasihlula ukwenza lokho njengoba sinabadlali abangaka nje.
Kanti iyini inhloso yeDStv Diski Challenge ngoba phela eyokuthuthukisa abadlali abancane. Bazokhuthazeka kanjani abadlali abancane ukuthi nabo bezibone bedlala kuBafana Bafana ekubeni kusadlaliswa amakhehla. Kungcono ikhehla eliwusizo kunaleli elifaka amanzi endlini.
Yebo kuke kushiwo ukuthi “Isipiliyoni asithengwa”, kodwa ngibona kwabona laba abanesipiliyoni behluleka ingcaca.
Kongijabulisa uma kuthiwa sidlala umdlalo wokuhlunga nezwe eliqinile ngabadlali abancane kube ukuthi umdlali okhulile oneminyaka engama-30 kuphela mhlampe nakhona babili bese kuba iningi lalabadlali abancane engibabale ngenhla.
Kodwa uma sizoqhubeka namakhehla, sisazoqhubeka silokhu siphatheka kabuhlungu siphoxwa ukuboza kweBafana Bafana. Kusho ukuthi iNdebe YoMhlaba soze singene kuyona mhlazane sayisingatha, umbuzo ngamuphi unyaka? Sobe sesaba mathambo mhlophe sonke.